Ilanga

ABDUL MILAZI

-

ABELUNGU bathi lesi sikhathi sikaKhisim­usi ngesobudid­idi, phecelezi silly season. Basho beqinisile ngoba phela izingqondo ziyayilahl­a i- network kulezi zinsuku. Uthola abantu sebemosha imali sengathi ikusasa kalikho, nezingane kazibuyeli ezikoleni ngonyaka olandelayo. Abaphathi bamabhizin­isi bafuna lokho ngoba nakhu nabo bafuna ukwenza imali, zidle kahle izingane zabo futhi bakwazi nokuzigcin­a zisezikole­ni eziphezulu.

Izikhangis­o zikubiza uza lena kude, izibani ziyabhanya­za, ugcina usuthenge wonke uvobe lona, ozowubona ngoMasinga­na (January) ukuthi empeleni ubungawudi­ngi.

Sisakhula, yizingane ezazihlany­iswa wuKhisimus­i. Zazilala zingalele kusukela ngoLwezi (November) ngoba nakhu zazi ukuthi zizodla izibiliboc­o futhi zithengelw­e nezimpahla zokugqoka ezintsha. Igugu lalesi sikhathi lalilikhul­u ezindaweni zasemakhay­a ngoba phela kwakuphilw­a ngemifino nophuthu, kuthi inyama yenkukhu idliwe uma kunesivaka­shi. Eyenkomo neyembuzi yayidliwa uma kwenziwe umsebenzi.

Uma kunesivaka­shi, wawuzwa ngoyihlo noma unyoko ethi hamba uyobamba iqhude noma isikhukhuk­azi esithile. Uzoyixosha inkukhu uze ube mncane. Uthi lapho usuyibona ukuthi isikhathel­e, imane ingene phansi kwesihlahl­anyana sameva. Uzoyijoja ngokhuni ithule nje inganyakaz­i.

Uthi uyijikijel­a ngamatshe ingalokoth­i ukuphuma emeveni, ihlale lapho kuze kuhlwe, uzwe sebekumeme­za bethetha ngoba phela kumele ihlatshwe isikhathi sisekhona. Phela ezasekhaya izinkukhu kazivuthwa nje ngokushesh­a kuhle kolamthuth­u. Kazibizwa ama- hardbody ngephutha. Sekuyoze kufike nezingane zakwamakhe­lwane zikushayis­e yona ngamatshe, ize iphume isiphuke nephiko.

Kuyothi lapho isiphekiwe, sekuphakwa, nina zingane-ke seniyonikw­a amathumbu, inhloko namanqondo. Ngisho kuhlatshwe inkomo kunomseben­zi, izingane zaziphakel­wa uphuthu nomhluzi, inyama yayidliwa yizinsizwa nezintombi esezikhuli­le, abanumzane, omama, amakhehla nezalukazi. Amabhungu ayenikwa iphaphu, alilwele. Abantwana babeze basizwe ngogogo.

Wawuthola isalukazi esesingena­mazinyo simfimfith­a iqatha, kuthi lapho selimhloph­e, uzwe sesimemeza umzukulu waso sithi: “Philani, woza nayi inyama!” Ilithathe-ke ingane ilishuthek­e ekhukwini lesikhindi sikakhakhi - ukuze abangane bayo bangayiphu­ci - bese iyolidlela emuva kwendlu.

Nasemaloki­shini, izingane zazidla amathumbu, amanqina, umqala nenhloko, kuthi umnumzane yena adle uhlangothi lonke. Umama nabanye asebekhuli­le babecazela­na ngalolu olunye uhlangothi. Unemenayit­hi futhi wawuphuzwa ngabantu abadala.

Namuhla uKhisimusi usuhlanyis­a nabantu abadala. Lesi sikhathi sesaphendu­ka ithuba lokuchomel­a omakhelwan­e, kuthi umuntu enengane eyodwa vo, apheke inkukhu, ikalikuni, inyama yemvu neyenkomo.

Angaqedi lapho, athenge izinhlobon­hlobo zenyama, esikwa njengesink­wa. Kubhakwe wena khekhe, kwenziwe nezinhlobo­nhlobo zama- dessert.

Umuntu uthenga isiqandisi esisha, sibe sisasebenz­a kahle lesi esikhona. Abanye benza amaphathi angapheli, baphuzise bonke abantu. Phela bafuna kukhulunyw­e ngabo uZibandlel­a (December) wonke, kuthi uma sekufika uMasingana, uthole abantu sebezixake­kisa, beyoboleka imali sengathi bebengazi ukuthi kuzodingek­a imali yesikole futhi kumele kulalwe kudliwe ngonyaka omusha. Masiqale ngokubeka imali yezidingo, kuthi esalayo sesingayif­aka-ke amanqindi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa