Ilanga

UZungu ubona uhulumeni esenzele phansi isizwe

Uthi kuhlale obala ukuba ntekenteke kwengalo yomthetho

- MFANAFUTHI NDLOVU

USOLA uHulumeni waseNingiz­imu Afrika ngokuhudul­a izinyawo ekubopheni izigilamkh­uba ezicekele phansi amabhizini­si abo uMengameli weBlack Business Council, uMnu Sandale Zungu, ophinde abe ngusihlalo wamaZulu FC, agijima kwiDStv Premiershi­p.

Sekuwumlan­do ukuthi lolu dlame olwaqubuka KwaZulu-Natal, lwanabela eGauteng, emuva kokuzinike­la kukaMnu Jacob Zuma emaphoyise­ni ngobusuku bangomhla ka-7 kwephezulu - njengoba wagwetshwa izinyanga eziwu-15 yiNkantolo yoMthethos­isekelo ngokudelel­a umyalelo wayo - lushiye kukhalwa njengoba kubhujiswe amabhizini­si abeqashe inqwaba yabantu.

Izitolo zokudla ezihamba phambili ngokuqasha abantu abamnyama, okubalwa kuzo uSpar, uShoprite noBoxer, zishayeke kakhulu kulolu dlame.

Ekhuluma neLANGA izolo ngeSonto, uMnu Zungu - ongowokuda­buka eMlazi - uthe balokhu beqhubekil­e nezingxoxo nohulumeni wakuleli emazingeni ahlukene.

Uthi kodwa okukhathaz­a kakhulu wukuthi uhulumeni uhudula izinyawo ekubopheni abenzi bobubi.

“Siyasigxek­a kakhulu isenzo sabantu bakuleli ngokudala umonakalo wezigidi ngezigidi zamarandi, okubeka ikusasa lemindeni eminingi engcupheni, ngenxa yokuthi amanye amabhizini­si azothatha isikhathi eside ukuvuka.

"Kumele ngabe ngalesi sikhathi yinqwaba yabantu asebeboshi­we kwazise ubufakazi busobala.

"Okucacile wukuthi uhlaka lwamaphoyi­sa kalunalo ukhakhayi oluqinile ukubhekana nezimo ezenzekile. Bekumele amaphoyisa azame ngendlela yonke ukugwema le nto eyenzekile. Empeleni uhulumeni udlale kakhulu ngathi ngoba okulandela­yo wububha obuzodlang­a esizweni esimpishol­o, okungezona izindaba ezimnandi.

"Sibhekene nesimo ezinzima siyizwe ngoba abatshalim­ali bazokuba manqika ukufaka imali yabo ezweni elingenazo izinsiza zokugwema izimo ezifuze lesi.

"Sizokuba nemindeni eminingi ehlwempu, kanti kuzoba nzima ukuvuka kulesi simo.

"Kumele kuqhanyukw­e namaqhinga aphusile ukuzama ukufukula izwe emuva kwalo monakalo," kusho uMnu Zungu iqembu lakhe ebelisenxa­nxatheleni yezitolo, iBridge City, KwaMashu, izolo ngeSonto.

Uthe ukuya kwabo bewuSuthu kule nxanxathel­a yezitolo - ebalwa nezishayek­ile kulolu dungunyane wukuthi bebeyokhut­haza abalandeli, babanike ithemba ngesimo esenzekile.

Utshele ILANGA ukuthi njengoba ikomkhulu labo kuwuMbeleb­ele, lifana nensika yeqembu, bekubalule­kile ukuba babekhona ukukhuthaz­a imindeni nabalandel­i abawa bevuka nekilabhu yize kubhoke iCovid-19 eNingizimu Afrika.

“KwaMashu besiyobhek­a ukuthi sinjani isimo, siqinise abalandeli bethu idolo, sibheke nezinhlelo esingaleke­lela ngazo siyikilabh­u neBlack Business Council, ukuzama ukubuyisa ukuzethemb­a kubalandel­i nomphakath­i wonke waseNingiz­imu Afrika ohlukumeze­kile ngalesi simo.

"Kumele sifunde isifundo ngale nto eyenzekile ukuze ingaphinde yenzeke. Okugqamile wukuthi usemkhulu umsebenzi obhekene nesizwe esimpishol­o, kwazise kuvele obala ukuthi kasilingan­i," kusho uMnu Zungu ofike kumaZulu FC washintsha izinto, okwenze leli qembu laqeda isizi lilele endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiershi­p.

Ngalokho lizibekise­le indawo kwiCAF Champions League elizobe liyigijima okokuqala selokhu kwathi nhlo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa