Ilanga

UBUYE NGELINYE IGIYA UMJAHO KA-400KM

-

IBUYA ngelinye igiya iThe Icon Journey Marathon yanonyaka ezoqala ngeSonto isongwe mhla ka-10 e-Eastern Cape.

Umjaho wanonyaka wethulwe izolo ngoLwesith­athu khona belu e-Eastern Cape.

Abasubathi abazoqala ngoLwesine bazokwenza i-400km izinsuku eziwu-8. Ngosuku bazokwenza u-42km.

Kuzokuthi ngosuku lokugcina mhla ka-10 kube ne-103km evuleleke nakubasuba­thi abafuna ukwenza izikhathi zeComrades Marathon ezokuba mhla ka-28 kuNcwaba (August) isukela eMgungundl­ovu isongwe eThekwini.

Lo mjaho uzokube ugijinywa ngabasubat­hi abawu-20 abaphuma ezifundazw­eni eziwu-8.

Abenza u-400km, bazokube beqongelel­a imali yokusiza abafundi ngezinto zesikole. Umgijimi ngamunye kulaba abawu-20, uqoka isikole azonikela kusona.

Umjaho we-103km uzokube uhambisana no-35km, i-13km ne-7km bese kuba yi-cycling ekuzokuba wu-95km no-35km. Nonyaka kuphinde kwafakwa ne-hiking ezokuba yizinsuku ezimbili, ezoqala mhla ka-8 isongwe mhla ka-9.

“Nonyaka sinemijaho eminingi. Okusijabul­isa kakhulu wukuthi kulo mjaho wethu abasubathi bazokwazi ukwenza izikhathi zokubamba iqhaza kwiComrade­s .

"Sizokuba ne-scanner kwi-50km, okuyilapho okuzothi uma ubona ukuthi ngeke usakwazi ukufika ku103km, uthumele isikhathi sika50km kwiComrade­s Marathon.

"Amabanga esiwabekel­e abaya kwiComrade­s Marathon; wu-50km no-100km,” kusho uVulithuba Sangoni ongomunye wabadidiye­li balo mjaho.

Uthe senyuka mawala isibalo sabasubath­i abafuna ukubamba iqhaza kulo mjaho, ikakhuluka­zi i-103km.

“Ukubhalisa online kuvalwa namuhla ngoLwesine. Sizobavule­la labo abasale ngaphandle.

"Amafomu azokube etholakala kuMasipala iKing Sabata Dalindyebo,” kusho uVulithuba.

Imali yokubhalis­a wu-R700 kwi103km kube wu-R250 ku-35km, wu-R180 ku-13km no-R120 ku-7km.

Izingqwele ze-103km zizohlomul­a ngo-R50 000 kubo bobubili ubulili, kwehle njalo kuze kufike kwabazonge­na kunombolo 10.

Abanye bazothola imithobanh­liziyo yezikibha namakepisi.

Abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangashaye­la enombolwen­i ethi: 068 070 0945 noma bangene kwiwebsite ethi: www.theiconsjo­urneymarat­hon.com

I-KZNA inomjaho wokuzibeki­sela indawo kubasubath­i abaya kwiComrade­s Marathon. Lo mjaho uzokuba ngeSonto ekuseni uhambisana ne-21km ne-10km. Kwi-10km kuzokube kuqokwa abasubathi abazomela isifundazw­e kwiSouth Africa National 10km ezokuba mhla ka-13 kuMandulo (September) eTshwane.

AbaseShowe bazokube begadulisa kwicross ngoMgqibel­o eMlalazi, eShowe. Abafuna ukuya bangashaye­la enombolwen­i ethi: 079 528 3750. AbasoThuke­la bazokube bagadulisa­na kuyo i-cross eSgweje. Ngemininin­gwane kushayelwa ku: 072 450 3481.Abasubathi baseZulula­nd bazokhipha­na inkani kwiRoad to Comrades Marathon Charity Training Run ezokuba ngeSonto.

Lo mjaho uhlelwe ngouMoses Gazu woLundi Striders. Kuzokube kugadulisw­ana ku-60km, 30km no-15km. U-60km uzoqala ngo-3 ekuseni kuthi u-30km uqale ngo-5 bese kuthi u-15km uqale ngo-6 oLundi LaPalace. Ukubhalisa akukavalwa.

Le ingenelwe ngabasubat­hi abaningi, okukhona kubona nabahlonis­hwayo

Ngemininin­gwane kushayelwa uGazu: ku: 079 946 4465.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa