Kubongwe abavikela izitolo ngezibhelu zikaNtulikazi
Bekuklonyeliswa abafundi abaphase kahle umatikuletsheni
KUBONGWE iqhaza lamakhosi aseNkandla ngemfundiso yawo emiphakathini ngesikhathi kuhlonishwa abafundi abaphase kahle umatikuletsheni wanyakenye, ngaphansi kukaMasipala waseNkandla, emcimbini obungoLwesibili.
IMeya yaseNkandla, uMnu Mbhekiseni Biyela, iveze lokhu ichoma uphaphe lwegwalagwala amalungu omphakathi awu-39 avikele izitolo zaseNkandla ngesikhathi kutatshwa impahla ngesikhathi sezibhelu zikaNtulikazi (July) 2021. Abongwe ngezipho.
Kulo mcimbi kuklonyeliswe abafundi abawu-10 abaphase ngamalengiso umatikuletsheni kule ndawo enezikole eziwu-46 zamabanga aphezulu.
“Ngifisa ukuncoma amakhosi akithi lapha eNkandla ngokuqinisekisa ukuthi kube nokuphepha ezindaweni zawo, okwenza ukufunda kube yimpumelelo. Uzinzo olukhona ezindaweni zamakhosi lubaluleke kakhulu, ngoba lwenza othisha basebenze ngokukhululeka kanjalo nabantwana, ikakhulukazi njengoba sebabaningi abahlala emqashweni.
“Izinhlaka zokuvikela imfundo yakithi ezisungulwe emphakathini, ngiyazincoma kakhulu njengoba abantwana befunda ebusuku ngokukhululeka. Sibonga umsebenzi omuhle wothisha nabantwana.
“Ngiphakama nokuzigqaja okukhulu ngendlela izikole zakithi
lapha eNkandla eziphumelele ngayo ngamalengiso. Kuyathokozisa kakhulu ukubona kuncipha igebe phakathi kwezikole osekuneminyaka zenza kahle nalezo ebezilokhu zidonsa kanzima kule minyaka edlule.
“Lokho kukhomba ukuthi likhona isu elisetshenziswayo lapha eNkandla ukufukula imfundo yakithi. Siyohlale sithokoza ngeqhaza elibanjwe yizikole ezibe ngamavulandlela ekukhiqizeni imiphumela emihle, ngoba zigqugquzele
nezinye ukuba zisebenze ngokuzikhandla.
“Nakulo nyaka sibone isikole sakithi, iBizimali, sivelela ezingeni lesifundazwe ngabafundi abaphase ngamalengiso. Ngenkathi iBizimali idlondlobala, sabona kulandela esinye isikole sakithi, iVelangaye, zalandela nezinye njengeLushaba. Manje sibona oMazondi, Mvutshini, Amaphuthu, Phembela, Golozela nezinye eziningi,” kusho uMnu Biyela.
Uthi likhulu iqhaza elabanjwa ngamalungu omphakathi evikela isitolo iShoprite, eNkandla ngesikhathi sokutapa. Wonke amalungu omphakathi achonywe uphaphe lwegwalagwala anikwe izingubo zokulala.
Abafundi abawu-140 banikezwe imifundaze, kwathi abawu-10 okungu-Aphile Mdluli waseBizimali, uLuleko Ngubane waseNgono, uSabelo Makhathini waseGolozela, uSphesihle Langa waseBizimali, uThandokuhle Xulu waseBizimali, uNtokozo Xulu waseVelangaye, uMlando Maphumulo waseNgono, uSphesihle Hlophe waseBizimali, uNolwazi Sibisi waseBizimali noSiyamthanda Gina waseBizimali - kwaba yimali namalaptop.
INkosi yesizwe sakwaXulu, uMnu Thembinkosi “Sgidla” Xulu, ithe ukuphepha kwezikole yikhona okuseqhulwini ngoba bafuna ukuthi othisha nabantwana bahlale bephephile.