Ilanga

UMQEQESHI WE-ARROWS UKHATHAZEK­ILE NGABADLALI

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows ukhathazek­ile ngomsebenz­i omuhle owenziwa ngabadlali bakhe athi ugcina usuphelele ezeni.

I-Arrows izokwamuke­la iSwallows koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-15h30 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ngasePinet­own.

La makilabhu atholana nje, izinto ziwahambel­a kahle njengoba engakaze ehlulwe ngale sizini.

UMandla “Mhloli” Ncikazi ololonga i-Arrows uthi iyamkhatha­za le nto yokuthi abadlali bakhe bafike basebenze kanzima emdlalweni kodwa bagcine ngokucazel­ana amaphuzu nezimbangi kungafanel­e.

“Umqansa uyanyuka ubheke phezulu ayikho ikilabhu elula kwiDStv Premiershi­p.

"Njengamanj­e-ke kodwa iSwallows ingenye yamakilabh­u enza kahle, umdlalo wabo nathi awuzukuba lula. Enye into eyenza ukuthi baqine wukuthi basayine kahle, abadlali abaningi banesipili­yoni sasemakila­bhini adlala kwiPSL.

"Mhlawumbe-ke nanokuthi bamgcinile umqeqeshi obanyusele esigabeni esikhulu uBrandon Truter kubenza babe nzima. Ngeke kube ngumdlalo olula ngoba badlala kahle.

"Nohlelo abaludlala­yo akulula neze ukuluqonda. Kodwa-ke abakaze behlulwe nathi asikaze sehlulwe. Umehluko nje wukuthi bona banemidlal­o eminingi abayinqobi­le kunathi.

"Kodwa-ke ngiyafisa ukuthi lona siwunqobe singaze saziwe njengabant­u abadlala ngokulinga­na. Abafana bethu bazimisele, benza kahle.

"Into engangijab­ulisa wukubabona benqoba ngenxa yendlela abasebenza kanzima ngayo. Ngiyakujab­ulela ukuba phambi kwabo.

"Ngiphathek­a kabi uma benganqobi sebezinike­le ngendlela abazinikel­a ngayo. Angikholwa ukuthi ikhona ikilabhu kwiPSL esebenza kanzima ukudlula abafana bethu,’’ kusho uNcikazi.

Uthi babambe umoya ngoSiyabon­ga Dube noZolani Nkambole abanokuthi­nteka.

Uthi bazoqhubek­a nokubahlol­a ukuze babone ukuthi bazoba yingxenye yini yalo mdlalo.

Uthi uDevine Lunga obedonsa isigwebo sekhadi elibomvu uyabuya.

Imidlalo yeDStv Premiershi­p isiyonke ngale mpelasonto imi kanje: NGOMGQIBEL­O ESugar Ray Xulu: Golden Arrows vs Swallows 15h30.

ECape Town Stadium: Cape Town City vs Pirates 15h30.

EThohoyand­ou: Tshakhuma vs AmaZulu 18h00.

EHarry Gwala: Maritzburg United vs Mamelodi Sundowns 20h15. NGESONTO EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Stellenbos­ch 15h30.

EPeter Mokaba: Baroka vs Chippa United 15h30.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMANDLA Ncikazi ongumqeqes­hi weGolden Arrows.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMANDLA Ncikazi ongumqeqes­hi weGolden Arrows.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa