Ilanga

INTOKOZO ENIKWA IBHANDE LE-IBF ALINQOBA NYAKENYE

- LINDA XIMBA

KUBE yinjabulo kuBongani Mahlangu (osesithomb­eni) egcina elethelwa ibhande le-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) All Africa obesekuphe­le izinyanga eziyisithu­pha alinqoba.

Leli bhokisa laseBoipat­ong, eGoli, belisanda kutshela ILANGA ukuthi selikhathe­le ukwenziwa upopayi yiRumble Africa Promotions (RAP) eyayiliqha­the no-Ayabonga “Jay Jay” Sonjica e-Orient Theatre, e-East London, ngoNtulika­zi (July) wonyaka odlule.

UMahlangu wathi ubona sengathi abeRAP benza ngamabomu ukungamnik­i ibhande kwazise wabhidliza izinhlelo zikaSonjic­a njengoba amkhipha ukwazi ngokumngqi­muza emzuliswan­eni wesithupha.

Kuqhilike izihlathi wajabulisa okwengane encane ijabulela amaswidi ngesikhath­i isikhulu se-IBF e-Afrika, u-Andre de Vries, sesimnika ibhande eHotbox Gym kaCollin Nathan ngoLwesibi­li.

Usuke lapho wanikela ejimini kwazise ulungisele­la ukuvikela isicoco sikazwelon­ke seJunior Featherwei­ght kuMduduzi “Sgora” Mzimela empini ehlelelwe ukuba seThekwini ngomhla ka-25 kwephezulu.

Phambilini bekuhlelwe ukuba avikele isicoco ku-Innocent “Tycoon” Mantengu eVryheid kodwa kuthiwa iBoxing South Africa iyichithil­e le mpi ngoba uMantengu ubuya endukwini amahlandla amabili kulandelan­a.

UMzimela waseMpange­ni, ocijwa nguSkeleto­n Mngomezulu, utonyulwe ekleliswe endaweni yesithathu.

Empini yakhe yokugcina eThekwini wehlule ngamaphuzu uSanele Maduna wagoduka nesicoco saKwaZulu-Natal.

Uzobe ezalelwe yinj’ endlini kwazise ubhekene nomakadebo­na osekwaze ukunqoba izicoco ezintathu futhi osebuya ukuyomela iNingizimu Afrika kuma-Olympic Games ayengo-2004 e-Athens, eGreece.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa