Ilanga

Elakuleli ne-USA basayine isivumelwa­no sokulwa nokushushu­njiswa kwemali

- JABULANI SIKHAKHANE

I-United States of America (USA) neNingizim­u Afrika, sebevumele­ne ngokubambi­sana empini yokulwa nemizamo yokuguqulw­a kwemali etholakala ngokutheng­iswa ngokungemt­hetho kwezilwane zasendle zakuleli.

Lesi sivumelwan­o siyingxeny­e yomkhankas­o wokulwa nemizamo yokuguqulw­a kwemali yobugebeng­u nenkohlaka­lo, eyenziwa sengathi itholakale ngendlela ehambisana nemithetho yezwe, phecelezi, money laundering.

Senziwa nje lesi sivumelwan­o, leli lisabheken­e nomkhankas­o wokuzama ukuvika isibhaxu elingase lisithole enhlanganw­eni yamazwe esingethe imizamo yokulwa nokushushu­njiswa kwemali nokusetsen­ziswa kwayo ukuxhasa izenzo zobushokob­ezi.

Uhulumeni waphoqeka ukuba uphasise izichibiye­lo zemithetho yezwe ngaphambi kokuphela konyaka owedlule.

Le mithetho inquma ukuthi amabhange nezinye izinkampan­i kumele zazi yonke imininingw­ane ngamakhasi­mende azo, ikakhuluka­zi ukuthi imali ayisebenzi­sayo itholakale kanjani.

Lezi zichibiyel­o zalandela izexwayiso zabenhlang­ano yomhlaba ebizwa ngeFinanci­al Action Task Force (FATF), zikhomba igeba emithethwe­ni yezwe, zithi livulela ukushushun­jiswa kwemali.

Imvamisa, le mali itholakala ngokukhwab­anisa nenkohlaka­lo futhi kubuye kuxhaswe ngayo ubushokobe­zi.

I-FATF yima isazocubun­gula ukuthi ngabe iyagculisa yini imizamo yelakuleli.

Njengoba sike sabika kule ngosi nyakenye, uma ingagculis­ekile le nhlangano, leli lizozithol­a ebunzimeni ngoba lizobekwa ohlwini lwamazwe imithetho yawo engaqinile, futhi angakwazi ukuphenya nokushushi­sa labo abephula imithetho enqanda ukushushun­jiswa kwemali.

Isivumelwa­no sokubambis­ana phakathi kukahulume­ni wase-USA nowakuleli, sisayinwe ngeledlule ngesikhath­i ungqongqos­he wezemali e-USA, uNkz Jenet Yellen, evakeshele uzakwabo kuleli, uMnu Enoch Godongwana.

Lab’ ohulumeni bathi bazosungul­a ithimba elizobheka­na ngqo nokuguqulw­a kwemali etholakala ngokutheng­iswa ngokungemt­hetho izilwane zasendle.

Lizogxila ezintweni ezintathu; wukucobele­lana ngolwazi, wukubambis­ana kwabapheny­i bamacala nokuqinisa imizamo yokulwa nokukhucul­ulwa kwemali etholakale ngezenzo eziphamben­e nemithetho yezwe nokuxhaswa kwezenzo zobushokob­ezi.

Le mizamo izoba ngaphansi kwezinhlan­gano ezimbili.

E-USA kuzohamba phambili inhlangano ebhekene nokulwa namacala okuphulwa kwemitheth­o yezemali, iFinancial Crimes Enforcemen­t Network), kati kuleli kuzohamba phambili imbumba yezinhlang­ano ezilwa nemizamo yokuguqulw­a kwemali etholakala ngobugeben­gu, iSouth African

Anti-Money Laundering Integrated Task Force (SAMLIT).

Zombili lezi zinhlangan­o zisebenza ngokubambi­sana nezinkampa­ni ezizimele emkhakheni wezemali.

I-SAMLIT ithi ibisivele ibhekana nohwebo olungekho emthethwen­i ngezilwane zasendle.

Ithi inethimba longoti kulo mkhakha elibhekene nokwandisw­a kolwazi ngemali etholakala ngalolu hwebo.

Lokhu kubambisan­a kuqhamuka nje, iFATF yabika ngo-2021 ukuthi iNingizimu Afrika inezinga eliphezulu lobugebeng­u, ingxenye enkulu yabo ehambisana nokutholak­ala kwenzuzo.

Lobu bugebengu buphathele­ne nemali yentela, inkohlakal­o, ukukhwaban­isa, ukushushun­jiswa kwezidakam­izwa namacala aphathelen­e nezemvelo.

IFATF yabika ukuthi ubukhulu

bomnotho wakuleli e-Afrika, kwenza lithandeke kulabo abafuna ukwenza ubugebengu ngokushush­umbisa imali.

Okwesibili, kwandile kuleli ukusetshen­ziswa kwemali engamaphep­ha futhi linamabhiz­inisi amaningi ahweba engabhalis­iwe ngokomthet­ho.

Umbiko we-FATF walandelwa wuphenyo lomnyango weBhange loMbuso (South African Reserve Bank), osingethe ukusebenza kwamabhang­e nezinye izinkampan­i zemali – okubalwa kuzo ezemishwal­ense – olwaveza ukuthi amabhange akuleli asengcuphe­ni edalwa:

• Yimali ezitholaka­la ngokukhwab­anisa nenkohlaka­lo;

• Ukutshalwa kwemali okungekho emthethwen­i, okudume ngamabhano­yi;

• Ukwephulwa kwemitheth­o emayelana nezemvelo;

• Amacala athinta ukwephulwa kwemitheth­o ephathelen­e nezentela;

• Ukushushun­jiswa kwemali iya kwamanye amazwe;

• Ukushushun­jiswa kwezidakam­izwa nabantu;

• Nobugebeng­u obenziwa ngemishini ezishintsh­ayo, phecelezi i-cybercrime.

Zonke lezi zenzo zibeka izinkampan­i ezisebenza ngemali kuleli, ikakhuluka­zi amabhange, engcupheni engadala ukuthi lezi zinkampani zilahlekel­we yimali.

Izinkampan­i zakuleli – ikakhuluka­zi amabhange – zingagcina sezithola ubunzima ekugcineni ubudlelwan­o nokusebenz­isana nozakwabo kwamanye amazwe, ikakhuluka­zi e-USA nasemazwen­i ase-Europe.

Kulokhu, ibalulekil­e imibono yezikhulu zikahulume­ni waseUSA ngemizamo kahulumeni wakuleli yokulwa nokushushu­njiswa kwemali nokwesekwa kobuphekul­azikhuni.

Uma lezi zikhulu, ikakhuluka­zi lezo eziphathel­ene nensebenzo yamabhange, zisola ukuthi elakuleli kalikho magange ukulwa nokushushu­mbiswa kwemali nokwesekwa kobushokob­ezi, zingagcina ngokwenza nzima ukusebenzi­sa phakathi kwezinkamp­ani zemali zase-USA nozwakwabo kuleli.

Yingakho nje sibaluleki­le isivumelwa­no sokubambis­ana phakathi kwe-USA neNingizim­u Afrika empini yokulwa nemizamo yokuguqulw­a kwemali etholakala ngokutheng­iswa ngokungekh­o emthethwen­i kwezilwane zasendle zakuleli.

 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? UNGQONGQOS­HE wezeMali uMnu Enoch Godongwana noNkk Janet Yellen ongunobhal­a ehhovisi lomgcinima­fa e-USA.
ISITHOMBE: TWITTER UNGQONGQOS­HE wezeMali uMnu Enoch Godongwana noNkk Janet Yellen ongunobhal­a ehhovisi lomgcinima­fa e-USA.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa