Ilanga

UMKLOMELO WOKWENZA KAHLE KUMATIKULE­TSHENI UPHENDUKE IMALI YOKUBHALIS­A ENYUVESI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUGQUGQUZE­LWE umkhakha wezolimo nesayensi kubafundi bezikole zasoNdini beklonyeli­swa ngokwenza kahle kumatikule­tsheni wanyakenye.

Batshelwe ukuthi le ndawo idinga ukuthuthuk­iswa ngezolimo nokubambis­ana kososayens­i njengoba kungeyasem­akhaya futhi isadonsa kanzima kule mikhakha.

Lokhu kuvezwe yimeya yakhona, uMnu Wilson Ntshangase ngoLwesibi­li eMultipurp­ose Centre, oNdini eklomelisa abafundi ngokuphasa kahle kwabo. Umfundi emunye kwabawu-10, babongwe ngama-laptop, u-R5 000, i-tablet nezinsizak­ufunda.

“Kasinankin­ga neminye imikhakha, kodwa siyafisa ukuthi abantwana bayithande kakhulu le mikhakha engiyibali­le ngoba ngikholwa wukuthi ingaletha ushintsho olukhulu emphakathi­ni wasoNdini. Akukho okukhulu esinakho ukweseka imfundo yethu, kodwa kokuncane sikwazile ukubeka inkece encane yokweseka umsebenzi omuhle owenziwa ngothisha nabantwana.

“Lolu hlelo lokuklomel­isa silubhekis­e kulaba bafundi okwamanje, kodwa sinalo nolunye lokusiza ngenkece yokubhalis­a enyuvesi kubafundi ababili ewadini ngayinye,” kusho uMnu Ntshangase.

Uthe imfundo kufanele yesekwe yizona zonke izinhlaka zomphakath­i ngenxa yokubalule­ka kwayo.

“Masilenze lifezeke iphupho labafundi. Kule minyaka esiphila kuyona, kunamathub­a amaningi nemikhakha eminingi izingane ezingangen­a kuyona ukuze nazo zibe ngabasungu­li bezinto njengoba sekukhona nobuchweph­eshe obahlukene bokwenza izinto,” kusho uMnu Ntshangase.

Izikole ezintathu ezithole u-100% - okuyiJames Nxumalo Secondary School, iThabani Isaac Gasa High neKonfoor High - ziklonyeli­swe ngo-R10 000 ohambisana nendondo isikole ngasinye. Omunye wabafudi abahlomuli­le, uXolani Sibiya waseNkonje­ni obefunda eDikana High School, uthe ukuklonyel­iswa kwakhe sekulekele­le umndeni wakhe ngoba le mali usezobhali­sa ngayo e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), uyokwenza iziqu zobudokote­la.

“Umasipala ulethe enkulu injabulo kimina nomndeni wami ngoba bengingaka­sizakali ngemali yoxhaso lwesikhwam­a sikahulume­ni esisiza abafundi abadabuka emindenini ehlwempu. Ngiyabonga kakhulu ngabasenze­le khona,” kusho uXolani.

Umzali wengane ebifunda eVukuza High School, uNkz Smangele Xulu waKwaNodwe­ngu, utshele

ukuthi baswele imilomo eyizinkulu­ngwane yokubonga uhlelo lokusizwa kwabantwan­a.

I-Zululand ibalwa nezindawo ezigqame nakuzwelon­ke ngenxa yomfundi waseMasibu­mbane High obeyimele ngesikhath­i uNgqongqos­he wezeMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, eklomelisa abafundi.

 ?? ?? UMFUNDI waseMbilan­e High uSnqobile Buthelezi eklonyelis­wa yimeya yasoNdini uMnu Wilson Ntshangase, isekela layo uNkk Thembisile GabaMadela, nomhloli omkhulu wesekethe uNkk Xoliswa Cele.
UMFUNDI waseMbilan­e High uSnqobile Buthelezi eklonyelis­wa yimeya yasoNdini uMnu Wilson Ntshangase, isekela layo uNkk Thembisile GabaMadela, nomhloli omkhulu wesekethe uNkk Xoliswa Cele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa