Kuvalwe umasipala 'ngenxa yemenenja'
Bayisola ngokuthi izenzela umathanda, bathi nenkohlakalo idla lubi kuMasipala waseMngeni
ZIBHAJWE namageja etsheni kuMasipala waseMngeni ovalwe ngamalungu omphakathi waseHowick namaphethelo ngoLwesine, ofunge wagomela wathi ngeke uvulwe lo masipala ingakaxoshwa imenenja yawo, esolwa ngenkohlakalo.
Umphakathi usuwuvala okwesibili umasipala njengoba ILANGA like labika ngenyanga edlule ukuthi uke wavalwa amasonto amathathu kungasetshenzwa.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, umphakathi uphinde wawuvala lo masipala ngoLwesine. Bewubhikisha esangweni uthi imenenja yawo, uNkz Thembeka Cibane kayinandaba nabantu baseMngeni.
ILANGA lihambele kuwona ngoLwesibili, lafika kuneqeqebana lomphakathi obudlubhe izikibha ze-ANC. Uthe ububhikisha ngaphandle kwalo masipala ngoba ubona sengathi izikhalo zawo kazilalelwa nhlobo.
“Ngesikhathi siqala ukubhikisha lapha, sacela ubuholi be-ANC ukuba bungenelele ngoba sibona ukuthi umasipala uphenduka indawo lapho abantu bezenzela khona umathanda. Isikhalo sethu esikhulu simayelana nemenenja ezenzela umathanda.
"Kunenkohlakalo esesikhale kaningi ngayo njengoba kunezinkampani ezizodwa ezisebenza kulo masipala, kodwa ezasendaweni kazinikwa nhlobo ithuba,” kusho esinye sezakhamizi.
Kunemithombo esola ukuthi ukubhikisha kwalezi zakhamizi kuphekwa ngabathile njengoba kusolwa ukungabhekani phakathi kukaNkz Cibane nemeya, uMnu Sipho Sokhela. Imithombo yaleli phephandaba ithi ukungezwani kwabo kwaqala ngesikhathi imenenja ivala ompompi abathile "okwakuphuza" kubona imeya nabathile abasondelene nayo.
Ngesikhathi uMnu Sokhela eziphendulela ngalezi zinsolo odabeni lwethu lwaphambilini, waphika wathi ungomunye wabantu abebejahe ukuba kuqashwe imenenja ngoba kwake kwahlalwa isikhathi eside kunamabamba ezimenenja.
Ethintwa ngokuvalwa kwalo masipala okwesibili, uthe lolu daba selubucayi kakhulu, akasakwazi ukukhuluma ngalo.
“Senza konke okusemandleni ethu ukuthi lesi simo silunge ngoba ukuvalwa kukamasipala kuphazamisa uhlelo lokuyisa izidingo kubantu,” kusho uMnu Sokhela.
Umphakathi ubuye ukhale ngokwenzelwa phansi wubuholi beANC KwaZulu-Natal, othi ubike kubona lolu daba kodwa kucwebe iziziba. Ucingo lukaNkz Cibane belungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.
UMnu Nhlakanipho Ntombela okhulumela i-ANC KwaZuluNatal, uthe njengenhlangano bayalwazi udaba lwaseMngeni futhi akulona iqiniso ukuthi kabangenelelanga, kepha nakho ukungenelela akusho ukuthi zonke izinto zenzeka ngokushesha.
"Akuwona umsebenzi wethu ukuphenya ngezinsolo zenkohlakalo kumasipala, wumsebenzi woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZuluNatal. Laphaya sithumele ithimba eseliye kwaze kwaba kabili.
"Silinde lo mnyango usitshele ukuthi usukuphi nophenyo lwawo, okungeyona into ethatha izinsuku noma isonto elilodwa, akusetshenzwa kanjalo kuhulumeni,” kusho uMnu Ntombela.
UMnu Senzelwe Mzila okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kwaZulu-Natal, uthe: "Ungqongqoshe uMnu Sipho Hlomuka unxusa umphakathi ukuba ulandele imigudu efanele uma unezikhalo."