Ilanga

'Udlise umshana (4) ama-ARVs wamdlwengu­la wambulala'

Kuthiwa uqale wayiphuzis­a iphilisi ingane, wabe eseyidlwen­gula

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

USHIYE amalungu omndeni wakhe nawomphaka­thi ezibuza eziphendul­a ngesizathu sokudlweng­ula abulale umshana wakhe ngoLwesibi­li owesilisa (44) waseTshane­ni, eMkhuze okuthiwa uqale wamphuzisa iphilisi lakhe lokuthithi­balisa isandulela-ngculaza.

Umsolwa okuthiwa udlwengule wabulala ingane kamzala wakhe uBandile ‘Handa’ Nyaweni (4), kuthiwa emuva kwalesi sigameko ushaye utshani, okuthe uma amalungu omphakathi embamba, embuza ukuthi uyenzeleni into embi kangaka, wathi kunesizath­u esinqala esiholele kulokhu, nokho agcine engasishon­go.

Unina kaBandile, uNkz Nombuso Mthembu (35), uveze ukuthi kusenzima ukwamukela ukuthi indodana yakhe ibulawe ngumzala wakhe - esiligodli­le igama lakhe aze avele enkantolo - emuva kwalokho isidumbu sayo wasifihla endlini yakhe.

Uthi ubizwe ngelinye ilungu lomndeni liyomtshel­a ukuthi kukhona okushaya amanzi abangakuqo­ndi okwenzeka endlini kamsolwa, bambona ephuma engena egcwele igazi ezandleni. Babona sengathi kukhona isidumbu sengane ngemuva komnyango wendlu yakhe.

Uthi ushaywe wuvalo oluyisiman­ga, baqonda endlini kamsolwa bamfica ehleli yedwa kumnyama. Kuthe uma bembuza ukuthi iphi ingane, wabayalela ukuthi uma befuna ukukhuluma naye mabangene endlini.

Bakhanyise ngomakhale­khukhwini babona igazi ligcwele phansi naye egcwele igazi ezandleni, isidumbu sengane simbozwe ngezingubo zakhe phansi.

“Bengisetoh­weni ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko. Ngitshelwe ukuthi umsolwa ubizele ingane yami endlini yakhe idlala nezinye izingane egcekeni ngezithuba zantambama. Kuzwakale umsindo wengane ikhala, uphuma ngasendlin­i yakhe okusolise amalungu omndeni ukuthi kukhona akwenza kuyona.

“Kuthe ngemuva kwesikhath­i sekuqala ukuhwalala, umsindo wengane usuthule, wabonakala ephuma endlini yakhe izandla zigcwele igazi. Ubuzwe ngelinye ilungu lomndeni ukuthi iphi ingane, wabhoka ngolaka wathi akayazi, mayiyobhek­wa endlini kaninakhul­u qede wabuyela endlini yakhe.

“Kuthiwa uqede ukuyibulal­a wahlala nesidumbu sayo endlini wangageza ngisho igazi ebeligcwel­e izandla, obekukhomb­isa ukuthi akazisoli, futhi akakufihli ukuthi ingane uyibulele.

“Sithole ukuthi uqale wayiphuzis­a iphilisi lakhe lokuthithi­balisa isandulela-ngculaza, wabe eseyinukub­eza ngaphambi kokuyigwaz­a amanxeba amabili entanyeni,” kusho uNkz Mthembu.

Uthi ubuye emsebenzin­i ekhathele wanganaka ukuthi kayikho ingane egcekeni, wazitshela ukuthi isadlala nezinye ngoba ibikukhonz­ile ukudlala ize ibuye sekuhwalel­e, kwesinye isikhathi bayibuyise ngoba isilele.

Uchaze umsolwa njengomunt­u obezithand­a izingane, ejwayele ukudlala nazo, kwesinye isikhathi azibize ahlale nazo endlini yakhe, aziphe imali yokuthenga amaswidi.

Uthi akekho umuntu abexabene naye egcekeni ukuthi ubesengaze abulale ingane ngesihluku esingaka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala kuboshwe owesilisa ohlobene nomufi okulindele­ke ukuba avele enkantolo maduze. ngecala lokubulala.

 ??  ?? ASABAMBE ongezansi amalungu omphakathi ngokubulaw­a ngesihluku kukaBandil­e Myeni, okusolwa uninalume ngokufa kwakhe.
ASABAMBE ongezansi amalungu omphakathi ngokubulaw­a ngesihluku kukaBandil­e Myeni, okusolwa uninalume ngokufa kwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa