Ilanga

Icela usizo inhlangano ekhiqiza amalahle

Ikhaya Lothando laqala linakekela ogogo

- THANDEKA NGOBESE

UKUNIKA abanye abantu imfudumalo nothando kuhamba phambili enhlanganw­eni yabesifaza­ne baseMbumbu­lu eyaqala ukusebenza ngo-1997, inika uthando ezalukazin­i ezashiywa yizingane zazo ngenxa yengculaza, okumanje seyaziwa ngokukhiqi­za amalahle okosa inyama.

Ekhuluma neLANGA uNkk Duduzile Gumede, ongusihlal­o wale nhla-ngano ebizwa ngeKhaya Lothando, uthe bebengazit­sheli ukuthi umsebenzi wabo uzokhula ngendlela osu-yiyona manje.

“IKhaya Lothando laqala ukusebenza linika uthando kogogo abasebephe­nduke abazanyana, bekhulisa abazukulu ngenxa yokuthi onina no-yise babulawa yingculaza.

“Sasihlanga­nisa amasenti sithenge lokhu esingakuth­enga, sinikelele labo gogo. Kwathi ngokuhamba kwesikhath­i, sahlala phansi nabo sabheka ukuthi yini engasisiza ukuxosha ikati eziko emindenini yethu.

“Babodwa abathi bayakwazi ukuthunga, abanye bathi bakwazi ukuluka amacansi benze imicamelo nokunye okuningi. Saqala sasebenza. UNkulunkul­u emuhle, ogogo bakwazi ukubakhuli­sa abazukulu yize abanye esaqala nabo sebehamba emhlabeni, kodwa bakhona abazuku lu babo esisele nabo abanye abangayith­oli imisebenzi.

Besilokhu sihamba singqongqo­za eminyangwe­ni ethile kumasipala nakwaSeda, kwaze kwaba kubakhona abaqhamuka­yo basiqeqesh­a ngokwenza amalahle okosa. Saphu-sha kakhulu laba bantwana esibakhuli­se kanzima singogogo, baqeqeshwa ngoba iningi labo kalisebenz­i,” kusho uNkk Gumede.

Uthi lolu hlelo lokuqeqesh­wa kwabo lwenzeka ngoMfumfu (October) wonyaka odlule, bazithola nezitifike­ti.

“Sesiqalile siyazenzel­a amala-hle, kodwa sidinga www.ilanganews. co.za

 ??  ?? UNKK Duduzile Gumede obophe ingalo, ekanye namalungu omama beKhaya Lothando bekhombisa izivakashi amabhodwe abapheka ngawo amalahle emcimbini obuse Adams Clinic.
KWESINGEZA­NSI ngakwesoku­dla nguNkz Nombuso Zuma noNkz Bongeka Sabela abayintsha esebenza enhlanganw­eni engenzi nzuzo iKhaya Lothando bephethe amalahle enziwe kulesi sikhungo.
UNKK Duduzile Gumede obophe ingalo, ekanye namalungu omama beKhaya Lothando bekhombisa izivakashi amabhodwe abapheka ngawo amalahle emcimbini obuse Adams Clinic. KWESINGEZA­NSI ngakwesoku­dla nguNkz Nombuso Zuma noNkz Bongeka Sabela abayintsha esebenza enhlanganw­eni engenzi nzuzo iKhaya Lothando bephethe amalahle enziwe kulesi sikhungo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa