UNgizwe uthukuthelise amabutho ngendelelo ayibhekise emakhosini
Uxwayiswe ukungaphinde adelele abantu abadala ngoba ngelinye ilanga uyoyikhotha imbenge yomile
UKHWELE wadilika kuNgizwe Mchunu emsola ngokungahloniphi amakhosi nabantu abadala, uNkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba waseBhanganoma, KwaNongoma, ozakhele ugazi ngokubhala umbhalo obhalwe ukuthi Shenge 95, okuyiminyaka yeNkosi uMangosuthu Buthelezi ofihlwe ngoMgqibelo owedlule oNdini.
UNdabandaba wabonakala ekhwela edilika kuNgizwe esho nokusho ukuthi akamesabi futhi angamsheba nezibi. Wathi angalwa naye etete umuntu emhlane.
Ekhuluma neLANGA ngokwenza kwasusa umsindo uPhakelumthakathi uthe: “Empeleni abantu abaningi abezwanga ukuthi kwenzekani. UMacingwane wakhuluma amagama ayiziswana, ewabhekise kubaba wethu uMpangazitha, okunguyena owayesiphethe njengebutho.
“Thina sangena njengebutho sekuzokhuluma umengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, sayalelwa ukuba sihlangane ngokushesha nezinduna ukuze senze iqhinga lokuba senze isibaya, ukugada ukuthi akekho umuntu owenza okungakulungile njengoba kwakukhuluma umengameli wethu, nokungumuntu omdala.
“Ngokwethu thina maZulu, sifundisiwe ukuthi kumele sihloniphe abantu abadala. Lokhu okwenziwa nguNgizwe, kwaba wukungakhuli. Ngakhetha ukungasho ukuthi yini lena ayisho ngoba ngisabela ukuthi kuzokonakala kakhulu.
“Akagcinanga lapho njengoba wavele wasuka, wagiya esikhaleni. Kuthe uma ekhuzwa, wavele wabhokela izinduna ngolaka, washo namagama alumelayo engingeke ngikwazi ngisho ukuwasho. Yilapho-ke engimtshele khona ukuthi makaqondise ulimi lwakhe, kungaze konakale umcimbi weNkosi yethu.
“Empeleni kwaba wubuchule bami obenza izinto zingaphumi esandleni ngokulalela imiyalelo yezinduna namakhosi ezazisigadile ukuba sihloniphe iqhawe lethu.
“Kayikho impi enginayo noMchunu. Kwakuwukulungisa isimo ngaleso sikhathi. NgesiZulu kuyaye kuthiwe ayizondi inkabi. Konke okwenzeka kwabe sekudlula emuva komcimbi.
“Ngiyathemba ukuthi umfo kaMchunu ngeke aphinde akhulume amagama alumelayo kubantu abadala ngoba ngelinye ilanga uyoyikhotha imbenge yomile,” kusho uPhakelumthakathi osephenduke undabamlonyeni kwabesifazane ngenxa yokwakheka komzimba wakhe.
ILANGA lishayele uNgizwe ukuthola ukuphawula kwakhe ngalolu daba, uphendule kanje: “Angikhulumi nezintatheli mina,” usho kanje maqede wavala ucingo lwakhe.