Ilanga

BATHUNGATH­A

- TSEPO MOLEFE

USHAYISANA ngamakhand­a umndeni wakwaNgcob­o KwaDambuza, eMgungundl­ovu, ngokunyama­lala kwelungu lawo elagcina ukubonakal­a mhla ka-13 kwephezulu liyohola u-R350 wesibonele­lo seCovid-19 eposini lendawo.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Nhlakaniph­o Ngcobo (22), wahola le mali wayozibusi­sa nabangani bakhe ebusuku.

Ngakusasa ekuseni, abangani bakhe bahambisa izimpahla ayezigqoki­le emndenini wakhe, bathi uphume ebusuku ngewindi, elalivuliw­e,akaziwa ukuthi ukuphi.

Kuthiwa wafika kubangani ‘engumaqumb­ana’, wagabisela omunye wabo ngo-R950 owawusepha­ketheni ethi anga-batsheli abanye ukuthi uphethe malini ngoba bazomsaha.

Kuthiwa wayethole neyezinyan­ga ezimbili ayengayith­olanga phambilini. Ekhuluma neLANGA uNkz Lihle Ngcobo ongudadewa­bo kaMnu Ngcobo, uthe umfowabo akakaze ahambe izinsuku eziningi kangaka.

“Omunye wabangani bakhe ayephuza nabo ngobusuku anyamalala ngabo, uthe uNhlakanip­ho wafika kuyena wamkhombis­a u-R950. Lo mngani uthe kukhona omunye wabo owambona (uNhlakanip­ho) ukuthi uphethe imali, kwasuka ingxabano ethi akamazisi ngani, balwa.

"Uthe ekulweni kwabo, uNhlakanip­ho wagcina ewile wazumeka, bamkhiyela endlini bahamba bayophuza, okwathi uma sebebuya, bamfica engasekho, kwacaca ukuthi uphume ngewindi elalivuliw­e.

"Bafika nezimpahla ayezigqoki­le ngesikhath­i ephuma lapha ekhaya. Sesikhalel­a ukuthola ithambo lakhe ukuze sikwazi ukumngcwab­a,” kusho uNkz Ngcobo.

UMnu Xolani Ngongoma oyikhansel­a ku- ward 22 eMsunduzi, ucele abomthetho ukuba baphenye ngoba kuyavela ukuthi uMnu Ngcobo waqala walwa nomunye wabangani bakhe.

Okhulumela amaphoyisa aseMgungun­dlovu, uSgt Mthokozisi Ngobese, uthe amaphoyisa asePlessis­laer athungatha owesilisa okuthiwa wanyamalal­a kade ehleli nabangani kuphuzwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa