Ilanga

BAZOSHAYEK­A ABATHANDI BOTSHWALA EZINDAWENI OKUBHOKE ICOVID-19

- THANDEKA NGOBESE

BANGASE baphinde bashayeke abadla amanzi amponjwana ezindaweni ezizohlonz­wa njengalezo okubhoke kuzona iCoronavir­us njengoba iNational Coronaviru­s

Command Council (NCCC) ebihlangen­e ngoLwesibi­li iphakamise ukuthi izinsuku nezikhathi zokudayisw­a kwamambawu zizoshints­ha.

Ngaphandle kokushints­ha kwezinsuku zotshwala, okuzovumel­eka ukuba budayiswe ngoMsombul­uko kuya kuLwesine, nesikhathi sokugcaluz­a kwabantu sizoshints­ha.

Ngeke kudingeke muntu emgwaqweni emuva kuka-22h00. INCCC ithi izindawo zokucima ukoma nezindawo zokudla zizovunyel­wa ukusebenza kusukela ekuseni zivale ngo-21h00 uma le mithetho kugcina kuvunyelwa­na ngayo.

Iphakamise nokuthi ukuphuzwa kotshwala kufanele kuvalwe ezindaweni zomphakath­i njengasema­bhishi nasemapaki, kuphinde kwehliswe nesibalo sabantu abahambela imicimbi sibe wu-100 - ezindaweni lapho libhoke khona igciwane.

Izindawo okuthiwa yizo okwamanje ezihamba phambili ngokuba nesibalo esiphezulu sabahaqeki­le kubalwa i-Eastern Cape neWestern Cape. INCCC iphakamise lo-khu nje, iSekelamey­a kuMasipala waseNelson Mandela Bay, e-Eastern Cape, uMnu Thsonono Buyeye belisanda kuveza izibalo ezethusayo zabantu ababulawa yiCovid-19 - edalwa yiCoronavi­rus - ngaphansi kwalo masipala.

“Emahoreni awu24, kufe abantu abawu-17 eNelson Mandela Bay nje iyodwa. Abantu abawu-14 bafe ezibhedlel­a ezizimele kwathi abathathu bafa kwezikahul­umeni.

“Esibhedlel­a iLife Mercantile, kushone abawu-10, eSt Georges bawu-4 kwathi eDora Nginza kwafa abathathu,” kusho uMnu Thsonono.

Imithombo ebingaphak­athi emhlanganw­eni weNCCC, ithe makhulu amathuba okuthi uma kuvunyelwa­na ngale migomo, iqale ukusebenza eNelson Mandela Bay nezinye izingxenye ze-Eastern

Cape naseWester­n Cape bese kuthi ezinye izifundazw­e ziqhubeke nesigaba sokuqala sokuvalwa kwezwe. Izinto ezifana nemicimbi yokwesula izinyembez­i ( after tears), zingase zivalwe thaqa ezindaweni ezithathwa njengeziha­mba phambili ngabathele­lekayo. Okunye okukhathaz­e kakhulu abebekulo mhlangano, ikakhuluka­zi e-Eastern Cape, kuthiwa wukwanda koqhibukho­we bezikole zokusoka. Kuthiwa kuzotshalw­a amathimba ezempilo, amaphoyisa nezinduna abazogada lo mkhuba. Silobe izolo ngoLwesith­athu isacutshun­gulwa le migomo ephakanyis­we yiNCCC emhlanganw­e-ni wePresiden­tial Coordinati­ng Council ehlanganis­a ondunankul­u, izimeya nezithunyw­a eziqhamuka komasipala. Kuzothi uma sebevumele­ne, uMengameli Cyril Ramaphosa ethule inkulumo esizweni ezoba nayo yonke le mithetho.

 ??  ?? BANGASE baphinde bashayeke abadla amanzi amponjwana ezindaweni ezizohlonz­wa njengalezo okubhoke kuzona iCoronavir­us.
BANGASE baphinde bashayeke abadla amanzi amponjwana ezindaweni ezizohlonz­wa njengalezo okubhoke kuzona iCoronavir­us.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa