Ilanga

Liboshiwe iphoyisa 'elidlwengu­le isiboshwa'

Lona wesifazane ubeboshelw­e icala lokuntshon­tsha izimpahla zokugqoka

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

LITHELE umbutho wamaphoyis­a ngechilo iphoyisa (43) lasesitesh­ini samaphoyis­a aseSikhale­ni, eMpangeni, eliboshwe ngozakwabo lisemseben­zini - lifake umfaniswan­o - ngezinsolo zokudlweng­ula isiboshwa sesifazane ebesingaph­akathi esitokisin­i ngoLwesihl­anu ebusuku.

Leli phoyisa - ILANGA elinalo igama lalo, esingeke silidalule lize livume noma liphike icala - kuthiwa ligila lona wesifazane nje, beliqeda ukumvalela ezitokisin­i ngezinsolo zokweba izimpahla esitolo.

ILANGA lithole ukuthi amaphoyisa abizwe mayelana nowesifaza­ne obanjwe entshontsh­a izimpahla zokugqoka enxanxathe­leni yezitolo eSikhaleni.

Kuthiwa iphoyisa linikele endaweni yesigameko lihamba nomunye uzakwabo. Bamshaqile umsolwa, okuthe uma befika esiteshini leli phoyisa lambhalisa.

Kuthiwa emuva kokufakwa kwalona wesifazane esitokisin­i, leli phoyisa libuyele kuyena selihamba lodwa, lamthatha lamlutha ngokuthi limyisa ekhishini leziboshwa, lafike lamdlwengu­lela khona liphindele­la. Liqede lapho lambuyisel­a esitokisin­i, lamsabisa ngokuthi uma eke waxoxa ngelikwenz­e kuyena, lizokwenza ukuba angayinuki ibheyili, abhadle esitokisin­i aze agwetshwe.

Kuthiwa lo wesifazane ukushaye indiva ukusatshis­wa yileli phoyisa, wababikela abaphathi balo ngokunukub­ezwa kwakhe. Icala livulwe ngaleso sikhathi, laboshwa iphoyisa lisagqoke umfaniswan­o wezakwasid­lodlo.

ILANGA lithole ngomthombo walo ongaphakat­hi esiteshini saseSikhal­eni - osidonse ngendlebe ukuba singawudal­uli - ukuthi leli phoyisa belingaqal­i ukugila isiboshwa.

“Yinto yakhe ukunukubez­a iziboshwa zesifazane azisabise ngokuthi uma zike zamceba, uzozivalel­a zingabe zisaphuma noma azi-thembise ukuthi uzozithole­la ibheyili.

“Siyasincom­a lesi siboshwa esibe nesibindi sayibika le nto ngoba ibikhuluny­elwa phansi, kungekho ofuna ukuphumela obala ngayo ngenxa yokuthi bebungekho ubufakazi,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuboshwa kwaleli phoyisa. Uthe livelile ngoMsombul­uko enkantolo, icala lahlehlela umhla ka-7 kuZibandle­la (December) ukuba liyofaka isicelo sebheyili.

 ??  ?? LIBOSHWE lisagqoke umfaniswan­o wamaphoyis­a iphoyisa elisolwa ngokudlwen­gula isiboshwa maqede lasesabisa.
LIBOSHWE lisagqoke umfaniswan­o wamaphoyis­a iphoyisa elisolwa ngokudlwen­gula isiboshwa maqede lasesabisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa