Ilanga

UMALEMA UHLUSHWA WUMGOLO WAMANDLA OKUPHATHA

- Sibahle Ngobese

MHLELI: Ngicela ukushaya ngamafuphi, ngiphawule ngesenzo somholi we-EFF, uMnu Julius Malema sokuyalela amalungu eqembu lakhe abengamase­kela ezimeya komasipala abaphethwe yi-IFP ukuba ahoshe imfe ezikhundle­ni zawo.

UMalema usedlalisa okukajolwa­ne wona ocuthele ukudla izikwehlel­a, uhambe untanta, ubheka lapho kunobuthak­a khona ukuze uphile.

Usekhombis­e amahlandla amaningana uMalema ukuthi ubulawa wumgolo wokulawula kanti akakwazi ukulawula, kodwa wazi ukucindeze­la, okuyiyona into exosha abantu kwi-EFF.

Lo mkhuba wakhe wawuqala esakwi-ANCYL ukuthi azibone ephezu kwabo bonke abantu.

Isenzo sakhe sakamuva sokuthi bafuna ukuphiwa uMasipala waseMhlath­uze, siwubuwula obuphindwa­phindiwe.

Ukusondela kwakhe kuMasipala waseMhlath­uze kungaphaza­misa ukusebenza kwechweba nezimboni ezigcwele eRichards Bay.

Muhle khona eLimpopo koMango nakoPopo. I-IFP ingamane ingawulawu­li umasipala kunokuba iphisane ngawo kwi-EFF.

Phela akufihliwe ukuthi i-EFF lapha KwaZulu-Natal ibheke uMasipala weTheku noMhlathuz­e.

UMhlathuze unezihlalo eziwu-67, i-EFF ineziwu-6 kuphela, kodwa ifuna ukulawula ngokugcwel­e.

Umuntu onezihlalo eziwu-6 angalawula umasipala onezihlalo eziwu-67? Kanjani kodwa?

Umgolo kaMalema uzolibulal­a iqembu ligcine selifana neCOPE, yona eyashisisa okomlilo wamaphepha.

Abanye bazothi uMalema udlala ipolitiki, kodwa mina ngibona edlala ubuwula.

Udlalisa okomfana ongawudlal­anga umlabalaba, kodwa-ke kufanele enze njalo ngoba i-EFF uyiphethe njenge-spaza.

Sengathi i-ANC neDA banganqaba ukusebenzi­sana ne-EFF.

Kuyangijab­ulisa ukuthi i-ANC incamela ukusebenzi­sana nePA ne-Al Jama kwabanye omasipala ngoba ibona ukuthi kulele kunye kwi-EFF.

Sengidabuk­ela abafowethu abalandela leli qembu, sebebonaka­la njengezint­o nje ezingasile ngenxa yomholi wabo olambele amandla okuphatha.

Ngithanda nokuncoma indlela i-IFP esingathe ngayo lolu daba loMhlathuz­e.

I-EFF noma ingahosha imfe, lokho ngeke kuyiphazam­ise i-IFP ekusimamen­i kwayo ngoba (i-IFP) iphethwe ngedlela ehlelelile ngaphansi kobuholi bukaMnu Velenkosin­i Hlabisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa