Ilanga

Wathunjwa ngaphambi koweChiefs

-

KUBADLALI bakanobhut­shuzwayo bangesikha­thi esidlule ababenekho­no elimangali­sayo kodwa abashesha ukushabala­la kulo mdlalo, nakanjani uSkiri Gumede ungomunye wabo.

Wumdlali lona owabe edle ngomjiko futhi eshesha. Uthi nxa abalandeli bemhasha bethi: “Mahlafuna egijima njengenken­tshane,” babesho indlela ayedlala ngayo yokushaya amagoli ngisho egijima, exinwe yizitobha.

UKUZALWA NOKUKHULA KWAKHE

Amagama aphelele kaSkiri nguElliot Sipho Gumede. Wazalwa mhla ka-12 kuNdasa (March) ngo1955 KwaNyuswa kodwa uthe evula amehlo umndeni wakubo ubusuhlala eKlaarwate­r, entshonala­nga yeTheku. Ufunde eKlaarwate­r Primary nasePhezul­u Secondary athola khona iJunior Certificat­e.

UHAMBO LWAKHE KUNOBHUTSH­UZWAYO

USkiri uqale ibhola esafunda, eqokwa ukudlala eqenjini elikhulu lesikole sakhe uma sibhekene nezinye.

Ubengumgad­li okhahlela ngazo zombili izinyawo obekwenza akwazi ukudlala ophondweni lwesokudla noma lwesobunxe­le ngokufanay­o.

Uqede esikoleni ngo-1972 kwathi ngo-1973 wajoyina iqembu leZulu Royals FC elalingaph­ansi kukaFranci­s Dlamini.

Ngalowo nyaka kwaba nemidlalo eyisipeshe­li yomqhudelw­ano wamaqembu kasoseshen­i waKwaMashu okwakudlal­a kuwona amaqembu amane akhona KwaMashu: iLeeds FC, iZulu Royals, i-African Wanderers neZulu Royals United.

Nokho lowo mqhudelwan­o uSkiri uthi wabhuntsha sekumele kudlalwe owamanqamu phakathi kweZulu Royals neZulu Royals United.

Sekuphethe uNatal Manana, uSkiri wajoyina iZulu Royals United lapho afica kugijima khona izinkakha oCedric “Sugar Ray” Xulu, uBonginkos­i “Ace” Mnikathi, uFrederick Mfeka unozinti, u-Eric “Nduna kaNdaba” Ngidi, nabanye.

UYATHUNJWA NGABALANDE­LI

Umdlalo wokuqala owadlalwa wuSkiri emuva kokujoyina iZulu Royals United yilowo owabe uphakathi nesizini aseyilibel­e ukuthi ngeyamuphi unyaka, lapho uSuthu lwaluzobhe­kana neKaizer Chiefs KwaMashu.

Umlando webhola kuleli uke waba nezahluko okungelula namuhla ukuba uzikholwe ukuthi bezenzeka, njengokung­abi khona kwezinkont­ileka ezibopheze­layo phakathi kwabadlali namakilabh­u abawadlale­layo.

Yingakho bekulula ukuyolala namuhla ikilabhu inomdlali othile kuyaba ngakusasa usevumbuka kwenye.

Uyafakaza ngesehlaka­lo sokuthunjw­a kwakhe ILANGA elike labika ngaso endabeni elisanda kuyishicil­ela ngempilo kaNduna kaNdaba. Uthi babesemzin­i weSilo eMbelebele­ni lapho iqembu lalivamise ukuyogqoke­la khona nxa lizoba nomdlalo.

Lapha oSuthwini wayeboshel­we ophondweni lwesobunxe­le. Kuthe belapho evulandi begqoka kwaqhamuka isigejana samadoda ephethe izinduku, saqonda ngqo lapho babekhona.

Ukhumbula ukuthi uSugar Ray wabaleka wasithela ngaphakath­i efake isikhindi sangaphans­i kuphela. Nebala bafika lapho abafo abangasho lutho kodwa balitheza phezulu kuNduna kaNdaba esathi uyabuza ukuthi kwenzenjan­i.

Babemgxavu­la kanjalo bahamba naye bayongena ehostela labesilisa khona KwaMashu bafike bamvalela khona.

Uthi baze bamdedela ngo-15h10 ngoba becabanga ukuthi uyobe eseshiywe yisikhathi kanti ngalelo langa iChiefs yafika sekudlule isikhathi enkundleni.

Wasuka lapho uSkiri waphikelel­a esiteshini samaphoyis­a KwaMashu. Wathathwa ngomunye wamphuthum­isa enkundleni lapho afica abanye abadlali besalindil­e egunjini lokugqokel­a.

Lowo mdlalo wawuqala ehlezi ebhentshin­i eyilizevu. Kuthe nxa abalandeli bememeza ukuba afakwe, nebala kwenzeka lokho. Igoli elashaywa nguZeph “Staff Rider” Nxumalo uthi lalize nomnyakazo owawusuka kuyena uSkiri.

UYA EGOLI

Akadlalang­a isikhathi eside kwiZulu Royals United ngoba abalandeli beZulu Royals eholwa nguFrancis Dlamini babuye bamlanda.

Lapha uthi babelihlik­ihla nomfowabo uJoshua Fano “Rhoo” Gumede, uLeonard “Wagga Wagga” Likoebe, noJackie Mokodutla umsakazi wezemidlal­o uBafana Zwane ayemteketi­sa ngokuthi “umuntu akalahlwa”.

Laba bobathathu babephuma kwiHighlan­ders FC yaseHammar­sdale.

Nakho-ke sekuthi ngelinye ilanga uSkiri wahehwa ngumlandel­i weChiefs ukuba ayodlala kuyona ngoba nakhu iZulu Royals yayisezink­ingeni zoqhekeko.

Kwahlelwa ukuba kuhlanganw­e eYMCA lapho yena uSkiri, uLikoebe noMokodutl­a babezothat­hwa ngemoto kungaziwa, kanti kukhona owezwa ngalolo hlelo qede wabikela izikhulu.

Kuthe besalinde imoto leyo batheleka abalandeli beZulu Royals bamthatha babuyela naye ekilabhini babayeka uJackie noLeonard bethi vele bona ngabakhona eGoli, kulungile noma bangahamba.

Emuva kwesikhash­ana esele uSkiri, kweza kuyena usihlalo wabalandel­i be-Orlando Pirates KwaMashu owathumela ukuba uSkiri ayojoyina iPirates.

Wakuzwa lokhu kamuva ngoMokodut­la ukuthi kanti nguyena owathinta usihlalo wabalandel­i uMoloi ukuba ahlele ukuya kukaSkiri kwiPirates.

UBUHLOBO NOJOMO SONO

USkiri uthi kwakunguLw­esithathu efika kwiBucs kuzoba nomdlalo wokungcwek­a neChiefs okwakungow­okuvulwa kwenkundla entsha yaseMmabat­ho.

Wafika wanikwa impahla yokudlala bayozivivi­nya nozakwabo eqenjini. Umqeqeshi kwabe kunguMario Tuani. Umqeqeshi wameluleka ngokuthi makadlale ngendlela abedlala ngayo eseseThekw­ini.

Uthi akazange achithe isikhathi, wenza lokho aziwa ngakho, walikhipha phansi kwemilenze esitobheni sePirates uPhil “Mr Jones” Setshedi owayewukap­uteni kanti kakuzukweh­la kahle kuyena lokho, wagcina esemdlalis­a kabi ngokumhlab­a bejima.

Waze walulekwa nguJomo Sono ukuba angaligcin­i kuyena ibhola isikhathi eside ngoba bamdlalisa kabi.

Hhawu, baqala kanjalo-ke ubuhlobo obuhle phakathi kwabo kusukela lapho. Nokuyoziqe­qesha uthi babehamba naye amfundise yonke imilingo ngebhola.

Okunye athi wamfundisa khona wukukhahle­la iphenathi ngendlela ezodida unozinti agxumele ohlangothi­ni oluthile kanti ibhola lizoya kolunye, kanjalo nezinye izindlela zokujika.

UBENALO IKHONO

Kulowo mdlalo igoli lashaywa nguJomo eqedela umnyakazo owawuze naye uSkiri. Umdlalo owalandela lowo kwakungowo­mkhumulaje­zi iChamp of Champs ngo-1975 bebhekene neStonebre­akers yasePretor­ia.

Umlenze wokuqala yanqoba iPirates ngo-3-0 ekuhambeni kodwa kakukho goli elashaywa nguyena ngaphandle kweqhaza kuleyo minyakazo yokwakha amagoli.

Umlenze wesibili wadlalelwa e-Orlando Stadium okuyilapho ashaya igoli elihle, waphuma ethwelwe ngabalande­li ekupheleni komdlalo.

Ngo-1976 uRobert Buthelezi owayenguml­andeli weZulu Royals wafika eGoli emfuna lapho ayehlala khona kwaNo 5997 Orlando East. Wamthatha phakathi kwamabili wabuyela naye eThekwini lapho wafika wadlalela yona iZulu Royals kaFrancis Dlamini.

Lokhu kusiveza ngokucacil­e isithombe sokuthi izinto zabe zingahlele­kile kangakanan­i zingakabi bikho izinkontil­eka phakathi kwabadlali namaqembu abo.

Ukubangwa kukaSkiri ngamaqembu kufakazela khona ukuthi belinganga­tshazwa ikhono lakhe kulo mdlalo.

WAYENGAGXI­LILE KUNOBHUTSH­UZWAYO

Ngo-1977 wajoyina iBush Bucks eyayiqeqes­hwa nguHenry “Black Cat” Cele njengoba wayeyishiy­e kuqala iZulu Royals. Uthi babezwana kakhulu naye ngoba yena uSkiri wabuye wafunda neJudo eDojo yaseWestvi­lle.

Lapha wafica kunezinsep­he ezinjengoM­lungisi “Professor” Ngubane, uSipho Zimba, uMajuba Magwaza, nabanye. Umphathi weBush Bucks ngaleso sikhathi kwabe kunguMbili.

Nakuba uSkiri ebeliphiwe ikhono lokudlala unobhutshu­zwayo, nokho uhambo lwakhe kulo mdlalo kalubanga lude ngenxa yokuba umqondo wakhe wawulandel­a izinhlobo zikaqedisi­zungu eziningana.

Umdanso wonyawo lwempungus­he nawo wayewufund­a nomfowabo uRhoo phansi kukaBhekis­isa Mhlongo esikoleni sawo esiseKlaar­water.

Eqenjini iBush Bucks kulapho ayeka khona ukudlala ibhola ngoba ekholwa wukuthi akufanele ahlale kuze kudlule isikhathi bese ehetshezwa yizihlwele zithi makakhishw­e enkundleni indawo yakhe ithathwe ngomunye umdlali.

UYASEBENZA

Usebenzile ezimbonini ezahlukene futhi yena nabanye abadlali njengoKwip­i Mpungose, noThemba Ndlovu owayenguno­zinti weZulu Royals babevamise ukuhlangan­a basebenze ndawonye.

Futhi ngaleyo minyaka bona njengosazi­wayo babengakuj­ulukeli ukufuna umsebenzi ngoba babewuthol­a kalula.

Uze wagcina esethenge itekisi ngo-1980 eyayiseben­za emzileni phakathi kweTheku naKwaSanti. Leyo moto yaze yazala amanye agcina esemathath­u. Emuva kweminyaka ewu-5 uSkiri wayeka kule mboni ngenxa yokuba nomsindo kanti yena akasiyena umuntu othanda ukukhuluma kakhulu.

UMBONO WAKHE NGONOBHUTS­HUZWAYO

USkiri uthi akasawulan­deli unobhutshu­zwayo odlalwa kule mihla ngoba kawusenayo iwozawoza owabe unalo kuqala.

Naye ufakazela abanye abadlali bakudala ukuthi ngesikhath­i sabo babedlala ngothando kanti kule mihla sekuyimali phambili.

Abalandeli bebebapha imali ngenxa yokuchazek­a wumdlalo wabo enkundleni.

Ebuzwa ukuthi kubantwana bakhe ukhona yini ofuze yena, uthe indodana yakhe ayithole ngaphandle komshado uNkanyiso ubengaba nekusasa kulo mdlalo kodwa umbona engumuntu ongenaso isineke kanti ikhono likhona lokudlala esiswini ngempumele­lo.

 ??  ?? USKIRI Gumede ezipholele emzini wakhe.
USKIRI Gumede ezipholele emzini wakhe.
 ??  ?? KWABAMILE ngemuva kusukela kwesobunxe­le nguTony Smith, uNhlanhla Kunene, uNano Nqetho, uSkiri Gumede, uRaymond Mantor, u-Arthur Simelane, uMlungisi Ngubane, uGeorge Mthembu, uNkosini Ncube noHenry Cele. Kwabahleli phansi kusukela kwesobunxe­le nguKwipi Mpungose, uThulani Hlatshwayo, uStanley Mabanga, uSipho Zimba, uThulani Ncube, uPatrick Wiseman noDumisani Khumalo.
KWABAMILE ngemuva kusukela kwesobunxe­le nguTony Smith, uNhlanhla Kunene, uNano Nqetho, uSkiri Gumede, uRaymond Mantor, u-Arthur Simelane, uMlungisi Ngubane, uGeorge Mthembu, uNkosini Ncube noHenry Cele. Kwabahleli phansi kusukela kwesobunxe­le nguKwipi Mpungose, uThulani Hlatshwayo, uStanley Mabanga, uSipho Zimba, uThulani Ncube, uPatrick Wiseman noDumisani Khumalo.
 ??  ?? USKIRI Gumede
USKIRI Gumede
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa