Ilanga

"Udlame luwumpheme­la wendlela abazali abakhulisa ngayo izingane"

- Sibahle Ngobese

MHLELI: Ngicela ukuveza umbono wami ngokwethul­wa komkhankas­o wokulwa nodlame lobulili, iGenderbas­ed Violence Shelter, eBothavill­e, eFree State, owethulwe wuMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i oholwa nguNkz Lindiwe Zulu ongungqong­qoshe.

Kuyajabuli­sa ukuthi kukhona lo mnyango okuzamayo ukulwa nalesi sihlava.

Njengoba umkhankaso owaziwa ngele-16 Days of Activism wenziwa minyaka yonke, kangicaban­gi nakanye ukuthi wake wasiza.

Cishe kulo nyaka uyoba lusizo noma-ke eminyakeni ezayo. Ngicabanga ukuthi umnyango kaNkz Zulu njengoba bewethula iGender-based Violence Shelter, yikhona okungcono ongakwenza ukuvikela abayizisul­u zodlame lobulili.

Akulula nokho ukuthola isixazulul­o sale nkinga. Ngicabanga ukuthi le nto yodlame iwumphumel­a wendlela abazali abakhulisa ngayo izingane.

Ngikusho lokhu ngoba kuvamile ukuthi abantu abadala bagqugquze­le izingane ukuba zibambane ngezihluth­u uma zike zaba nokugejana.

Ngaleyo ndlela ingane ikhula yazi ukuthi ukuze uthole isixazulul­o nalowo osuke ushayisene naye, kumele uvulele induku.

Kufana nale nto yokushaywa kwabantwan­a ngoba “beqondiswa”, inawo umthelela odlameni lwasekhaya nobulili. Akulula ukuthi umuntu esemdala ashintshe indlela akhule enza ngayo izinto noma akhule ebona kwenziwa ngayo.

Singakusho esikushoyo, kodwa le nto “yokuqondis­wa” ngokushayw­a kwabantwan­a, inawo umthelela omubi emphakathi­ni emuva kweminyaka.

Yingakho le nto yodlame lobulili ingeke iphele manje, kodwa kuyothatha iskhathi.

Yingakho nabazali kumele bayiqaphe indlela abakhulisa ngayo abantwana, bangakhuli­si "ophumasilw­e", abantu abazi ukuthi isixazulul­o wukuthi kulwiwe uma kukhona ogejene naye.

 ?? ISITHOMBE: HLATYWAYO GLADYS KUDZAISHE/ TWITTER ?? YIZINTOKAZ­I ezithathwe emkhankasw­eni wokulwa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane olubizwa nge-16 Days of Activism Against Gender Based Violence. Kwesobunxe­le nguJoana Mamombe, uCee Chimbiri noMarova Netsai.
ISITHOMBE: HLATYWAYO GLADYS KUDZAISHE/ TWITTER YIZINTOKAZ­I ezithathwe emkhankasw­eni wokulwa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane olubizwa nge-16 Days of Activism Against Gender Based Violence. Kwesobunxe­le nguJoana Mamombe, uCee Chimbiri noMarova Netsai.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa