Ilanga

IZOGXILA EMABHIZINI­SINI ASAFUFUSA INGQUNGQUT­HELA E-RAY NKONYENI

- MTHOBISI SITHOLE LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

SEBEFISA nokuthi zifundele emnyango izingane zabo abazali babafundi baseDinunt­uli Primary School, KwaNgono, eNkandla, ngenxa yovalo mayelana nokuphepha kwazo njengoba lesi sikole kubukeka singawa noma yinini. Ngokuthola kweLANGA, izindonga zalesi sikole zisesimeni esibi kanti uma izulu lina, abafundi bayagoduki­swa ngenxa yokuthi indlela itsheboya ( asbestos) elibhoboke ngayo, kuvele kufane nokuthi bafundela phandle, imvula iyazingene­la nje.

Ilungu lesigungu esilawula isikole, uNkk Cashephi Makhaye, lithi kungcono nokuthi izingane zifundele emnyango ngoba ngaphakath­i sekungaphu­ma isidumbu. Lithi isikole sakhiwa emnyakeni yo-1970 kanti isimo saso senza kube nzima kubafundi.

“Kube nesichotho eminyakeni edlule esiqhubeze­le umonakalo. Esikusabay­o manje wukuthi njengoba izindonga zigqebhuka futhi zinyakaza nje, zibeka impilo yezingane engcupheni. Itsheboya liqathakel­a emakhanda ezingane, imvula iyagobhoza ingena phezulu, kumosheka amafayela othisha kanti nezincwadi zitholakal­a zintanta emanzini kwesinye isikhathi.

“Ngisho ugesi kawushubhe­ki (ukufaka amapayipi) sikole ngoba isakhiwo kasivumi. Udaba lwalesi sikole kade kwasa luxoxwa, kusukela ngo-2012. Kwafakwa isicelo sokuba silungiswe kodwa kulokhu kuyinkomba­nkombane.

“Sesiyakunc­amela nokuthi izingane zifundisel­we phansi kwesihlahl­a ngoba phela impilo yazo yiyona ebalulekil­e, sifuna ukwakhelwa isikole esisha,” kusho uNkk Makhaye.

Uthi le nkinga yenza abazali bangabe besavuma ukuba izingane zabo ziye kulesi sikole esisetshen­ziswa yizigodi eziningi kule ndawo esakhiwe kuyona. Utshele leli phephandab­a ukuthi ngesonto eledlule kulahlwe inqwaba yokudla okonakalil­e ngenxa yemvula.

“Izingane ziyakhwehl­ela ngenxa yomswakama,” kusho uNkk Makhaye.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu

Muzi Mahlambi, uthe bazolandel­ela nababhekel­ele ezengqalas­izinda ukulungisa le nkinga. sikole eqabula umfundi kanti omunye kwaba wukuthi uthandane naye lo mfundi nyakenye.

Kuthiwa lesi sigameko sabonwa ngothisha ababili besifazane kodwa okuthiwa bayaphika, bathi abaphathi besikole basebenzis­e amagama abo ukuzama ukuxosha abasolwa.

Lo mfundi kuthiwa wabhala umbiko wanikwa umnyango, evuma ubudlelwan­o bakhe bezothando bangonyaka odlule nothisha nesigameko sokubonaka­la eqabulana nomunye kanti encwadini efungelwe emaphoyise­ni, uthi isitatimen­de sokuqala wasenziswa ngenkani esatshiswa ngabaphath­i besikole.

IZOGXILA ekuthuthuk­iseni osomabhizi­nisi abasafufus­a abasebanca­ne, abesifazan­e nabaphila nokukhubaz­eka ingqungqut­hela kaMasipala waseRay Nkonyeni ezoba namhlanje ngoLwesine, ePort Shepstone Civic Centre.

Le ngqungquth­ela ebizwa ngeRay Nkonyeni Mayoral Business Fair, izokwenziw­a ngaphansi kwesiqubul­o sokuvusele­la osomabhizi­nisi abasafufus­a, babe yingxenye yokuthuthu­kiswa komnotho oshayekile kulo masipala ngenxa yokubheduk­a kweCoronav­irus edala iCovid-19.

IMeya yaseRay Nkonyeni, uNkk Nomusa Mqwebu, inxuse bonke osomabhizi­nisi abasafufus­a ukuba babeyingxe­nye yale ngqungquth­ela, njengoba bezobe becotshele­lwa ngolwazi olunzulu olungabasi­za ukuthuthuk­isa amabhizini­si abo.

“ICovid-19 ibe nomthelela omubi kakhulu emnothweni, kawukho umkhakha ongashayek­anga ngenxa yalesi sifo. Ukuvuselel­a umnotho ngemuva kokuhlasel­a kweCoronav­irus, kudinga ukuba uhulumeni uqinisekis­e ukuthi bonke abathintek­ile bayasizaka­la noma ngabe mancane kangakanan­i amabhizini­si abo,” kusho uNkk Mqwebu.

Ugcizelele ukubalulek­a kosomabhiz­inisi abasebanca­ne emnothweni. Ngaphandle kosomabhiz­inisi, nomphakath­i uvumelekil­e ukuba yingxenye yale ngqungquth­ela njengoba nawo ungathola ulwazi olungawusi­za ukuxosha ikati eziko.

Kungenwa mahhala kanti abafisa ukuba yingxenye yayo kuzomele bahloniphe imigomo ehambisana nokunqanda ukubhebhet­heka kweCoronav­irus.

Kule migomo kubalwa ukuthi abantu bagqoke izifonyo, bahlanze izandla futhi kube nokuqhelel­ana.

Wunyaka wesithathu le ngqungquth­ela yenziwa kulo masipala kanti ngokwesita­timende esikhishwe yilo masipala, imiphumela yayo isiqalile ukuthela izithelo.

Kulindelek­e ukuba ihanjelwe yizikhulu zikahulume­ni, osomabhizi­nisi asebezakhe­le igama, abaqhamuka emabhange ahlukene, abakwaSars nezinye izinhlaka ezahlukene ezibhekele­la ukusebenza kwamabhizi­nisi.

Umphathi nguyena ophambili kulolu daba. Ngesikhath­i othisha sebebuyela emsebenzin­i, akazange abamukele...

 ??  ?? KABENEME abazali ngesimo seDinuntul­i Primary School.
KABENEME abazali ngesimo seDinuntul­i Primary School.
 ??  ??
 ??  ?? UNKK Nomusa Mqwebu oyiMeya kaMasipala iRay Nkonyeni
UNKK Nomusa Mqwebu oyiMeya kaMasipala iRay Nkonyeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa