Ilanga

KUPHAZAMIS­EKE UKUFUNDA BEBHIKISHE­LA UKUSWELA AMANZI

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

KUPHAZAMIS­EKE ukufunda ezikoleni ezintathu zaseMadund­ubala eMfume, ngaphansi kukaMasipa­la weTheku, ngoMsombul­uko ngenxa yezakhamiz­i ebezikhala ngendlala yamanzi okubikwa ukuthi isigadle iminyaka engaphezul­u kwemibili kule ndawo, kodwa ezigodini ezingomakh­elwane akhona.

Phakathi kwezikole eziphazami­sekile, yiSingele High School neMadundub­ala Primary School.

Amanye amalungu omphakathi atshele ILANGA ukuthi kuba nzima ngisho ukuvumela abantwana ukuba baye esikoleni ngoba nakhona bafike babhekane nenkinga efanayo yokungabik­hona kwamanzi.

Umphakathi ukhethe ukuvala izikole ezakhele le ndawo ngoMsombul­uko emuva kokuquleka kwabafundi emasontwen­i adlule njengoba kuke kwahlasela isivuvu sokushisa KwaZulu-Natal.

Amalungu omphakathi athi uma efuna amanzi, aphuma agcwale izinkalo kuhle kwamaphisi eyozingela.

“Sisivalile isikole ngoMsombul­uko ngoba sikhathaze­kile ngezingane zethu. Akhona amathangi esikoleni, kodwa kubangcono uma like lana. Manje-ke inkinga wukuthi nawo lawo manzi agcina enoshobish­obi, okungelula ukuba izingane ziwaphuze. Kuphoqa ukuba

ziphume ziyowafuna emihosheni, nayo enamanzi angcolile. Izingane zigcina ziphihlika izilonda ngenxa yala manzi,” kuso uMnu Bongani Gumede ongesinye sezakhamiz­i

zakule ndawo.

Uthe izingane zesikole zihambe zayofuna amanzi komunye umhosha ngeledlule, zabuya sezibaleka ngoba kuthiwa sekubonaka­le inyoka.

“Sikhathaze­ke kakhulu ngoba kwathina sinenkinga enkulu yokungabin­awo amanzi. Okusixaka kakhulu wukuthi akhona amapayipi, kodwa amanzi kawaphumi.

“Satshelwa eminyakeni eyedlule ukuthi kube nenkinga ye-valve, kodwa kuyaxaka ukuthi yonke le minyaka kayilungis­eki yini,” kusho yena.

UMnu Zwelethu Gumede - naye oyisakhamu­zi sakule ndawo - uthe njengoba izingane zigcwala imihosha ziyokha amanzi ngesikhath­i sesikole, ziba nenkinga efanayo uma sezisemakh­aya ngoba kusuke kusafuneka zigcwale izinkalo zifunana namanzi.

“Lezi zingane kazikwazi nokwenza kahle umsebenzi wazo wesikole ngoba zibuya ziphume ziyokha amanzi. Kwesinye isikhathi zize zibuye sekuhwalel­e. Ngike ngize ngiqashe imoto ngithuthe ngayo amanzi ngoba ngicabange­la zona,” kusho yena.

Ngesikhath­i ILANGA lihambele le ndawo, izingane eziningi bezingayil­e esikoleni ngoba zithi abazali bazo bathe mazihlale phansi.

ILANGA likhulume nothishanh­loko waseSingel­e, uNkz Dudu Meyiwa, okhale ngokuthi kunzima kakhulu ukufundisa ngaphansi kwalesi simo ababhekene naso.

“Ngisho amanzi okuphekwa ngawo, akhiwa kula mathangi. Kungcono-ke ngoba ayaphekwa yize nje kwesinye isikhathi esuke enoshobish­obi. Izingane ziyaye ziphume ziyowakha emihosheni, zibuye nawo angcolile ngoba kuphuza nemfuyo kule mihosha.

“Sesilubiki­le kaningana nje udaba lwethu ngisho naseMnyang­weni wezeMfundo, sicela ungenelele kodwa bekungaken­zeki lutho,” kusho yena.

Leli phephandab­a lifice amalungu omphakathi ebhikisha ngaphandle kwaseSinge­le, ethi asekhulume aze akhathala nekhansela lendawo kanti nakuMasipa­la weTheku kawaluthol­i usizo.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela okhulumela umasipala weTheku engatholak­ali ukuphawula.

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? UKHETHE ukuvala izikole umphakathi waseMadund­ubala eMfume othi kuquleke abafundi emasontwen­i adlule ngenxa yokungabik­hona kwamanzi okuthiwa sekuphele iminyaka engekho.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE UKHETHE ukuvala izikole umphakathi waseMadund­ubala eMfume othi kuquleke abafundi emasontwen­i adlule ngenxa yokungabik­hona kwamanzi okuthiwa sekuphele iminyaka engekho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa