Ilanga

Kubhoke izinkinga ekhempini yeChiefs

UHunt unengebhe ngokulimal­a kukaRamahl­we Mphahlele

- SENZO SOKHELA

USIZI luzwa olunye ekhempini yeKaizer Chiefs njengoba izinkinga zanda kunokuba zinciphe. IChiefs izobhekana neBamenda FC yaseCamero­on emlenzeni wesibili weCaf Champions League kusasa ngoLwesihl­anu ngo-18h00 eFNB Stadium, eSoweto.

Emlenzeni wokuqala obungeledl­ule ekuhambeni iChiefs inqobe ngo-1-0.

UGavin Hunt ololonga iChiefs ubalisa ngezinking­a athi ziyanda kunokuthi zinciphe eqenjini lakhe.

Kunovalo ngoRamahlw­e Mphahlele ongazange awuqede umdlalo obusekuham­beni ngenxa yokulimala.

Uthi bakhona nabanye abadlali bakhe abanokuthi­nteka.

“Ngeke sizilolong­e ngesivinin­i esiphezulu ngaphambi kwalo mdlalo wangoLwesi­hlanu, sizoshaya izinto ezincane ukuze abadlali bethu babuyelwe wumfutho.

"Nakhona sisazobona ukuthi ngobani abakhona ngoba kubukeka sengathi sinezinkin­ga ngabadlali abambalwa.

"Ngihlalele ovalweni nje lokuthi le nto ingasithik­amezi uma sesiya emdlalweni weligi neBlack Leopards.

"Sinenkinga enkulu ngoMphahle­le odonseke umsipha ethangeni ngemuva.

"Kodwa-ke sisazosihl­ola isimo sokulimala kwakhe nokuthi uzoba yingxenye yini yalo mdlalo,’’ kusho uHunt.

Ukulimala kwalo mdlali kuletha usizi ekhempini yeChiefs njengoba uHunt efike u-Eric Mathoho odlala emuva elimele kanti manje sekunovalo ngoMphahle­le. UMathoho akayidlala­nga imidlalo emibili yokuqala yeMTN8 njengoba eze wabuya kowomlenze wesibili we- semi final bedlala ne-Orlando Pirates lapho ekhishwe khona ngekhadi elibomvu. Ubengekho bedlala neGolden Arrows nakoweSwal­lows njengoba ezokhuza ibuya koweLeopar­ds.

Kuvele kulimele uSamir Nurkovic ongumgadli ongakaze alikhahlel­e ibhola ngale sizini.

Khonamanja­lo, iBloemfont­ein Celtic izodudulan­a neManiema Union yaseDemocr­atic Republic of Congo emlenzeni wesibili weCaf Confederat­ions Cup ngoMgqibel­o ngo-15h30 eDr Petrus Molemela Stadium, eFree State. Emlenzeni wokuqala obusekuham­beni iCeltic inqobe ngo-2-0.

 ??  ??
 ??  ?? URAMAHLWE Mphahlele weKaizer Chiefs onokuthint­eka.
URAMAHLWE Mphahlele weKaizer Chiefs onokuthint­eka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa