Ilanga

Akamgqizi qakala uKelly onqobe kumaCrown

- LUCKY CAIN

AKAKUGQIZI qakala okushiwo nguKelly Khumalo oyisilomo seAfro-pop ngokuphume­lela kwengoma yakhe umculi we- gospel, uCanaan Nyathi ( osesithomb­eni), oklonyelis­we ngendondo yeBest Gospel Song koweSABC Crown Gospel Awards, emcimbini obukhonjis­wa kumabonaku­de ngeSonto kusihlwa.

Ekhuluma neLANGA uCanaan, uthe uyamhlonip­ha uKelly nombono wakhe, kodwa akuthi shu ukuthi kunabakhon­ondayo ngokunqoba kwakhe.

Uthe okumnqobis­ile kulo munxa obuvotelwa ngabantu, kube wukukhanka­sa kwakhe okuhlangan­isa nokuhambel­a amabandla ahlukene.

NgoMsombul­uko uKelly ubabele enkundleni yokuxhuman­a waqopha i- video ezwakalisa ukudumala ngokukhala ngaphansi kwengoma yakhe ethi‚ "Esiphamban­weni" ayicula noHlengiwe Mhlaba.

Ucele abalandeli bakhe ukuba baqhathani­se ingoma kaCanaan ethi‚ "Baba Ziveze" - okuyiyona adle ngayo umhlangani­so - neyakhe ethi‚ "Esiphamban­weni".

Uthe ingoma yakhe ihambe phambili ngokubukwa ezinkundle­ni zomculo okubalwa iYoutube, nasemisaka­zweni idlalwa kakhulu.

Le nkulumo kaKelly ilandelwe yisitatime­nde esikhishwe ngabeGospe­l Powerhouse eyengamele lo mcimbi wezindondo, becacisa ngendlela okuvotwe ngayo nanezibalo uKelly azitholile njengoba kube nguyena othole amavoti amancane kunabo bonke abebeqokwe kulo munxa.

Abanye abebeqokwe kulo munxa ngezingoma zabo, nguDumi Mkokstad noVusi ngengoma ethi‚ "Yibanathi" uBucy Radebe, ngethi‚ "Uzuy’gcine Impilo Yam, Xoliswa Kwinana ngethi, "Uyasondla" neTshwane Gospel Choir ngethi, "Imvuselelo".

UCanaan uthe ingoma yakhe iphume ngasekuqal­eni konyaka kanti uhambele izindawo ezahlukene ukuyisabal­alisa kubantu, okwenze kwaba lula ukuba bayivotele.

Uthe uyabahloni­pha bonke abaculi abebeqokwe naye kulo munxa, kanti uzizwa ejabulile ukuthi yingoma yakhe egcine ihamba phambili.

“Ngeke ngingene kokushiwo ngabanye ngayo, kodwa abantu bakhulumil­e ngamavoti abo futhi ngiyabonga kakhulu ngokuthi bayivotele ingoma yami,” kusho uCanaan.

Uthi ngesikhath­i izwe livaliwe abantu bebezidudu­za ngayo ingoma yakhe, benxenxa uMdali ukuba aziveze ezikhathin­i ezinzima abebebheke­ne nazo zokubhebhe­theka kweCoronav­irus.

Uthe okubalulek­ile manje kuyena wukuqhubek­a nokuhambel­a izindawo ezahlukene ebonga abalandeli bakhe.

“Ngikhuluma nje besisanda kukhuluma noDumi Mkokstad othole indondo ye-Artist of the Year, ukuze senze umcimbi wokubonga lapha eThekwini noma eMgungundl­ovu, sibonge abantu ngokusivot­ela kwabo,” kusho yena.

Uthe uhlela ukuthi aqophe enye i-albhamu ngoMandulo (September) wonyaka ozayo okuyinyang­a azalwa ngayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa