"Udlame luwumphemela wendlela abazali abakhulisa ngayo izingane"
MHLELI: Ngicela ukuveza umbono wami ngokwethulwa komkhankaso wokulwa nodlame lobulili, iGenderbased Violence Shelter, eBothaville, eFree State, owethulwe wuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi oholwa nguNkz Lindiwe Zulu ongungqongqoshe.
Kuyajabulisa ukuthi kukhona lo mnyango okuzamayo ukulwa nalesi sihlava.
Njengoba umkhankaso owaziwa ngele-16 Days of Activism wenziwa minyaka yonke, kangicabangi nakanye ukuthi wake wasiza.
Cishe kulo nyaka uyoba lusizo noma-ke eminyakeni ezayo. Ngicabanga ukuthi umnyango kaNkz Zulu njengoba bewethula iGender-based Violence Shelter, yikhona okungcono ongakwenza ukuvikela abayizisulu zodlame lobulili.
Akulula nokho ukuthola isixazululo sale nkinga. Ngicabanga ukuthi le nto yodlame iwumphumela wendlela abazali abakhulisa ngayo izingane.
Ngikusho lokhu ngoba kuvamile ukuthi abantu abadala bagqugquzele izingane ukuba zibambane ngezihluthu uma zike zaba nokugejana.
Ngaleyo ndlela ingane ikhula yazi ukuthi ukuze uthole isixazululo nalowo osuke ushayisene naye, kumele uvulele induku.
Kufana nale nto yokushaywa kwabantwana ngoba “beqondiswa”, inawo umthelela odlameni lwasekhaya nobulili. Akulula ukuthi umuntu esemdala ashintshe indlela akhule enza ngayo izinto noma akhule ebona kwenziwa ngayo.
Singakusho esikushoyo, kodwa le nto “yokuqondiswa” ngokushaywa kwabantwana, inawo umthelela omubi emphakathini emuva kweminyaka.
Yingakho le nto yodlame lobulili ingeke iphele manje, kodwa kuyothatha iskhathi.
Yingakho nabazali kumele bayiqaphe indlela abakhulisa ngayo abantwana, bangakhulisi "ophumasilwe", abantu abazi ukuthi isixazululo wukuthi kulwiwe uma kukhona ogejene naye.