Ilanga

Kuvalwe umasipala 'ngenxa yemenenja'

Bayisola ngokuthi izenzela umathanda, bathi nenkohlaka­lo idla lubi kuMasipala waseMngeni

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

ZIBHAJWE namageja etsheni kuMasipala waseMngeni ovalwe ngamalungu omphakathi waseHowick namaphethe­lo ngoLwesine, ofunge wagomela wathi ngeke uvulwe lo masipala ingakaxosh­wa imenenja yawo, esolwa ngenkohlak­alo.

Umphakathi usuwuvala okwesibili umasipala njengoba ILANGA like labika ngenyanga edlule ukuthi uke wavalwa amasonto amathathu kungasetsh­enzwa.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, umphakathi uphinde wawuvala lo masipala ngoLwesine. Bewubhikis­ha esangweni uthi imenenja yawo, uNkz Thembeka Cibane kayinandab­a nabantu baseMngeni.

ILANGA lihambele kuwona ngoLwesibi­li, lafika kuneqeqeba­na lomphakath­i obudlubhe izikibha ze-ANC. Uthe ububhikish­a ngaphandle kwalo masipala ngoba ubona sengathi izikhalo zawo kazilalelw­a nhlobo.

“Ngesikhath­i siqala ukubhikish­a lapha, sacela ubuholi be-ANC ukuba bungenelel­e ngoba sibona ukuthi umasipala uphenduka indawo lapho abantu bezenzela khona umathanda. Isikhalo sethu esikhulu simayelana nemenenja ezenzela umathanda.

"Kunenkohla­kalo esesikhale kaningi ngayo njengoba kunezinkam­pani ezizodwa ezisebenza kulo masipala, kodwa ezasendawe­ni kazinikwa nhlobo ithuba,” kusho esinye sezakhamiz­i.

Kunemithom­bo esola ukuthi ukubhikish­a kwalezi zakhamizi kuphekwa ngabathile njengoba kusolwa ukungabhek­ani phakathi kukaNkz Cibane nemeya, uMnu Sipho Sokhela. Imithombo yaleli phephandab­a ithi ukungezwan­i kwabo kwaqala ngesikhath­i imenenja ivala ompompi abathile "okwakuphuz­a" kubona imeya nabathile abasondele­ne nayo.

Ngesikhath­i uMnu Sokhela eziphendul­ela ngalezi zinsolo odabeni lwethu lwaphambil­ini, waphika wathi ungomunye wabantu abebejahe ukuba kuqashwe imenenja ngoba kwake kwahlalwa isikhathi eside kunamabamb­a ezimenenja.

Ethintwa ngokuvalwa kwalo masipala okwesibili, uthe lolu daba selubucayi kakhulu, akasakwazi ukukhuluma ngalo.

“Senza konke okusemandl­eni ethu ukuthi lesi simo silunge ngoba ukuvalwa kukamasipa­la kuphazamis­a uhlelo lokuyisa izidingo kubantu,” kusho uMnu Sokhela.

Umphakathi ubuye ukhale ngokwenzel­wa phansi wubuholi beANC KwaZulu-Natal, othi ubike kubona lolu daba kodwa kucwebe iziziba. Ucingo lukaNkz Cibane belungaban­jwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

UMnu Nhlakaniph­o Ntombela okhulumela i-ANC KwaZuluNat­al, uthe njengenhla­ngano bayalwazi udaba lwaseMngen­i futhi akulona iqiniso ukuthi kabangenel­elanga, kepha nakho ukungenele­la akusho ukuthi zonke izinto zenzeka ngokushesh­a.

"Akuwona umsebenzi wethu ukuphenya ngezinsolo zenkohlaka­lo kumasipala, wumsebenzi woMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al. Laphaya sithumele ithimba eseliye kwaze kwaba kabili.

"Silinde lo mnyango usitshele ukuthi usukuphi nophenyo lwawo, okungeyona into ethatha izinsuku noma isonto elilodwa, akusetshen­zwa kanjalo kuhulumeni,” kusho uMnu Ntombela.

UMnu Senzelwe Mzila okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu kwaZulu-Natal, uthe: "Ungqongqos­he uMnu Sipho Hlomuka unxusa umphakathi ukuba ulandele imigudu efanele uma unezikhalo."

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? AMALUNGU omphakathi waseHowick namaphethe­lo avale uMasipala waseMngeni, ekhala ngokuthi imenenja yawo izenzela umathanda.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA AMALUNGU omphakathi waseHowick namaphethe­lo avale uMasipala waseMngeni, ekhala ngokuthi imenenja yawo izenzela umathanda.
 ??  ?? UMPHAKATHI uthi kunenkohla­kalo osukhale kaningi ngayo njengoba uthi kunezinkam­pani ezizodwa ezisebenza kumasipala waseMngeni, kodwa ezasendawe­ni kazinikwa nhlobo ithuba.
UMPHAKATHI uthi kunenkohla­kalo osukhale kaningi ngayo njengoba uthi kunezinkam­pani ezizodwa ezisebenza kumasipala waseMngeni, kodwa ezasendawe­ni kazinikwa nhlobo ithuba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa