Sikushayela ihlombe ukuboshwa "koputshuze" iphepha
YIZINDABA ezimnandi ukuboshwa komsolwa ecaleni lokuputshuka kwephapha lezibalo lesibili (Maths, Paper 2) lezivivinyo zikamatikuletsheni zalo nyaka. UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ngomlomo womkhulumeli wawo, uMnu Elijah Mhlanga, umemezele ukuthi ngeledlule kuboshwe uMnu Themba Daniel Shikwambana (31), ngokuputshuka kwaleli phepha, okuyisiga esidale itwetwe kubafundi bakamatikuletsheni nabazali abebesaba ukuthi lokhu kuzothikameza izivivinyo zalo nyaka, kuphoqe ukuba abafundi babuye babhale kabusha elinye iphepha.
UMnu Shikwambana, okuthiwa usebenzela inkampani eqashwe wumnyango ukushicilela amaphepha ezivivinyo zikamatikuletsheni, uvele eNkantolo yemantshi yaseGoli ngoLwesine olwedlule, waphuma ngebheyili.
Uzobuye avele enkantolo ziwu-27 kuMasingana (January).
UMnu Mhlanga uthe uNkk Angie Motshekga ongungqongqoshe wezemfundo eyisisekelo nozakwabo abaphethe izifundazwe, babe nomhlangano oyisipesheli ngoLwesibili ukudingida umbiko ngodaba lokuputshuka kwamaphepha kamatikuletsheni, bavumelana ngokuthi uphenyo ngalo kalukaphethwa, kusadingeka lunikwe isikhathi.
Ongqongqoshe babonge uphiko lwamaphoyisa oKlebe (Hawks) ngomsebenzi oluwenzile ukuphenya lolu daba.
Sethemba ukuthi umonakalo owenzekile, kawumkhulu kakhulu ukuthi ungaphoqa umnyango ukuba unqume ukuba izifundo ezithintekayo zibhalwe kabusha yibona bonke abafundi bakamatikuletsheni ababhalisele lezi zifundo.
Sikushayela ihlombe ukushesha kwabomthetho ukubopha osolwa ngokuzama ukucekela phansi ikusasa lezingane zethu, nokulimaza isithunzi sezinga lemfundo eNingizimu Afrika, okuyisithunzi esesivele sinechashazi ngenxa yezinsolo zokuthi umnyango ubeka phambili isibalo sokuphasa kwabafundi, kunokuqinisekisa ukuthi banolwazi olwanele, bakulungele ukudlulela kwesinye isigaba.
Kuyadumaza ukuthi kukhona phakathi kwethu abantu abangenanembeza, abangenandaba nokucekela phansi isizwe uqobo, inqobo nje uma bona behlomule okuthile ngezenzo zabo zobumnyama.
Sifisa ukuba abomthetho baphenye kabanzi ngezigameko zokuputshuka kwamaphepha ezivivinyo zakulo nyaka, kuthi labo abatholakala benamacala okwenza lo mkhuba, benziwe izibonelo ngokujeziswa kanzima.
Izigameko zobubi kuleli zwe lethu kazipheli, kanti okuqeda ithemba ngekusasa wukuthi abasolwa ngokusihlinzela ezibini kabajeziswa ngalokhu ukuze nabanye abahlose ukwenza okufanayo bezothuka, bapheze ukwenza imikhuba.
Manje yisikhathi sokuba uhulumeni ushaye phansi ngonyawo, ulwe ngokungenamkhawulo nemigulukudu ekhubaza intuthuko yezwe ukuze ifeze izinhloso zayo zokugcwalisa izisu zayo.