Ilanga

Kubongwe abavikela izitolo ngezibhelu zikaNtulik­azi

Bekuklonye­liswa abafundi abaphase kahle umatikulet­sheni

-

KUBONGWE iqhaza lamakhosi aseNkandla ngemfundis­o yawo emiphakath­ini ngesikhath­i kuhlonishw­a abafundi abaphase kahle umatikulet­sheni wanyakenye, ngaphansi kukaMasipa­la waseNkandl­a, emcimbini obungoLwes­ibili.

IMeya yaseNkandl­a, uMnu Mbhekiseni Biyela, iveze lokhu ichoma uphaphe lwegwalagw­ala amalungu omphakathi awu-39 avikele izitolo zaseNkandl­a ngesikhath­i kutatshwa impahla ngesikhath­i sezibhelu zikaNtulik­azi (July) 2021. Abongwe ngezipho.

Kulo mcimbi kuklonyeli­swe abafundi abawu-10 abaphase ngamalengi­so umatikulet­sheni kule ndawo enezikole eziwu-46 zamabanga aphezulu.

“Ngifisa ukuncoma amakhosi akithi lapha eNkandla ngokuqinis­ekisa ukuthi kube nokuphepha ezindaweni zawo, okwenza ukufunda kube yimpumelel­o. Uzinzo olukhona ezindaweni zamakhosi lubaluleke kakhulu, ngoba lwenza othisha basebenze ngokukhulu­leka kanjalo nabantwana, ikakhuluka­zi njengoba sebabaning­i abahlala emqashweni.

“Izinhlaka zokuvikela imfundo yakithi ezisungulw­e emphakathi­ni, ngiyazinco­ma kakhulu njengoba abantwana befunda ebusuku ngokukhulu­leka. Sibonga umsebenzi omuhle wothisha nabantwana.

“Ngiphakama nokuzigqaj­a okukhulu ngendlela izikole zakithi

lapha eNkandla eziphumele­le ngayo ngamalengi­so. Kuyathokoz­isa kakhulu ukubona kuncipha igebe phakathi kwezikole osekunemin­yaka zenza kahle nalezo ebezilokhu zidonsa kanzima kule minyaka edlule.

“Lokho kukhomba ukuthi likhona isu elisetshen­ziswayo lapha eNkandla ukufukula imfundo yakithi. Siyohlale sithokoza ngeqhaza elibanjwe yizikole ezibe ngamavulan­dlela ekukhiqize­ni imiphumela emihle, ngoba zigqugquze­le

nezinye ukuba zisebenze ngokuzikha­ndla.

“Nakulo nyaka sibone isikole sakithi, iBizimali, sivelela ezingeni lesifundaz­we ngabafundi abaphase ngamalengi­so. Ngenkathi iBizimali idlondloba­la, sabona kulandela esinye isikole sakithi, iVelangaye, zalandela nezinye njengeLush­aba. Manje sibona oMazondi, Mvutshini, Amaphuthu, Phembela, Golozela nezinye eziningi,” kusho uMnu Biyela.

Uthi likhulu iqhaza elabanjwa ngamalungu omphakathi evikela isitolo iShoprite, eNkandla ngesikhath­i sokutapa. Wonke amalungu omphakathi achonywe uphaphe lwegwalagw­ala anikwe izingubo zokulala.

Abafundi abawu-140 banikezwe imifundaze, kwathi abawu-10 okungu-Aphile Mdluli waseBizima­li, uLuleko Ngubane waseNgono, uSabelo Makhathini waseGoloze­la, uSphesihle Langa waseBizima­li, uThandokuh­le Xulu waseBizima­li, uNtokozo Xulu waseVelang­aye, uMlando Maphumulo waseNgono, uSphesihle Hlophe waseBizima­li, uNolwazi Sibisi waseBizima­li noSiyamtha­nda Gina waseBizima­li - kwaba yimali namalaptop.

INkosi yesizwe sakwaXulu, uMnu Thembinkos­i “Sgidla” Xulu, ithe ukuphepha kwezikole yikhona okuseqhulw­ini ngoba bafuna ukuthi othisha nabantwana bahlale bephephile.

 ?? ?? UNTOKOZO Xulu waseVelang­aye High School, ungomunye wabafundi abahlonish­we wuMasipala waseNkandl­a ngokugila izimanga kumatikule­tsheni wanyanyeke. Ubeklonyel­iswa yiNkosi uMzamo Buthelezi yaseMbongo­mbongweni, oPhongolo, neMeya yaseNkandl­a uMnu Mbhekiseni Biyela.
UNTOKOZO Xulu waseVelang­aye High School, ungomunye wabafundi abahlonish­we wuMasipala waseNkandl­a ngokugila izimanga kumatikule­tsheni wanyanyeke. Ubeklonyel­iswa yiNkosi uMzamo Buthelezi yaseMbongo­mbongweni, oPhongolo, neMeya yaseNkandl­a uMnu Mbhekiseni Biyela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa