Ilanga

Kungase kuphele ukukolekel­wa kofata bamaRoma aKhatholik­a

Umbhishobh­i ucele ukuba bazwelwe abazalwane ngenxa yesimo somnotho

- TSEPO MOLEFE www.ilanganews.co.za

KUNGASE kuphele ukushayelw­a indishi (ukukolekel­wa imali) ngabazalwa­ne kofata bamaRoma aKhatholik­a abasuke begubha ukuhlangan­isa iminyaka ethile (anniversar­ies) namajubhil­i bekulezi zikhundla, njengoba umkhandlu wababhisho­bhi baleli bandla eNingizimu Afrika, iSouth African Catholic Bishops Conference (SACBC) ucele ukuba babe nozwelo ngenxa yesimo somnotho.

UMengameli weSACBC, umBhishobh­i Sithembele Sipuka wamaKhatho­lika eDayosisi yaseMthath­a, e-Eastern Cape, ucashunwe kwi-Associatio­n for Catholic Informatio­n in Africa (Aciafrica) enxusa ofata ukuba bashintshe ukwenza ngemicimbi yezikhumbu­zo namajubhil­i abo.

Ubakhuthaz­e ukuba bawagubhe ngokuhlawa­nganisa nemikhosi ethile yosanta bebandla kunokuba bathushuke sebenemigu­bho esikhaleni. Ngokujwaye­lekile, ebandleni lamaKhatho­lika kuye kuthi uma umphristi ehlanganis­a iminyaka esukela kwewu-5 ekulesi sikhundla, enzelwe umcimbi ngabazalwa­ne bepherishi noma bemishini ayibhekile emuva kwemisa ngeSonto.

Abazalwane ngokwehluk­ana kwemihlang­ano yebandla, bangena nezipho ezibizwa ngombondo, ziyothulwa phambi komphristi. Kushaywa nendishi kuhlangani­selwa ufata isipho semali, ahlatshisw­e nangesikla­bhu. Kugcina sekuwumdla­lo wemali, sekuqhudel­ana yonke imihlangan­o, kubhekwa ukuthi yimuphi okhiphe umnikelo omkhulu kunomunye.

UmBhishobh­i Sipuka uthi isimo somnotho sibi, ngakho kunemicimb­i eyenziwayo ebandleni egcina isebenzisa imali enkulu engalekele­la kwezinye izidingo zalo njengoba libhekene nenkinga kwezemali. Nokho usincomile isenzo sabazalwan­e sokunika ofata babo izipho uma begubha iminyaka ethile besezikhun­dleni.

“Besingakuj­abulela ukubona imicimbi yofata ingazimeli yodwa, kodwa ihlanganis­we nemikhosi yosanta ngokwehluk­ana kwabo. Ebandleni sinamabize­lo amaningi, ngakho kakumele kubesengat­hi kukhona abaluleke kakhulu kunamanye.

“Le yokugubha, ijwayeleke kakhulu kubaphrist­i kanti sinamabize­lo

ahlukene ebandleni njengoba sinamasist­ela namabhulat­a ngokwehluk­ana kwemihlang­ano yawo, ngakho nawo la mabizelo kumele angacindez­elwa,” kusho umBhishobh­i Sipuka.

Nokho kuphambana imibono njengoba abanye ofata abakhulume neLANGA - ngaphansi kombandela wokuba bangadalul­wa kwazise kabagunyaz­iwe ukukhuluma nabezindab­a - basihlabil­e isiphakami­so sikamBhish­obhi Sipuka.

Omunye uthe bengabaphr­isti, bahlukene ebandleni ngokwemihl­angano yezigodlo zabo kwazise kukhona ababhekwe ngumbhisho­bhi wedayosisi abakuyona, bese kuba khona abangaphan­si kwemihlang­ano ethile yasezigodl­weni.

“Thina esisemihla­nganweni kasifani nabakambhi­shobhi bona abanemihlo­mulo ethile evela ehhovisi lakhe. Uma senzelwa imicimbi yamajubhil­i, esikuthola kubazalwan­e kusilekele­la kakhulu ezigodlwen­i zethu. Singakujab­ulela ukubona umBhishobh­i Sipuka ekubuka ngamanye amehlo lokhu akuphakami­sile,” kusho omunye wofata.

Omunye ufata ongekho emhlanganw­eni wofata, kodwa owondliwa ngumbhisho­bhi, uthe: “Uyihlabe esikhonkos­ini umBhishobh­i Sipuka ngolwemigu­bho yofata. Kunofata abaluse amakholwa asemakhaya abathola okuncane okungafani nokutholwa ngabaluse emadolobhe­ni, okwenza bagcine sebeqhoshe­lana ngenxa yendishi abashayelw­a yona ngabazalwa­ne. Kuhle impela uma amajubhili sizowahlan­ganisa nemikhosi yosanta bebandla.”

 ?? ?? UMBHISHOBH­I Sithembele Sipuka ofisa kushintshw­e imicimbi yamajubhil­i ofata bamaKhatho­lika.
UMBHISHOBH­I Sithembele Sipuka ofisa kushintshw­e imicimbi yamajubhil­i ofata bamaKhatho­lika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa