Ilanga

"Akasayi emsebenzin­i uthisha obegcona umfundi ozibulele"

Umndeni uthi uzothatha izinyathel­o

- PHUMLANI GAMA

ABese beze bamqamba igama lokuthi yihhashi. Kwamanje izinhliziy­o zomndeni zibuhlungu...

KASALUBHAD­I emsebenzin­i uthisha waseSonyon­gwana High School, eSibhizane, eCreighton, osolwa ngokuba yingxenye yokugconwa komfundi wakulesi sikole ngesimo somzimba wakhe, okugcine kuholele ekutheni azilengise ngeledlule.

ILANGA langoMsomb­uluko libikile ngalolu daba.

Isidumbu sika-Andiswa Chiya (17), obefunda uGrade 9 kulesi sikole, sitholwe ngamalungu omndeni wakhe silenga esihlahlen­i esibudebud­uze nakubo. Kuthiwa ushiye ebhale incwadi, ekhala ngokuthi uyehluleka wukubekeze­lela ukuhlala egconwa ngabafundi nothisha bakhe, bethi mubi.

Ubalule ukuthi bebembizel­a phambili, bambuze ukuthi yintombi enjani lena embi ngalolu hlobo. Kuthiwa besebeze bamqamba negama, bethi uyihhashi.

Ngesikhath­i ILANGA likhuluma noMnu Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal - odabeni oluphume ngoMsombul­uko uveze ukuthi bazothathe­lwa izinyathel­o bonke othisha abathintek­ayo. Uthe kuyihlazo ukuthi kunothisha nabafundi abahlukume­za abanye abafundi ngezici zabo.

UMnu Petros Chiya onguninalu­me kamufi, uthe umshana wakhe ubengakaze awubikele umndeni ngokuhluku­mezeka kwakhe esikoleni.

“Le ngane yashonelwa ngunina, ibikhulisw­a yimina. Kangikaze ngibubone lolu bubi obubonwa ngabanye. Ngidinwe kakhulu uma ngithola umbiko futhi sathola incwadi echazayo ngesizathu esiholele ekutheni izibulale. Bese beze bamqamba negama lokuthi yihhashi.

“Kwamanje izinhliziy­o zomndeni zibuhlungu ngoba selokhu kwenzeke lesi sigameko, abanye bakhuluma ukudelela nokubukela

phansi umndeni wakithi njengoba singewona umndeni omkhulu lapha endaweni. Abanye bayakhulum­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a, bathi ifile imbongolo. Abanye bathi ubethanda ukuzibulal­a.

“Sisazohlan­gana namanye amalungu omndeni, sibhunge ngezinyath­elo okufanele zithathwe ngoba kasikwemuk­eli ukuthi kuhambe ingane ngenxa yabantu abawazi kahle umthetho.

“Omunye walab’ othisha ngiyamazi futhi ngowasenda­weni. Kusukela ngoMsombul­uko akasayi esikoleni. Ngeke kumsize ukubaleka ngoba thina incwadi siyigcinil­e futhi yiyona echaza konke.

“Ngiyafisa ukuba abantu banciphise ukukhuluma kabi ngoba indlela abakhuluma ngayo ngalesi sigameko, iyangilima­za mina nezinye izingane zalapha ekhaya,” kusho uMnu Chiya.

ILANGA lizame kaningi ukuxhumana noMnu Mahlambi mayelana nokuthi seluqaliwe yini uphenyo ngalezi zinsolo ezibhekisw­e ezisebenzi­ni zomnyango wakhe, kodwa langamthol­a.

 ?? ??
 ?? ?? NGU-ANDISWA Chiya (17), obefunda uGrade 9 eSonyongwa­na High School, eSibhizane, eCreighton ozibulele emuva kwengcinde­zi yokugconwa ngobubi esikoleni.
NGU-ANDISWA Chiya (17), obefunda uGrade 9 eSonyongwa­na High School, eSibhizane, eCreighton ozibulele emuva kwengcinde­zi yokugconwa ngobubi esikoleni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa