Uzophethwa ngamahlaya umkhosi woMthayi
IZOVALWA ngedili lamahlaya elibizwa ngeMthayi Comedy Night, indumezulu yomcimbi waminyaka yonke, uMthayi Festival, ezoba mhla ka-11 kwephezulu, lapho izinkumbi zabantu baseNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe bebuthana esigodlweni seNkosi Mabhudu Tembe, KwaMhlabuyalingana, ngenhloso yokugubha isivuno samaganu.
Lo mcimbi uvame ukuheha izinkulungwane zezivakashi minyaka yonke njengoba kwaziwa ukuthi ngalolu suku, kusuke kugujwa amasiko ahlukene ezizwe ezakhelene nalesi sizwe.
UCebo Mthembu odume ngelikaNyawo emdlalweni owuchungechunge uZalo - odabuka eManguzi - nguyena nomkhaya wakhe uChippa Ndlovu abahlela lo mcimbi wosomahlaya. Bathi bahlose ngawo ukukhuphula nokubeka ebalazweni ikhono losomahlaya bakule ndawo.
UCebo ophinde aziwe ngelikaMr Vibe emsakazweni Imbokodo FM, uthe kulo nyaka bafuna ukuqhamuka nomcimbi wokuthi uma abantu sebeqedile nge-festival, babe nomunye umcimbi wokubapholisa amakhanda lapho bezohleka khona, bajabule.
“Sibone ukuthi sihlele umcimbi walolu hlobo ngoba sifuna ukuthi nosomahlaya basendaweni, bathole ithuba lokubonwa njengoba sazi ukuthi uMthayi uhanjelwa ngabantu bamazinga ahlukene futhi abaqhamuka nakwezinye izindawo.
"Ngakho siyathemba ukuthi bazobabona ukuze nabo
bakhule kulo mkhakha,” esho.
Uthe bayethemba ukuthi njengoba bewuqala kulo nyaka, uzokhula minyaka yonke uze ugcine uheha nabaxhasi abakhulu bakahulumeni, kusukela kumasipala kuya nakuhulumeni wesifundazwe.
Amathikithi uthe atholakala eSpar.
Unxuse abantu ukuba basheshe bawathenge ngoba azobe esebiza imali ethe xaxa kulabo abazowathenga esangweni ngosuku lomcimbi.
Phakathi kosomahlaya ababoshelwe kubalwa uFelix
Hlophe, uKing Nuba, uChurchboy, uNonto R, uJustice Kubheka uGab noSalad.
Lo mcimbi uzohanjelwa nangosaziwayo abahlukene bakamabonakude okubalwa kubo uSipho Manzini wodumo lweThe Queen, uThembinkosi Thwala, uMenzi Biyela abangabalingisi kuZalo.