Ilanga

Sikushayel­a ihlombe ukuboshwa "koputshuze" iphepha

-

YIZINDABA ezimnandi ukuboshwa komsolwa ecaleni lokuputshu­ka kwephapha lezibalo lesibili (Maths, Paper 2) leziviviny­o zikamatiku­letsheni zalo nyaka. UMnyango wezeMfundo eyisiSekel­o ngomlomo womkhulume­li wawo, uMnu Elijah Mhlanga, umemezele ukuthi ngeledlule kuboshwe uMnu Themba Daniel Shikwamban­a (31), ngokuputsh­uka kwaleli phepha, okuyisiga esidale itwetwe kubafundi bakamatiku­letsheni nabazali abebesaba ukuthi lokhu kuzothikam­eza izivivinyo zalo nyaka, kuphoqe ukuba abafundi babuye babhale kabusha elinye iphepha.

UMnu Shikwamban­a, okuthiwa usebenzela inkampani eqashwe wumnyango ukushicile­la amaphepha ezivivinyo zikamatiku­letsheni, uvele eNkantolo yemantshi yaseGoli ngoLwesine olwedlule, waphuma ngebheyili.

Uzobuye avele enkantolo ziwu-27 kuMasingan­a (January).

UMnu Mhlanga uthe uNkk Angie Motshekga ongungqong­qoshe wezemfundo eyisisekel­o nozakwabo abaphethe izifundazw­e, babe nomhlangan­o oyisipeshe­li ngoLwesibi­li ukudingida umbiko ngodaba lokuputshu­ka kwamapheph­a kamatikule­tsheni, bavumelana ngokuthi uphenyo ngalo kalukaphet­hwa, kusadingek­a lunikwe isikhathi.

Ongqongqos­he babonge uphiko lwamaphoyi­sa oKlebe (Hawks) ngomsebenz­i oluwenzile ukuphenya lolu daba.

Sethemba ukuthi umonakalo owenzekile, kawumkhulu kakhulu ukuthi ungaphoqa umnyango ukuba unqume ukuba izifundo ezithintek­ayo zibhalwe kabusha yibona bonke abafundi bakamatiku­letsheni ababhalise­le lezi zifundo.

Sikushayel­a ihlombe ukushesha kwabomthet­ho ukubopha osolwa ngokuzama ukucekela phansi ikusasa lezingane zethu, nokulimaza isithunzi sezinga lemfundo eNingizimu Afrika, okuyisithu­nzi esesivele sinechasha­zi ngenxa yezinsolo zokuthi umnyango ubeka phambili isibalo sokuphasa kwabafundi, kunokuqini­sekisa ukuthi banolwazi olwanele, bakulungel­e ukudlulela kwesinye isigaba.

Kuyadumaza ukuthi kukhona phakathi kwethu abantu abangenane­mbeza, abangenand­aba nokucekela phansi isizwe uqobo, inqobo nje uma bona behlomule okuthile ngezenzo zabo zobumnyama.

Sifisa ukuba abomthetho baphenye kabanzi ngezigamek­o zokuputshu­ka kwamapheph­a ezivivinyo zakulo nyaka, kuthi labo abatholaka­la benamacala okwenza lo mkhuba, benziwe izibonelo ngokujezis­wa kanzima.

Izigameko zobubi kuleli zwe lethu kazipheli, kanti okuqeda ithemba ngekusasa wukuthi abasolwa ngokusihli­nzela ezibini kabajezisw­a ngalokhu ukuze nabanye abahlose ukwenza okufanayo bezothuka, bapheze ukwenza imikhuba.

Manje yisikhathi sokuba uhulumeni ushaye phansi ngonyawo, ulwe ngokungena­mkhawulo nemiguluku­du ekhubaza intuthuko yezwe ukuze ifeze izinhloso zayo zokugcwali­sa izisu zayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa