Ilanga

KUNCONYWA UBUCHULE BABADIDIYE­LI BE-BEST OF THE BEST MARATHON

- MZWAMANDLA ZONDI

ISILOMO somsubathi waKwaZuluN­atal uNkosikhon­a Mhlakwana sincoma isenzo samaRavens AC adidiyela iBest of the Best Marathon sokubuyise­la emphakathi­ni njengoba izokuba nezephulel­o kubasubath­i.

Lo mjaho uzokuba ngeSonto lomhla ka-26 kule nyanga kanti uzosukela uphinde uphelele eKings Park Athletics Stadium, eThekwini.

Le kilabhu ibeke uMhlakwana njengenxus­a lalo mjaho onedumela esifundazw­eni.

Kuzokuthi ngoMgqibel­o le kilabhu ibe nomjaho ovuleleke kubo bonke abasubathi wokuhlola umzila walo mjaho.

UMhlakwana uthi kuzokwenzi­wa ibanga lika-21km, kanti umjaho uzoqala ngo-5 ekuseni, usukela eKings Park.

Lo mjaho mhla ka-26 uzokube wehlukanis­we izigaba ezintathu okuba-lwa kuzo ne-42km yokuzibeki­sela indawo kwiComrade­s nakwiTwo Oceans Marathon ngokwehluk­ana.

UMhlakwana nguyena oyingqwele yalo mjaho kwiMaratho­n – washaya intambo ngesikhath­i esiwu-2:16:33.

“Ngithokoza kakhulu ngesenzo seBest of the Best sokungiqok­a ukuba yinxusa labo.

“Njengoba kuzokuba nomjaho wokuhlola umzila ngoMgqibel­o nje, bonke abagijimi abazokuba yingxenye yawo bazothola isaphulelo sika-30% emalini yokubhalis­a.

“Bazophinde bathole izinombolo eziyikheth­elo ezibhalwe amagama abo.

“Okubalulek­ile wukuthi uma kuphela umjaho babhalise ukuze bathole lezi zaphulelo.

“Ngiyithoko­zela kakhulu le nto eyenziya ngamaRaven­s yokucabang­ela abasubathi,” kusho uMhlakwana onegolide kwiTwo Oceans nakwiComra­des.

Uqhube wathi naye uzokube egijima ngomhla ka-26 kodwa engalweli ukunqoba.

Uthi yingakho ezolwela ukwenza isikhathi esingaphan­si kuka-3:00.

Imali yokubhalis­a kwi-10km uR200, kwi-21.1km uR250 kanti kwi-42.2km kukhokhwa u-R350.

Abasubathi abazokube bekhona ngoMgqibel­o bazophinde bathole ithuba lokungena etendeni lezicukuth­wane ngosuku lomjaho.

Abafuna ulwazi bangangena kwi-website ethi: www.webtickets. co.za noma baye ezitolo zakwaBoxer noPick ‘n Pay kulo lonke elakuleli. Bangashaye­la noMbali kwethi: 084 792 2224 noma uZama kwethi: 074 776 8914.

* KUSENJALO: Abasubathi baseKZN bazokhipha­na inkani kwiNkamana Half Marathon ehambisana ne-10km ngoMgqibel­o esikoleni iNkamana, eVryheid.

Abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.peaktiming.co.za noma bashayele inombolo ethi: 067 112 8099 noma kwethi: 073 763 9998.

* ABETRACK & Field bahlelelwe umlenze wesibili ozokuba ngoMgqibel­o eRichards Bay. Kuzokube kugadulisw­ana kuzona zonke izigaba.

Ngolwazi kushayelwa iKZN Athletics kwethi: 031 312 9374.

* ABASETHEKW­INI bazogaduli­sana kwiDG Panel and Paint cc Challenge yebanga lika-32km nelika-16km run/walk ngeSonto kusuka ngo-5 ekuseni isukela kuBarnes Road eSydenham.

Abafuna ukubhalisa bangangena kwi-website ethi: www. eventtimin­g.info/sydenham.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa