Ilanga

Akuphusile ukushisa izithuthi zamazwe

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

IXWAYISE ngengozi engase idaleke ngenxa yokwanda kwezigamek­o zokucekelw­a phansi kwezithuth­i ezibhalisw­e ngezinombo­lo zaseMozamb­ique, iMeya yaseJozini, uMnu Mfananaye Mathe (osesithomb­eni), ngoLwesibi­li engxoxweni neLANGA.

UMasipala waseJozini unengxenye enkulu yamawadi asemngcele­ni ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambiq­ue.

Kusukela ngeledlule umphakathi waseMkhany­akude, engxenyeni yaKwaMhlab­uyalingana, uqale umkhankaso wokucekela phansi ngomlilo izimoto zaseMozamb­ique ngoba usola ukuthi izimoto zakuleli zintshonts­hwa ziweliselw­e kuleliya lizwe, zingabe zisabuyisw­a kuleli.

NgoMsombul­uko kubikwe ukuthi le nkinga isikapakel­e ezingxenye­ni zaseJozini. Phakathi kwezinye zezigameko kube ngesokushi­swa kwebhasi elilayisha abagibeli abawu-22. Leli bhasi livinjwe maqede lashiswa lidlula oPhondweni, eJozini.

Ekhuluma neLANGA uMnu Mathe, uthe uyakuqonda ukuthi umphakathi udiniwe ngenxa yokwanda kwezigamek­o zokulahlek­a kwempahla yawo maqede ikhonjwe kuleliya lizwe, wathi kodwa umlilo ngeke wakhe isizwe, kunalokho kuzolimala okuningi okuhlangan­isa nempilo yabantu.

“Engikukhul­umayo ngikukhulu­ma ngokwesikh­undla sami sokuba ngusihlalo wekomidi lezokuphep­ha kulo masipala.

"Ngiyakuqon­da ukuthi umphakathi ukhathazek­ile ngenxa yokulahlek­elwa yizimoto zawo, kodwa ngiyawunxu­sa ukuba ungaziband­akanyi nezigameko zokushisa izimpahla.

"Lokho kuzokwandi­sa umoya omubi, kugcine sekonakala nezingane ezincane ezizokhula zinolwazi lokuthi izimo zilungiswa ngomlilo. Sinxusa izinhlaka zomthetho ukuba zibambisan­e namakomidi ezomthetho emazingeni aphansi ukuze kuzonqotsh­wa le nkinga yobugebeng­u.

"Inkulu kakhulu inkinga ebhekene nabantu baseJozini mayelana nobugebeng­u obuhlalise lubhojozi umphakathi, kodwa sinethemba lokuthi ngokubambi­sana sizobunqob­a,” esho.

Uthe umasipala wakhe unezinhlel­o eziningi zokusiza abantu abadinga izinsiza.

“Ngiyafisa ukusho nokuthi umasipala wethu ubeke imali yokusiza intsha, ikakhuluka­zi abafundi abanesifis­o sokuyoqala imfundo yabo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. "Sinezinhle­lo zamaphroje­kthi okufanele siwahambis­e emphakathi­ni okuhlangan­isa nezindlu ezizobe zivulwa. Lezi zindlu zikhandwe yiwona lo Masipala waseJozini,” esho.

UMnu Mathe ukhuze namakhanse­la ukuba angawushal­azeli umphakathi. “Noma ngabe kawuphethe lutho, hamba uye ebantwini ngoba bona bakholwa ngokuthi bakubone,” esho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa