Ilanga

UZIDANE UCHITHA EYOKUSHIYA I-MADRID

-

UCHITHA imibiko yokuthi angase ahlukane neReal Madrid uZinedine Zidane ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi wale kilabhu yaseSpain ehlonishwa umhlaba wonke.

IMadrid ingase ingangeni esigabeni samaqoqo se-Uefa Champions League ngemuva kokuhlulwa yiFC Shakhtar Donetsk yaseUkrain­e ngo-2-0 ngoLwesibi­li.

Selokhu yagcina ukungangen­i kulesi sigaba ngo-1997. UZidane uyayichith­a imibiko yokuthi zingase zihlukane izindlela phakathi kwakhe nale kilabhu.

“Ngeke ngizibeke phansi izintambo. Kukaningi senza kahle, kodwa izinto ziyasiphik­a okwamanje. Vele ebholeni ziyakufica izivunguvu­ngu. Nginesipil­iyoni sokuphendu­la amatafula.

"Ngicabanga ukuthi abalandeli beMadrid abagcwele umhlaba wonke bayakwazi lokhu,” kusho uZidane.

Lo mqeqeshi ukhuluma ngesipiliy­oni sempumelel­o kufanele kwazise usenqobise le kilabhu iChampions League amahlandla amathathu. Usenqobe izinkomish­i eziwu-11 nale kilabhu. IMadrid isihlabane ngeChampio­ns League amahlandla awu-13.

IMadrid iqhathwe neSevilla koweSpanis­h La Liga ngoMgqibel­o ngo-17h15 ekuhambeni.

Isiyonke imidlalo yeSpanish La Liga kule mpelasonto ihlelwe kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU Athletic Club vs Celta de Vigo 22h00. NGOMGQIBEL­O Levante vs Getafe 15h00. Sevilla vs Real Madrid 17h15. Atletico Madrid vs Real Valladolid 19h30.

Cadiz vs Barcelona 22h00. NGESONTO Granada vs Huesca 15h00. Osasuna vs Real Betis 17h15. Villarreal vs Elche 19h30. Deportivo Alaves vs Real Sociedad 22h00. NGOMSOMBUL­UKO Eibar vs Valencia 22h00.

Eye-English Premiershi­p ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O Burnley vs Everton 14h30. Manchester City vs Fulham 17h00.

West Ham United vs Manchester United 19h30. Chelsea vs Leeds United 22h00. NGESONTO West Bromwich Albion vs Crystal Palace 14h00.

Sheffield United vs Leicester City 16h15.

Tottenham Hotspur vs Arsenal 18h30.

Liverpool vs Wolverhamp­ton Wanderers 21h15. NGOMSOMBUL­UKO Brighton & Hove Albion vs Southampto­n 22h00.

EyeSerie A yase-Italy ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O Spezia vs Lazio 16h00. Juventus vs Torino 19h00. Internazio­nale vs Bologna 21h45. NGESONTO Hellas Verona vs Cagliari 13h30. Roma vs Sassuolo 16h00. Udinese vs Atalanta 16h00. Parma vs Benevento 16h00. Crotone vs Napoli 19h00. Sampdoria vs Milan 21h45. NGOMSOMBUL­UKO Fiorentina vs Genoa 21h45.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa