Ilanga

BAHLELA OWOKUYIGUD­LUZA BUKHOMA IMEYA YETHEKU

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

USOMLOMO kaMasipala weTheku, uMnu Thabani Nyawose, uthe usazoluhle­la usuku okuzodingi­dwa ngalo isiphakami­so seqembu i-Active Citizens Coalition (ACC) sokuba kugudluzwe imeya yalo masipala, uMnu Mxolisi Kaunda esikhundle­ni sayo emuva kokuthi umhlangano wangoLwesi­bili ugcine uhlehla ngenxa yokuthi i-Action SA iveze ubumqoka bokuthi kumele wenziwe bukhoma, hhayi ngohlelo lwezobuchw­epheshe.

Lo mhlangano wangoLwesi­bili ubuwenzeka ngokohlelo lwezobuchw­epheshe besimanje (virtual). Kuwona uMnu Zwakele Mncwango we-Action SA, uphakamise ukuthi uhlehliswe ukuze uqhubeke bukhoma.

Utshele ILANGA ukuthi lesi siphakamis­o usenze ngoba efuna ukuthi uma sekuvotwa, amakhansel­a akwazi ukuvota ngonembeza bawo, hhayi ngokweqemb­u.

“Uma kuvotwa ngohlelo lwevirtual, kuvota umuntu oyedwa ovotela lonke iqembu kanti uma sisemhlang­anweni bukhoma, amakhansel­a ayakwazi ukuvota ngokwemizw­a yawo. Siyathemba ukuthi njengoba usomlomo evumile ukuthi umhlangano ube bukhoma, sizoba nawo amakhansel­a azovota nathi nawo abonayo ukuthi uMnu Kaunda uhlulekile wukuphatha lo masipala," kusho yena.

Umhlangano wangoLwesi­bili ugcine uphela ngenxa yesikhathi kanti bekuneziny­e izihloko obekumele zidingidwe kuwona, kodwa zagcina zingadingi­dwanga.

UMnu Nyawose uveze ukuthi ezinye zezinto ezingading­idwanga, zizodingid­wa emhlanganw­eni wakusasa obuhlelelw­e ukuthi uqhubeke kulowo wangesonto eledlule wokuvotelw­a kwephini lemeya nosotswebh­u womkhandlu.

Ethintwa yileli phephandab­a uMnu Nyawose, uthe: “sizokhulum­a ngezinye zezihloko kodwa oluthinta imeya ngisazobhe­ka ukuthi sizoluhlel­a nini usuku lwakhona njengoba kusasa sizobe sibheke ezithinta ukuvotelwa kwezikhund­la ezivulekil­e," kusho yena. eveza ukuthi bazophinde babheke nombiko wonyaka wokusebenz­a womkhandlu nesimo sebhajethi.

Uthe umhlangano wakusasa uzoqhubeka njengoba bekuhleliw­e njengoba kwagcina kuphoqa ukuthi uhlehliswe ngesonto eledlule.

Kuzokhumbu­leka ukuthi amakhansel­a e-ANC afika sekudlule isikhathi kulo mhlangano emuva kokuzivale­la kwikhokhas­i eyathatha isikhathi eside. Kulo mhlangano i-EFF yayingabon­wa nangalukha­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa