ZOKULULEKA AMADODA
KONAKELE ezweni lakithi, abantu besifazane nezingane kabasazi ukuthi kufanele bathembe bani ngo-ba laba okulindeleke ukuba bababavikele, yibona kanye asebephenduke baba yingozi eyesabekayo ku-bona, yibona ababalimazayo bagcine nangokubabulala imbala. Leli chilo elenzeka ezweni lobabamkhulu liwumkhokha omubi onesinyama okuzothi makhathaleni liwuqumbe phansi umnotho waseNingizimu Afrika ngoba abatshalimali bazoba manqika ukuhweba nezwe lethu. Izivakashi nazo zizosaba ukuza kuleli ngenxa yovalo ngokuphepha kwabesifazane nezingane abavakasha nazo.
Kalisashoni ilanga kungabikwanga komabonaku-de, emisakazweni nasemaphephandabeni ukuthi ku-nowesifazane noma ingane (yentombazane) enukubezwe ngokocansi noma ethinteke odlameni lwasekhaya, kwagcina kuphume umphefumulo. Lo mkhuba onyantisa igazi, osuphenduke insakavukela, udinga ukusukunyelwa yizona zonke izinhlaka zemiphakathi, uhulumeni, nabendabuko kuliwe nawo ngoba indlela osudlebeleke ngayo, uphazamisa abesifazane kulona lonke uhlobo lobudlelwano abazithola bengena kubo.
Kunezigcawu kusukela emandulo lapho abesifazane beyalwa khona ngokuziphatha, isimilo, ukuzigcina nenhlonipho. Ngisho bezophuma beyogana, kufika izalukazi nomama bendawo nabemindeni ngisho nabezinkonzo imbala, behambise iziyalo entombaza-neni ukuthi indoda iphathwa kanjani, kodwa into efanayo kayenzeki kwabesilisa.
Uma kwenzekile owesifazane walingeka watholakala ephutheni, kubizwa imindeni, asolwe, atshelwe ukuthi ujivaze isithunzi somndeni nesomyeni. Ubi-zwa nangamagama ayiziswana amchaza njengesahluleki, kodwa akubi yisimo esifanayo uma iphutha elinjalo lenziwe ngowesilisa. Uma owesifa-zane ethi ubikela umndeni, kuthiwa umuntu wesilisa unjalo makabekezele, agqibe amahlazo omuzi wakhe.
Kubukeka sengathi indlela okukhuliswa ngayo abesilisa ihlukile kakhulu, futhi lo mehluko uyabavuna ukuthi bona bangenza noma yini noma kanjani ngoba kuzombambathwa nje kuthalaliswe. Lokhu kukhombisa ukuthi imizwa yomuntu wesifazane ibukeleka phansi.