Ilanga

Isikhulu soSuthu sichitha ekaBenni

AmaZulu FC amemezele izinguquko ezinqala ekilabhini

- SENZO SOKHELA

UMENGAMELI wamaZulu FC uSandile “The Zunguness” Zungu ( osesithomb­eni) ucacisa ngekusasa lo mqeqeshi wale kilabhu njengoba kuke kwavela ukuthi ihlongoza ukuqasha uBenni McCarthy obengumqeq­eshi weCape Town City.

USuthu luzodudula­na neTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila (TTM) koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-18h00 eThohoyand­ou Stadium, eLimpopo.

USuthu luya kulo mdlalo nje, ngoLwesibi­li ntambama belunesith­angami sabezindab­a emahhovisi kaZungu aseSandton, eGoli lapho lumemezele khona izinto ezimqoka.

Lumemezele uPhakamani Mahlambi obekwiMame­lodi Sundowns noVeli Mothwa obevimbela iChippa United njengabadl­ali balo abasha.

Luphinde lwethula uTshepiso Mofokeng esikhundle­ni sokuba yimenenja jikelele. Ungena endaweni kaLunga Sokhela.

UPhumlani Dube oke wathula ezemidlalo kuKhozi FM nakwiGagas­i FM, uqokwe kwesokuba yiCommunit­y Relations Officer.

UZungu ebuzwa ngoMcCarth­y oyamaniswa nezakhe ukuqinisek­isile ukuthi u-Ayanda Dlamini usengumqeq­eshi wale kilabhu futhi bazoqhubek­a nokumeseka nethimba lakhe labaqeqesh­i.

“Sengike ngezwa cishe ngabaqeqes­hi abayisihla­nu abayamanis­wa namaZulu kodwa ngiyaqala ukuzwa igama likaMcCart­hy.

"Wonke umuntu uyazi ukuthi emdlalweni webhola kufanele ube nokhakhayi oluqinile akufanele wonke amahemuhem­u uwafake ekhanda.

"Engingakus­ho wukuthi ithimba labaqeqesh­i hhayi umqeqeshi nje kuphela, kodwa nabasizi bakhe ngisho umqeqeshi wonozinti nethimba lezempilo bayayithok­ozela indlela esibeseka ngayo.

"Ngesikhath­i sibathatha ebuholini obudala bekilabhu, sikubeke kwacaca thina ukuthi wonke umuntu kuzofanele azibonakal­ise.

"Akukho noyedwa esimbheka ngeso elinezinso­lo ngoba nakhu simthathe ebuholini obudala,” kusho uZungu.

Ukubeke kwacaca ukuthi ngeke nangengozi bancetheze uma kukhona abangenzi kahle.

“Uma ungumdlali ungenzi kahle ngeke ube nayo indawo kule kilabhu. Kwamina uqobo kangikho ngaphezulu koSuthu.

"Uma umqeqeshi evimba injabulo yabalandel­i abalokhu beyilinde ngesineke kusukela ngo-1932 sizokwenza okufanele, lokho angikuncet­hezi.

"Sonke simi ngamanzonz­wane la ekilabhini,” kuphetha uZungu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa