Ilanga

Kuhlehle umngcwabo kugula unina kaNgcongca

Umndeni wonke kawukakwam­ukeli ukudlula kwakhe emhlabeni

- MFANAFUTHI NDLOVU

UKUHLABEKA kukanina ka-Anele "Gondwe" Ngcongca ( osesithomb­eni), kuholele ekutheni kuhlehle umngcwabo walesi sitobha seMamelodi Sundowns ebese sisayine kumaZulu FC, sibolekisi­we.

UNgcongca wadlula emhlabeni mhla ka-23 kuLwezi (November) emuva kwengozi eyenzeke ngezintath­akusa emgwaqweni owuthelawa­yeka, ngaseMthun­zini.

Lo mdlali - owayehamba nowesifaza­ne othile ngesikhath­i eshona - bekufanele afihlwe izolo ngoLwesith­athu kodwa ngenxa yokuthi unina akaphathek­ile kahle empilweni, kwaphoqele­ka ukuba umngcwabo uhlehlele umhla ka-10 kwephezulu. Kuthiwa unina akaphathek­ile kahle empilweni selokhu wezwa izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ngoba ubeyithand­a kakhulu indodana yakhe. Phambilini kuke kwavela ukuthi uNgcongca uhamba emhlabeni nje, ubezibophe­zele ngokuyogub­ha usuku lokuzalwa kukanina okungabang­a kusenzeka. USiyasanga Ngcongca ongudadewa­bo ka-Anele, bekuzwakal­a ngisho ocingweni ukuthi le nto iyabakhiny­abeza bewumndeni.

Unxuse intatheli ukuba ithintane ngqo neMamelodi Sundowns ngoba nakubona akukenzeki ukuthi bamukele isimo, futhi kabazi ukuthi kumele benze njani ukudlula kusona.

UMike Makaab wePro Sports Internatio­nal, obeyimenen­ja yalo mdlali, uzwakalise ubuhlungu obuzwiwa wumndeni ngalesi sikhathi. Uthe u-Anele ubengumdla­li obemnene, ebazisa abantu futhi ezihloniph­a kakhulu. Uthe balahlekel­we kakhulu.

“Ngizomkhum­bula kakhulu u-Anele, namanje kusenzima ukwamukela isimo esibhekene naso eNingizimu Afrika jikelele.

"Ngithi emndenini wakhe mawududuze­ke ngalesi sikhathi, konke ukubeke kuMdali okunguyena ophethe impilo yethu,” kusho uMakaab.

Uthi ubesezwile ukuthi izinhlelo zokumfihla sezishints­hiwe njengoba unina kusenzima kuyena (ukwamukela) okwenzeke endodaneni yakhe.

USandile Zungu ongusihlal­o wamaZulu FC, exoxa nabezindab­a ngoLwesibi­li ngesikhath­i kwethulwa abadlali abasha eGoli, uzwakalise ukuphathek­a kabi ngokudlula kukaNgcong­ca abenethemb­a lokuthi uzokwenza umsebenzi omkhulu eqenjini.

Uthi yonke imidlalo ezayo yeDStv Premiershi­p bayibeka kuyena lo mdlali. Uthi okubuhlung­u wukuthi ubeseke wahlala nabadlali, waqala nokujima nekilabhu kanti ukufa kuzomnqind­a amandla.

Namanje kusenzima ukwamukela isimo esibhekene naso kuleli.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa