Ilanga

Ishayisa amakhala eyesimo senhlekele­le ngenxa kagesi

-

KUYIQINISO elingephik­we ukuthi ukubakhona kukagqamci­shi (load shedding) eNingizimu Afrika, yisimo senhlekele­le (state of disaster), okumele silungiswe ngokuphuth­uma ukuze umnotho wezwe usimame, kudaleke amathuba emisebenzi, kulwiwe nobubha. Noma kunjalo, isimemezel­o se-ANC, sokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uphezu kwezinhlel­o zokumemeze­la isimo senhlekele­le ezweni ukuze uhulumeni ukwazi ukuthatha izinyathel­o ezinqala ukuxazulul­a inkinga kagqamcish­i, kasiniki ithemba lokuthi kukhona uguquko esizolubon­a.

Izizathu zalokhu ziningi; esokuqala wukuthi inkinga enkulu yenkampani kahulumeni ephehla amandla kagesi, i-Eskom, wukuthi kayinazo izisebenzi ezinamakho­no nesipiliyo­ni sokwengame­la iziteshi zokuphehla ugesi, kanti nenkohlaka­lo isimile izingxabo ezinde, kunzima ukuyisiphu­la.

Okunye wukuthi le nkampani isiphelelw­e yinkece, ngenxa yayo belu inkohlakal­o nokuphathw­a yizimfunda­makhwela.

Esinye isizathu esiqeda ithemba, yizigameko zobusela obushaqisa­yo okwenzeka ngesikhath­i sesimo senhlekele­le esamenyeze­lwa ngumengame­li phambilini, ngesikhath­i kugasela ukhuvethe ngo-2020.

Sekuwumlan­do ukuthi isimo esiphuthum­ayo senhlekele­le ngesikhath­i seCovid-19, savulela osomathuba namasela angenanemb­eza intuba yokweba izigidi zemali yabakhokhi bentela, njengoba kunobufaka­zi bokuthi izikhulu zikahulume­ni ezazigwaze­lwa, zazabela obhululu bazo amathenda acebile, kuyidili likaMkhiph­eni.

Ngabe yini ehlukile ezokwenziw­a yilo hulumeni kulokhu, ukuqinisek­isa ukuthi kasibanjwa inkunzi yimiguluku­du njengoba kwenzeka ngesikhath­i somkhuhlan­e ngo-2020-21?

Iqiniso abanye bethu abangafuni ukukhunjuz­wa lona wukuthi ugqamcishi wenzeka okokuqala ngqa kuleli ngo-2007, kusaphethe uMnu Thabo Mbeki.

Kwenzeka le nkiyankiya nje, uhulumeni we-ANC wawukade wexwayisiw­e yibhodi ye-Eskom ngo-1998, ukuthi eminyakeni eyishumi elandelayo, kuyoba nale nkinga uma uhulumeni ungezi lutho ukwakha ezinye iziteshi zokuphehla amandla kagesi.

Esikhundle­ni sokulalela izazi, uhulumeni wasonga izandla, wahuqa ubuthongo.

Manje sivuna lokho okwatshalw­a yilo hulumeni, ngokuhlala dekle noma wexwayiswa ngengozi ezayo.

Sekuphele iminyaka ewu-16 le nkinga yaba khona, silokhu sitshelwa ukuthi iyalungisw­a, kodwa manje isimo sibi kakhulu kunakuqala.

Ngenxa yalo mlando, kungani kufanele abantu bethembe ukuthi kulokhu, uhulumeni uzoqhamuka nokwehluki­le?

Njengoba sesike sasho izikhawu eziningi kule ngosi phambilini, okuyoxazul­ula inkinga kagesi wukuvunyel­wa ngokuphele­le kwezimboni ezizimele ukuba zincintisa­ne ne-Eskom ekuphehlen­i nasekudayi­seleni abantu ugesi.

Yilokho kuphela okungasita­kula kulobu bumnyama obungenafu, okunye kufana nokusinisa amahleza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa