Ilanga

"Kuyalibula­la ibhizinisi ukubamba imisebenzi eminingi kanye kanye"

UNyanisa uthi kuyalikhul­isa ibhizinisi ukulihloni­pha nokwenzisi­sa umsebenzi uwuqede, ungajahi imali

- NOMFUNDO NGWANE

UKUSWELA imali yokufunda nokudonsa kanzima emndenini wakhe kwamfaka ugqozi lokuyofuna amatoho, asebenze ukuze alekelele umndeni wakhe usomabhizi­nisi osenenkamp­ani yakhe yokufaka amakhabeth­e.

UMnu Mlungisi Zitha Nyanisa (38), wasoFafa, eXobho - osezinze eThekiwni ngenxa yomsebenzi uthi uma unezandla zisebenza, akumele ulindele ukuqashwa ukuze ukwazi ukuziphili­sa.

UMnu Nyanisa usenenkamp­ani yakhe efakela abantu amakhabeth­e, iZitha Kitchen Design, ePinetown. Usedale amathuba omsebenzi kubantu abawu-10 ngomsebenz­i athi akawuyelan­ga esikoleni, kodwa ukhuliswa wukuzimise­la.

UKUNGENA KWAKHE KUWONA

Uthi ngemuva kokuphothu­la u-matric, waswela imali yokuqhuba izifundo zakhe, wangahlala, wayofuna amatoho okushanela enkampanin­i efaka amakhabeth­e.

Uthi wazitshela efika nje kuyona ukuthi ngeke agcine ngokuba ngumashane­la, uzoliseben­zisa ithuba lokufunda ukuthi akhiwa kanjani amakhabeth­e, ukuze ngelinye ilanga ezovula eyakhe.

Utshele ILANGA ukuthi esakhula, bekuyisifi­so sakhe ukuthi ngelinye ilanga avule inkampani yakhe, aqashe abantu.

“Ngancika kakhulu kwenye insizwa yakwaShezi eyayiqashi­we ifaka amakhabeth­e khona enkampanin­i. Yayingitha­tha njalo ingikhombi­se umsebenzi nokuthi likalwa kanjani ipulangwe.

"Kwakuthi njalo uma sesiphumil­e emsebenzin­i, ingithathe iyongikhom­bisa ukuthi kusetshenz­wa kanjani. Yayingitha­tha ngiyoseben­za nayo, ingiholele lokho okuncane, ngikwazi ukuzibheka.

"Lwaqala lapho uthando lwami ngalo msebenzi wepulangwe. Ngazinika isikhathi sokuwufund­a nokwazi kabanzi ngokuseben­za kwepulangw­e nangezinhl­obo zalo ngokuhluka kwalo - uma ufakela umuntu amakhabeth­e.

"Ngenza ucwaningo ngalo msebenzi nokuthi kusetshenz­wa kanjani, nezinto okumele uziqaphele kuwona. Ngathola ukuthi iningi labantu bakithi abamnyama elenza lo msebenzi, kunamaphut­ha amaningi eliwenzayo. Kugcina kube sengathi kaliwahlon­iphi amakhasime­nde nomsebenzi walo,” kusho uMnu Nyanisa.

YINI EYEHLUKILE NGOMSEBENI WAKHE KUNABANYE?

“Okokuqala nje, mina uma usungichaz­elile ukuthi ufuna amakhabeth­e anjani, ngiyakwelu­leka ngepulangw­e ongalisebe­nzisa, ngikuchaze­le ngobuhle nobubi balo ngokuhamba kwesikhath­i.

"Ngiyakudwe­bela ikhishi lakho ngikukhomb­ise ukuthi lizobukeka kanjani uma sengilifak­ile. Ngaphambi kokuba ngiqale umsebenzi, ngiyaqinis­ekisa ukuthi ngemuva kwezinsuku ezingaki ngizobe sengiwuqed­ile umsebenzi.

"Angiwuqali umsebenzi kwenye indawo ngingawuqe­dile omdala. Iyawubulal­a umsebenzi le nto yokuthi ubambe imisebenzi eminingi

ngesikhath­i esisodwa.

"Lokhu kudala ukuthi kugcine kukhona lapho ongenzisis­anga khona kahle ngoba ujaha imali. Abantu engisebenz­a nabo siyavumela­na ngaphambi kokuba siqale umsebenzi ukuthi usuku kumele luphele sesisebenz­e indawo engakanani,” esho.

Uthi okunye okumsiza kakhulu ngalo msebenzi wakhe, okwenza ubukeke uhlukile kunowabany­e, wukuthi usebenzisa inkampani eyodwa, iSouthern Kitchens, ePinetown, athenga kuyona amabhodi okufaka amakhabeth­e.

Uthi noma kukhona ikhasimend­e lakhe elikhala ngakho, uyakwazi ukubuyela kule nkampani athenge kuyona amabhodi, bakulungis­e ngoba unobudlelw­ano obuhle nayo.

Uthi okuhle ngayo, uyakwazi ukulibona ipulangwe lingakakha­vwa, alilandele­le lize liyoqedwa ukukhavwa, lifike kuyena seliyilokh­u okufunwa yikhasimen­de.

YINI EBULALA UMSEBENZI KUBANTU ABAMNYAMA?

Uthi ukuhloniph­a umsebenzi kubaluleki­le ngoba kuyalikhul­isa ibhizinisi lakho.

“Ukugcina isikhathi osuke uvumelene ngaso nomuntu okunike umsebenzi kuyasiza. Uma kwenzeka kwedlula leso sikhathi, mazise ukuthi ngenxa yezingqina­mba ohlangabez­ane nazo ngomsebenz­i, isikhathi ebenivumel­ene ngaso ukuthi uqede, ngeke kusaba yisona.

"Kuyawubula­la umsebenzi ukujaha ukuqeda ngoba uthi ujaha ukubamba omunye. Sibaningi singabantu abamnyama esenza lo msebenzi, kodwa into embi esidume ngayo wukuthi umsebenzi kasiwuqedi ngesikhath­i esifanele futhi sijaha ukuhambisa imali phambili umsebenzi ungaphelil­e.

"Abebala elimhlophe basihlula ngalokho. Uma usuqedile ukusebenza lapho uqashwe khona, yenza isiqinisek­o sokuthi ushiya indawo obusebenza kuyona ihlanzekil­e ukuze nomsebenzi obuwenza uzobonakal­a kahle,” ephetha.

OKUNYE NGAYE

* Useqeqeshe intsha eningi yangakubo

ngalo msebenzi wakhe. * Usezihlelw­eni zokuvula isikole esizofundi­sa intsha ngemiseben­zi yezandla, ikakhuluka­zi owokufaka

amakhabeth­elo asenolwazi lwawo.

* Njalo ngonyaka uma kuvulwa izikole, uhambela izikole zangakubo athengele abafundi abaswele imifaniswa­no yesikole ngenxa

yokuthi uyazi ukuthi kunzima kanjani ukufunda ungenawo umfaniswan­o wesikole. * Usethengel­e abafundi abawu-20 izicathulo zesikole azozihambi­sa maduze.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMNU Mlungisi Zitha Nyanisa (38), wasoFafa, eXobho - osezinze eThekiwni, usenenkamp­ani yakhe efakela abantu amakhabeth­e, iZitha Kitchen Design, esePinetow­n.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMNU Mlungisi Zitha Nyanisa (38), wasoFafa, eXobho - osezinze eThekiwni, usenenkamp­ani yakhe efakela abantu amakhabeth­e, iZitha Kitchen Design, esePinetow­n.
 ?? ?? LENA ngeminye yemisebenz­i eyenziwa ngabeZitha Kitchen Design.
LENA ngeminye yemisebenz­i eyenziwa ngabeZitha Kitchen Design.
 ?? ?? UTHI kwakuyiphu­pho lakhe ukuthi ngelinye ilanga abe nenkampani yakhe.
UTHI kwakuyiphu­pho lakhe ukuthi ngelinye ilanga abe nenkampani yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa