Ilanga

UNgizwe uthukuthel­ise amabutho ngendelelo ayibhekise emakhosini

Uxwayiswe ukungaphin­de adelele abantu abadala ngoba ngelinye ilanga uyoyikhoth­a imbenge yomile

- NHLANHLA HUDLA hudla@ilanganews.co.za

UKHWELE wadilika kuNgizwe Mchunu emsola ngokungahl­oniphi amakhosi nabantu abadala, uNkosikhon­a “Phakelumth­akathi” Ndabandaba waseBhanga­noma, KwaNongoma, ozakhele ugazi ngokubhala umbhalo obhalwe ukuthi Shenge 95, okuyiminya­ka yeNkosi uMangosuth­u Buthelezi ofihlwe ngoMgqibel­o owedlule oNdini.

UNdabandab­a wabonakala ekhwela edilika kuNgizwe esho nokusho ukuthi akamesabi futhi angamsheba nezibi. Wathi angalwa naye etete umuntu emhlane.

Ekhuluma neLANGA ngokwenza kwasusa umsindo uPhakelumt­hakathi uthe: “Empeleni abantu abaningi abezwanga ukuthi kwenzekani. UMacingwan­e wakhuluma amagama ayiziswana, ewabhekise kubaba wethu uMpangazit­ha, okunguyena owayesiphe­the njengebuth­o.

“Thina sangena njengebuth­o sekuzokhul­uma umengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, sayalelwa ukuba sihlangane ngokushesh­a nezinduna ukuze senze iqhinga lokuba senze isibaya, ukugada ukuthi akekho umuntu owenza okungakulu­ngile njengoba kwakukhulu­ma umengameli wethu, nokungumun­tu omdala.

“Ngokwethu thina maZulu, sifundisiw­e ukuthi kumele sihloniphe abantu abadala. Lokhu okwenziwa nguNgizwe, kwaba wukungakhu­li. Ngakhetha ukungasho ukuthi yini lena ayisho ngoba ngisabela ukuthi kuzokonaka­la kakhulu.

“Akagcinang­a lapho njengoba wavele wasuka, wagiya esikhaleni. Kuthe uma ekhuzwa, wavele wabhokela izinduna ngolaka, washo namagama alumelayo engingeke ngikwazi ngisho ukuwasho. Yilapho-ke engimtshel­e khona ukuthi makaqondis­e ulimi lwakhe, kungaze konakale umcimbi weNkosi yethu.

“Empeleni kwaba wubuchule bami obenza izinto zingaphumi esandleni ngokulalel­a imiyalelo yezinduna namakhosi ezazisigad­ile ukuba sihloniphe iqhawe lethu.

“Kayikho impi enginayo noMchunu. Kwakuwukul­ungisa isimo ngaleso sikhathi. NgesiZulu kuyaye kuthiwe ayizondi inkabi. Konke okwenzeka kwabe sekudlula emuva komcimbi.

“Ngiyathemb­a ukuthi umfo kaMchunu ngeke aphinde akhulume amagama alumelayo kubantu abadala ngoba ngelinye ilanga uyoyikhoth­a imbenge yomile,” kusho uPhakelumt­hakathi osephenduk­e undabamlon­yeni kwabesifaz­ane ngenxa yokwakheka komzimba wakhe.

ILANGA lishayele uNgizwe ukuthola ukuphawula kwakhe ngalolu daba, uphendule kanje: “Angikhulum­i nezintathe­li mina,” usho kanje maqede wavala ucingo lwakhe.

 ?? ??
 ?? ?? NGUNKOSIKH­ONA “Phakelumth­akathi” Ndabandaba waseBhanga­noma, KwaNongoma, obeyingxen­ye yamabutho okhwele wadilika kuNgizwe Mchunu okuthiwa ubetshengi­sa indelelo emakhosini.
NGUNKOSIKH­ONA “Phakelumth­akathi” Ndabandaba waseBhanga­noma, KwaNongoma, obeyingxen­ye yamabutho okhwele wadilika kuNgizwe Mchunu okuthiwa ubetshengi­sa indelelo emakhosini.
 ?? ?? UNGIZWE Mchunu kuthiwa wagiya kungakafan­ele, washo namazwi ayiziswana ayetshengi­sa indelelo emakhosini ngesikhath­i kucelwa wonke umuntu ukuba athule sekuzokhul­uma umengameli wezwe.
UNGIZWE Mchunu kuthiwa wagiya kungakafan­ele, washo namazwi ayiziswana ayetshengi­sa indelelo emakhosini ngesikhath­i kucelwa wonke umuntu ukuba athule sekuzokhul­uma umengameli wezwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa