INJABULO KUTHENGWA IZINSIZA ZOMPHAKATHI WUMASIPALA IZULULAND
SIKITAZE izinhliziyo zamanye amalungu omphakathi ongaphansi kukaMasipala wesiFunda saseZululand, isenzo sawo sokuthenga amaloli awu-10, okuthuthela umphakathi amanzi, ogeleja abathathu bokulu-ngisa imigwaqo yasemakhaya namaveni awu-10.
Abantu bakule ndawo bathi liphume nobovu ngokuhlinzekwa ngalezi zinsiza kwazise amanzi bebephila ngokuwathenga njengoba amaloli abebuye angafiki kubona.
UNkk Nomusa Zulu oyisakhamuzi sasePhakama, oNdini, uthe ukwandi-swa kwamaloli amanzi kuzobasiza baphile impilo efanayo neyabantu abanompompi emagcekeni.
“Belulukhulu usizi ebesibhekene nalo. Bekuthi noma esefikile amaloli, ahluleke wukusikhava sonke ngoba (abashayeli) basebenza ngokubala amahora.
"Bekuthi uma sekudlulile amahoreni omsebenzi, bajike, kungakhathaleki noma kukhona abasalile noma cha.
"Sibonga kakhulu kuMasipala waseZululand ngokusephula kulolu sizi ebesibhekene nalo,” kusho uNkk Zulu.
UNkk Mavis Mpungose ongesinye sezakhamizi, naye ubonge umasipala ngesinqumo sokuthenga amaloli amanzi.
“Le nkinga ebesibhekana nayo yokujika nezigubhu emgwaqweni sibuye sishwila izandla singaphethe manzi - inqotshiwe njengoba sekuthengwe amaloli angaka,” kusho uNkk Mpungose.
IMeya yaseZululand, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ithe ngokuthenga kwabo lezi zimoto, bebegcwalisa abakuthembisa, ukuthi bazosheshisa intuthuko iye ebantwini.
“Izimoto ebesizisebenzisa besiziqasha, manje njengoba sesithenge ezethu, akekho umuntu ozolala engenawo amanzi. Abashayeli bazosebenza ngisho amahora engeziwe ukuqinisekisa ukuthi amanzi ayaya ebantwini.
"Sithenge nogandaganda abazosisiza ukulungisa imigwaqo yasemakhaya ngoba uMnyango wezokuThutha kawuzinaki kakhulu lezi zindawo.
"Imigwaqo izolungiswa oNdini, eBaqulusini, eDumbe nasoPhongolo. Siwumasipala, kuwumsebenzi wethu ukuthi abantu sibasize, bayibone intuthuko,” kusho imeya.