Iyakhula ingcindezi kwisabelomali sikahulumeni
UHLAKA lwesabelomali seminyaka emithathu ezayo, olwethulwa ephalamende ekupheleni kukaMfumfu (October), lusengcupheni ngenxa yempikiswano phakathi kukahulumeni nabezinyunyana zezisebenzi zikahulumeni.
Enye ingqinamba oluzobhekana nayo, yizimfuno zakamuva zamasosha athi uhulumeni kumele uwanxephezele ngokulwela inkululeko yezwe.
Lwethulwa nje lolu hlaka ngoMfumfu, sebevele bagane unwabu abezinyunyana ngesimemezelo sikahulumeni sokuthi kawunawo amandla okumelana nokwenyuswa kwemiholo nezinye izindleko zokuqashwa kwezisebenzi njengokwesivumelwano seminyaka emithathu.
Lo nyakamali (2020/21) ngowokugcina esivumelwaneni esenziwa eminyakeni emithathu eyedlule. Uhulumeni nabezinyunyana kumele baqale izingxoxo zesivumelwano esisha ngonyaka ozayo.
Abezinyunyana sebengene enkantolo elawula ubudlelwano phakathi kwezisebenzi nabaqashi, becela ukuba iphoqe uhulumeni ukuba ugcine isivumelwano.
Uhulumeni ubusiphikisa lesi sicelo, ukhomba imbenge yawo eyomile. Gwiqiqi kuleli sonto uhulumneni usufaka isicelo kule nkantolo ukuba leli cala limiswe kuze kube wuNhlolanja (February) ngoba ufuna ukuxoxa nabezinyunyana.
Ngesikhathi siloba le ngosi izolo ngoLwesithathu, abezinyunyana bebephika, bethi maliqhubeke icala. Bathi isinqumo senkantolo sizonika izinkomba ezizoba wusizo olukhulu ezingxongxweni zesivumelwano esisha.
Kakucaci ukuthi yini eyenze uhulumeni ushintshe uvo lwawo, kodwa isicelo sawo enkantolo silandela isinqumo sekomiti elikhulu leCosatu ngeledlule sokuthi lo mfelandawonye wezinyunyana uyokhalaza enhlanganweni yamazwe ebhekele amalungelo ezisebenzi, i-International Labour Organisation (ILO).
I-Cosatu ithi kuyichilo ukuthi uhulumeni wentando yeningi wephula isivumelwano nezisebenzi zawo. Kungenzeka-ke ukuthi yilesi sinyathelo esethuse uhulumeni, waze wacela umaluju ukuze uzame ukwenza isivumelwano nabezinyunyana.
Izingxoxo nabezinyunyana zingagcina ngokuthi uhulumeni uphule uhlaka lwesabelomali olwethulwa nguNgqongqoshe wezeMali, uMnu Tito Mboweni ngo
Mfumfu.
Uma uhulumeni ungahoxisa isinqumo sawo ngemiholo yalo nyaka-mali, lokho kungabeka ohulumeni bezifundazwe engcupheni ngoba kungasho ukuthi kuzomele baxebule izabelomali ukuze bathole imali yokwenyusa imiholo yezisebenzi.
Sikhuluma nje, ohulumeni bezifundazwe bayaciciyela ngasemalini, njengeyokuthenga imishanguzo nokuvuselelwa kwemigwaqo.
Njalo ngoMfumfu, uMnu Mboweni wethula ephalamende uhlaka lwesabelomali lweminyaka emithathu. Isabelo sonyaka wokuqala kule minyaka emithathu usethula ngoNhlolanja.
Iphalamende libe selicubungula liphinde ligunyaze uhulumeni ukuthi usebenzise imali eyabelwe lowo nyaka. Uma kukhona ushintsho, esabelweni salowo nyaka ungqongqoshe wethula isichibiyelo ngoMfumfu esihambisana nokwethulwa kohlaka lweminyaka emithathu elandelayo.
Ukwephulwa kohlaka olwethulwe ngoMfumfu kungasho ukuthi uhulumeni kuzomele uhlehlise uhlelo lwawo lokusimamisa isimo sezemali.
Uhlaka lwangoMfumfu luncike kakhulu ekwehlisweni kwesabelo mali seminyaka emithathu ezayo ngo-R300 billion. Ingxenye enkulu yalesi samba ibizoqhamuka ngasohlangothini lwemiholo yezisebenzi. Uhulumeni ubuhlongoza nokuthi amaholo ezisebenzi angenyuswa nhlobo iminyaka emithathu.
Ingcindezi yokwehliswa kwesabelomali iqhamuka esibikezelweni sokuthi imali yentela izokwehla ngo-R322 billion nonyaka ngenxa yesimo somnotho esintengayo. Kwenzeka lokhu nje, uMnu Mboweni uthi imali ebolekwe wuhulumeni isezingeni lapho ibeka leli engcupheni.
Emhlabeni wonke jikelele, ohulumeni bandisa isabelomali ngokuboleka imali kubatshalimali unyaka nonyaka. Bakwenza kakhulu lokhu ngezikhathi lapho yehlile imali yentela ukuze kungehliswa kakhulu ingxenye yemali ebhekene nezidingo zemiphakathi, ikakhulukazi ingxenye okuhlomula kuyo abampofu.
Enye ingqinamba uMnu Mboweni azobhekana nayo, yizimfuno zalabo abazibiza ngamasosha athi ayelwela inkululeko kuleli. Bathi uhulumeni kumele ubakhokhele u-R250 000 isosha ngalinye, ubahlinzeke ngezindlu nezidingo zabo zezempilo.
UMengameli Cyril Ramaphosa usenike iphini lakhe, uMnu David Mabuza umsebenzi wokuxoxa nala masosha. Lokhu kuyinkomba yokuthi umengameli uhlongoza ukuthi kube nesithebe esibekwa phambi kwamasosha.
Nokho-ke lesi sithebe siyodinga isabelomali. Kwenzeka konke lokhu nje, uMnu Mboweni usanda kunxenxa abezinyunyana, uhulumeni, osomabhizinisi namalungu omphakathi jikelele ukuba babambisane ukuze uhulumeni ugcine uhlaka lwangoMfumfu.
UMnu Mboweni ukusho lokhu emuva kokuthi izinhlangano ezimbili ezicwaninga isimo semali kahulumeni besezisibeka esikalini ( rating), zehlise isikalo semali kahulumeni wakuleli ngoba zithi kalikho ithemba lokuthi uzosigcina isithembiso esenziwa ohlakeni lukaMfumfu nonyaka.