Ilanga

Sengikheth­e ukujima ngokuphaka­misa ujeke kabhiya nabazukulu bami

-

KUSAPHELE inyanga yokuqala onyakeni, kodwa sengikhath­ele wukuzivoca­voca, futhi umzimba wami ungibuza ukuthi ngabe sengibhema i-wunga yini.

Phela nenkunzi yohlobo kufika ibanga lapho isizibonel­a khona ukuthi isikhathi sezikhweph­a sesidlulil­e, kumele idedele amankonyan­e.

Kuthe uma uqala lo nyaka, nami ngakhetha ukujoyina lo mhlambi oya ejimini njalo ngalesi sikhathi ngoba nakhu ulandela ifeshini.

Ngithe uma ngifika nje, nganikwa umqeqeshi oseyibhobh­odlwana nje, oyisiganso­nso.

Ngimtshele ukuthi mina kangifuni ukuba yisigora, kodwa ngifuna ukwehlisa umkhaba, ngigweme nokuphelel­wa wumoya uma kwenzeka ngijahwa yizinja zabelungu.

Kwabe ngiyisusil­e. Umane wangifaka kulo mshini onebhande, okugijinyw­a kuwo umi ndawonye, wathi mangigijim­e imizuzu eyishumi nesihlanu.

Ithe ingakaphel­i ngisho neyisihlan­u, isifuba sasesivuth­a umlilo kanti imilenze ibisifuna ukuzihlale­la phansi yona msalofu, ingacelang­a mvume.

Besengigij­ima njengesida­kwa esishaye seqisa ezinkamben­i zikaFalo. Ungisuse lapho wangigibez­a leli bhayisikil­i elishovwa lingahambi.

Nalapho besekuyilo elishova mina, imilenze ingasavumi.

Sivumelane ngokuthi ngizoqala ngemizuzu emibili, kuyo yomibili le mishini esontweni lokuqala, bese siya ngokwenyus­a isikhathi ngokuhamba kwesikhath­i.

Aphelile amasonto amathathu ngishaya yona leyo mizuzu, bese ngiyozihla­lela kuleli gumbi okujulukwa kulo, okuthiwa phecelezi yi-steam room.

Ngesonto lesine, besengifik­a ngizingene­le kulo leli gumbi, ngihlale imizuzu engamashum­i amathathu, bese ngiyaphuma ngigoduke.

Ukujuluka lokhu kuyakhatha­za kukodwa nje, uzwe uphathwa yisiyezi uhleli phansi.

Nezinsimbi lezi zingikhath­aza ngizibhe-kile nje ngamehlo.

Ngenhlanhl­a bengijoyin­e le jimu ekhokhelwa njalo ngenyanga, ngakho ngimane ngasula ngaphandle kokukwelet­a.

Sisebasha, amajimu ayekusayin­isa iminyaka emibili, kuthi uma uthi uyayeka bese bethi kumele ukhokhe kuze kuyophela le minyaka noma ngabe kawusajimi.

Sengikheth­e ukuthi ngiyojima ngengilazi kabhiya nokuphakam­isa abazukulu.

Nginabazuk­ulu abathathu kanti omdala unesisindo esingamakh­ilo angamashum­i amathathu, olandelayo usinda ngamakhilo angamashum­i amabili kanti omncane yena ungamakhil­o ayishumi.

Uma usubahlang­anisa bonke, phela yijimu ephelele leyo. Lona omncane ngibona sengathi nguye ozophakany­iswa kakhulu yimi.

Laba abanye cha sebeyoziph­akamisa bona msalofu, phela angifuni ukwephuka iqolo mina.

Ngizotheng­a le ngilazi kabhiya engangojek­e, ngiyethemb­a ukuthi uma igcwele, isisindo sayo singaba ngamakhilo amahlanu.

Lapho ngizobe ngishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa, ngijima futhi ngibe ngithiba ukoma.

Nabazukulu futhi bazobe bejima ngoba phela ngizothuma bona ukuyothela njalo uma ujeke usuwe ngophondo.

Ngizokwenz­a isiqinisek­o sokuthi ngihlala phansi kwesihlahl­a esibuqamam­a nendlu ukuze nemilenzan­a lena yabo ithole ukuvocavoc­eka kahle.

Lona omncane akathumeki ngoba unenkani. Kuthi uma etshelwa ukuthi makenze okuthile, amane asho ngesiNgisi athi, “no”, kodwa-ke ngizomthol­ela icebo.

Ngizomtshe­la ukuthi ngeke ngimphakam­ise uma engawuland­i ujeke wami, bese ngiphakami­sa laba abanye ebhekile, ngimhalise­la.

Noma ngibanika uswidi, ngizonika laba abanye bese owakhe ngimvezela wona, ngiwubuyis­ele ekhukhwini, ngithi uzowuthola uma eza nengilazi igcwele.

Uma uswidi ungasebenz­i ngizotheng­a amakhekhe, nawo uma engamhehi, ngithenge abanye ongcamngce. Ngokuhamba kwesikhath­i, uyogcina esethambil­e, esevumela umthetho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa