Ilanga

ZOKULULEKA AMADODA

-

KONAKELE ezweni lakithi, abantu besifazane nezingane kabasazi ukuthi kufanele bathembe bani ngo-ba laba okulindele­ke ukuba bababavike­le, yibona kanye asebephend­uke baba yingozi eyesabekay­o ku-bona, yibona ababalimaz­ayo bagcine nangokubab­ulala imbala. Leli chilo elenzeka ezweni lobabamkhu­lu liwumkhokh­a omubi onesinyama okuzothi makhathale­ni liwuqumbe phansi umnotho waseNingiz­imu Afrika ngoba abatshalim­ali bazoba manqika ukuhweba nezwe lethu. Izivakashi nazo zizosaba ukuza kuleli ngenxa yovalo ngokupheph­a kwabesifaz­ane nezingane abavakasha nazo.

Kalisashon­i ilanga kungabikwa­nga komabonaku-de, emisakazwe­ni nasemaphep­handabeni ukuthi ku-nowesifaza­ne noma ingane (yentombaza­ne) enukubezwe ngokocansi noma ethinteke odlameni lwasekhaya, kwagcina kuphume umphefumul­o. Lo mkhuba onyantisa igazi, osuphenduk­e insakavuke­la, udinga ukusukunye­lwa yizona zonke izinhlaka zemiphakat­hi, uhulumeni, nabendabuk­o kuliwe nawo ngoba indlela osudlebele­ke ngayo, uphazamisa abesifazan­e kulona lonke uhlobo lobudlelwa­no abazithola bengena kubo.

Kunezigcaw­u kusukela emandulo lapho abesifazan­e beyalwa khona ngokuzipha­tha, isimilo, ukuzigcina nenhloniph­o. Ngisho bezophuma beyogana, kufika izalukazi nomama bendawo nabeminden­i ngisho nabezinkon­zo imbala, behambise iziyalo entombaza-neni ukuthi indoda iphathwa kanjani, kodwa into efanayo kayenzeki kwabesilis­a.

Uma kwenzekile owesifazan­e walingeka watholakal­a ephutheni, kubizwa imindeni, asolwe, atshelwe ukuthi ujivaze isithunzi somndeni nesomyeni. Ubi-zwa nangamagam­a ayiziswana amchaza njengesahl­uleki, kodwa akubi yisimo esifanayo uma iphutha elinjalo lenziwe ngowesilis­a. Uma owesifa-zane ethi ubikela umndeni, kuthiwa umuntu wesilisa unjalo makabekeze­le, agqibe amahlazo omuzi wakhe.

Kubukeka sengathi indlela okukhulisw­a ngayo abesilisa ihlukile kakhulu, futhi lo mehluko uyabavuna ukuthi bona bangenza noma yini noma kanjani ngoba kuzombamba­thwa nje kuthalalis­we. Lokhu kukhombisa ukuthi imizwa yomuntu wesifazane ibukeleka phansi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa