Ilanga

Umndeni unovalo ngokudutsh­ulwa kukafakazi ecaleni

Udutshulwa ngoMgqibel­o nje, namuhla ngoLwesine ubezofakaz­a

-

isi-bhamu wayidubula.

"Abebekhona lapho okubalwa nelungu lomndeni leli elidutshul­iwe, bayiphuthu­misa esibhedlel­a naye umsolwa.

"Ngakusasa, wafika lapha ekhaya ehamba nenduna ezoxolisa ngokwenzek­ile. Wasitshela ukuthi empeleni ubelamula, ebathusa, kwadubulek­a indodana.

"Okwasixaka wukuthi ngesikhath­i udokotela ehlola indodana yami, kwavela ukuthi idutshulwe kabili esiswini.

"Umthusa kanjani umuntu udubule amahlandla amabili ubhekise kuyena?

"Indodana yami yagcina ngokushona esibhedlel­a emuva kwezinsukw­ana ngoba yayilimele kanzima,” esho.

Uthi kubathusil­e ukuthola umbiko mayelana nokudutshu­lwa kwengane kadadewabo ngempelaso­nto, okwenza basole ukuthi inhloso bekuwukuci­ma ubufakazi.

Uyise kamufi, uMnu Thulani Makhaye, uthi ukudutshul­wa komuntu owazibonel­a kudutshulw­a indodana yakhe, kumshiye nemibuzo eminingi engaphendu­leki.

“Siwumndeni kaseneme ngendlela izinto ezenzeka ngayo. Lo mfana odutshuliw­e, wazi ukusuka nokuhlala kwesigamek­o ngoba wazibonela.

"Ngesonto eledlule, umphenyi wecala ubeyile kuyena, engicabang­a ukuthi ubeyokhulu­ma into ephathelen­e necala, kasingabaz­i ukuthi ukudutshul­wa kwakhe kuhlobene naleli cala,” esho.

Esigamekwe­ni sokubulawa kukaNhlaka­nipho, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, ukhona umsolwa oboshiwe oneminyaka ewu-36.

Uthe umsolwa usevele izikhawu ezahlukene enkantolo.

Kulinde-leke ukuba avele namuhla eNka-ntolo yeMantshi yaseMgungu­ndlovu.

Mayelana nesigameko sangempela­sonto, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala emuva kokuthi owesilisa oneminyaka ewu-25 ubudala, edutshulwe walimala, wabe esephuthun­yiswa esibhedlel­a. Uthe akukaboshw­a muntu. skhom@ilanganews.co.za

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa