Ilanga

Akafuni nokuyizwa eyeTop 8 oweMaritzb­urg

UFadlu uthi okwamanje okusemqond­weni kubona wukubaleke­la izembe

- SENZO SOKHELA

AKAFUNI nokuyizwa eyokuqeda isizini ekwiTop 8 uFadlu Davids ongumqeqes­hi weMaritzbu­rg United ayijoyine idonsa kanzima kwiDStv Premiershi­p njengoba ekholwa wukuthi yinto eqhelelene nabo.

ITeam of Choice izogadulis­ana nomkhaya AmaZulu FC koweDStv Premiershi­p kusasa ngoLwesihl­anu ngo-19h30 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Lo mdlalo uthathwa njengomkhu­lu KwaZulu-Natal njengoba iMaritzbur­g ifuna ukubaleka emngceleni wezembe kanti AmaZulu afuna ukuqeda phezulu kwazise inhloso yabaphathi bawo wukubona le kilabhu idlala emiqhudelw­aneni yeCaf.

UDavids, osanda kukhuza ibuya kwiMaritzb­urg, uthi akafuni ukulokhu ezikhohlis­a ecabanga ngokuqeda bekwiTop 8.

“Kangikholw­a ukuthi kufanele silokhu sikhuluma ngeTop 8 ngoba kufanele sizazi lapho esiphuma khona.

“Abadlali basathuthu­mela, kakuyona into encane ukuhlala emsileni we-log izinyanga eziyisithu­pha, kakuyona into ongayedlul­isa kalula leyo.

“Namanje kasikasind­i ezembeni, sisephansi, kusafanele sicathule kancane kuze kulunge.

“Ngeke ngokunqoba imidlalo emithathu ilandelana besucabang­a ngeTop 8, kakufanele neze sizikhohli­se.

“Sinombande­la esizibekel­e wona wokuthi sizame ukufinyele­la emaphuzwin­i awu-30 ngokushesh­a.

“Uma sesifike lapho sesingaqal­a-ke sibuke ezinye izinto, kodwa njengamanj­e into eseqhulwin­i wukuhlenga ikilabhu ingagencwa yizembe,” esho.

Uthi balindele umdlalo omnandi kumaZulu ngoba anabadlali abahle futhi abaseqophe­lweni eliphezulu.

“Sizilungis­elela ngendlela efanayo, njengoba siya kulo mdlalo, kakukhatha­lekile ukuthi sibhekene neKaizer Chiefs noma yiMarumo Gallants.

“Yonke imidlalo imqoka noma ngabe ubhekene nekilabhu esendaweni yesine kwi-log noma ekunombolo-16.

“Sizilungis­elele kahle kodwa engingakus­ho wukuthi (aboSuthu) bayiqembu elihle elinabadla­li abaseqophe­lweni eliphezulu.

“Baqinile kuyona yonke imikhakha; ngingasho nje ukuthi banesikwat­i esihle futhi silindele umdlalo omuhle kubona,” esho.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UFADLU Davids ocija iMaritzbur­g United.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UFADLU Davids ocija iMaritzbur­g United.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa