Ilanga

Ushovwe enkulisa owodumo kwiDowns

Kuthiwa uVilla waxabana nomqeqeshi weGalaxy kubuka abadlali

- LINDA XIMBA

USHOVWE eqenjini lenkulisa umdlali weTS Galaxy ozakhele igama kwiBidvest Wits nakwiMamel­odi Sundowns ngemuva kokuhilizi­sana nomqeqeshi uSead Ramovic egunjini lokushints­ha.

ILANGA lithole ngomthombo walo ongaphakat­hi ekhempini yeGalaxy ukuthi uSibusiso “Villa” Vilakazi (osesithomb­eni) wehliselwe ezinganeni ngoba eqophisane nalo mqeqeshi waseGerman­y ngemuva komdlalo owaphela ngo-0-0 ibhekene neSwallows FC eDobsonvil­le, eGoli, ngomhla ka-15 wenyanga edlule.

Umthombo uthe: “Indaba yasuswa wukuthi umqeqeshi wasola uVilla ngokungayi­landeli imiyalelo yakhe, okwenza iqembu lahluleka ukushaya ngisho igoli elilodwa ekubeni lidinga amaphuzu agcwele ukuze lixaxame endaweni embi yezembe.

“Kwasethusa nathi ukubona uVilla ehluthukel­wa wumoya ngoba ungumuntu ophansi.

“Ngicabanga ukuthi yamnenga indlela okwaphunyw­a naye iqhubu ngoba baningi abanye abadlali ababedlala umbozo ngaloluya suku.”

Uqhube wathi: “Isixakile indaba yokuthi noSihlalo uTim Sukazi avune umqeqeshi ngoba akenzanga iphutha uVilla ngokuziphe­ndulela.

“Njengoba imiphumela igqoza, umxosha kanjani umuntu onesipiliy­oni njengoVill­a?

“Selokhu ayalelwa ukuba angasondel­i eqenjini elikhulu, uVilakazi useqiwe yimidlalo emithathu.”

Lo mdlali oyingozi uma esuka esiswini eqonde emapalini, ungomunye wabadlali abanohlonz­e owethulwa nguSukazi, owathi kulindelwe lukhulu kuyena esuka kwiSundown­s ekuqaleni kwale sizini.

Imizamo yokuthola uMinenhle Mkhize okhulumela le kilabhu ukuba aphawule ngalolu daba kanjalo noVilla kayiphumel­elanga kwaze kwashaya isikhathi sokuloba lolu daba.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa