Ilanga

Uzophethwa ngamahlaya umkhosi woMthayi

- LUCKY CAIN

IZOVALWA ngedili lamahlaya elibizwa ngeMthayi Comedy Night, indumezulu yomcimbi waminyaka yonke, uMthayi Festival, ezoba mhla ka-11 kwephezulu, lapho izinkumbi zabantu baseNingiz­imu Afrika nabakwaman­ye amazwe bebuthana esigodlwen­i seNkosi Mabhudu Tembe, KwaMhlabuy­alingana, ngenhloso yokugubha isivuno samaganu.

Lo mcimbi uvame ukuheha izinkulung­wane zezivakash­i minyaka yonke njengoba kwaziwa ukuthi ngalolu suku, kusuke kugujwa amasiko ahlukene ezizwe ezakhelene nalesi sizwe.

UCebo Mthembu odume ngelikaNya­wo emdlalweni owuchungec­hunge uZalo - odabuka eManguzi - nguyena nomkhaya wakhe uChippa Ndlovu abahlela lo mcimbi wosomahlay­a. Bathi bahlose ngawo ukukhuphul­a nokubeka ebalazweni ikhono losomahlay­a bakule ndawo.

UCebo ophinde aziwe ngelikaMr Vibe emsakazwen­i Imbokodo FM, uthe kulo nyaka bafuna ukuqhamuka nomcimbi wokuthi uma abantu sebeqedile nge-festival, babe nomunye umcimbi wokubaphol­isa amakhanda lapho bezohleka khona, bajabule.

“Sibone ukuthi sihlele umcimbi walolu hlobo ngoba sifuna ukuthi nosomahlay­a basendawen­i, bathole ithuba lokubonwa njengoba sazi ukuthi uMthayi uhanjelwa ngabantu bamazinga ahlukene futhi abaqhamuka nakwezinye izindawo.

"Ngakho siyathemba ukuthi bazobabona ukuze nabo

bakhule kulo mkhakha,” esho.

Uthe bayethemba ukuthi njengoba bewuqala kulo nyaka, uzokhula minyaka yonke uze ugcine uheha nabaxhasi abakhulu bakahulume­ni, kusukela kumasipala kuya nakuhulume­ni wesifundaz­we.

Amathikith­i uthe atholakala eSpar.

Unxuse abantu ukuba basheshe bawathenge ngoba azobe esebiza imali ethe xaxa kulabo abazowathe­nga esangweni ngosuku lomcimbi.

Phakathi kosomahlay­a ababoshelw­e kubalwa uFelix

Hlophe, uKing Nuba, uChurchboy, uNonto R, uJustice Kubheka uGab noSalad.

Lo mcimbi uzohanjelw­a nangosaziw­ayo abahlukene bakamabona­kude okubalwa kubo uSipho Manzini wodumo lweThe Queen, uThembinko­si Thwala, uMenzi Biyela abangabali­ngisi kuZalo.

 ?? ?? UCEBO Mthembu ophinde aziwe ngelikaMr Vibe emsakazwen­i Imbokodo FM, nangoNyawo emdlalweni Uzalo, uhlela umcimbi wamahlaya, iMthayi Comedy Night, KwaMhlabuy­alingana.
UCEBO Mthembu ophinde aziwe ngelikaMr Vibe emsakazwen­i Imbokodo FM, nangoNyawo emdlalweni Uzalo, uhlela umcimbi wamahlaya, iMthayi Comedy Night, KwaMhlabuy­alingana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa