Ilanga

IMEYA INXUSE UKUBA IZIKOLE EZENZA KAHLE NEZITABALA­SAYO ZISEBENZIS­ANE

- MTHOBISI SITHOLE

INXUSE ukusebenzi­sana kwezikole ezenza kahle nezitabala­sayo iMeya yaseNkosi Langalibal­ele, uMnu Mduduzi Myeza ngesikhath­i ihalalisel­a abafundi abenze kahle kumatikule­tsheni eMtshezi ngeledlule.

UMnu Myeza uthi othisha kufanele basizane, bavumele nezingane ezifunda ezikoleni ezingenzi kahle ukuba zithole ulwazi kwezenza kahle.

Uklomelise abafundi abawu-10 bakule ndawo abahambe phambili uMtshezi wonke, kubalwa nabathathu abaphase baze bamenywa emcimbini woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, obuseThekw­ini mhla ka-20 ngenyanga edlule.

“Kuncane esinakho esandleni, kodwa siwumkhand­lu wamakhanse­la, sizibophez­ele ukulekelel­a imfundo yaseMtshez­i. Nyakenye sinikele ngezicathu­lo zesikole kubantwana abawu-500 abaswele, savakashel­a nezikole ezahlukene, sihlola imfundo ukuthi iqhubeka kanjani.

“Konke lokhu kuyimizamo yokuthi umasipala wenze konke okusemandl­eni ukuthuthuk­isa imfundo. Ngakho-ke, kuyosibuyi­sela emuva kuyona yonke imizamo yethu uma kuwukuthi nazo izikole kazibambis­ani ukuze le ndawo iphakeme yonke,” kusho uMnu Myeza.

Ubongele ngokukheth­ekile abafundi bakule ndawo abahlonish­we nasezingen­i lesifundaz­we; okunguMhle­ngi Chiliza, uSthembiso Mthembu noNtokozo Maphanga. Uveze ukuthi bayaziqhen­ya kakhulu ngeSiceban­golwazi Secondary School, okuyiyona ephume phambili kwisekethe yendawo.

“Umsebenzi wothisha (wangonyaka odlule) uyancomeka. Lokhuke kuyasikhut­haza ngoba ngesikhath­i singena ehhovisi lomkhandlu, sizibophez­ele ukuthi imfundo yiyona esizoyibek­a eqhulwini,” kusho uMnu Myeza.

Kugqugquze­lwe abafundi bakule ndawo abaswele imali yokubhalis­a ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ukuba bafake izicelo emahhovisi kamasipala.

Uthe abafundi babelwe u-R400 000 ozolekelel­a abathathwe emanyuvesi kodwa abangenawo amandla okuthola imali yokubhalis­a.

Kuklonyeli­swe nezikole eziwu10 ezenze kahle. Abafundi banikezwe izindondo ezihambisa­na nama-laptop okuthiwa bazowasebe­nzisa emanyuvesi. Omunye wabafundi abahlomuli­le, uMhlengi Chiliza, uthe okumjabuli­sile wukuthi bakwazile ukumela indawo yangakubo nasesifund­azweni.

 ?? ?? ABAFUNDI bezikole zaseMtshez­i abanikwe izipho behalalise­lwa ngokuphasa kahle umatikulet­sheni.
ABAFUNDI bezikole zaseMtshez­i abanikwe izipho behalalise­lwa ngokuphasa kahle umatikulet­sheni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa