'Ubaba ubazi iSilo esisodwa, kusho umndeni kaShenge
Kubongwe amakhosi ngokusukumela phezulu ukuyogezwa KwaPhindangene
INDODANA yoMntwana waKwaPhindangene, uMntwana uZuzifa Buthelezi, itshele amakhosi aseNdlunkulu kaZulu ukuthi umndeni wayo wenqabile uma uMntwana Simakade efuna ukuzowubona njengoba uyise ubazi iSilo uMusizulu kaZwelithini kuphela njengeSilo samaZulu.
Izolo ngoLwesithathu, amakhosi aseNdlunkulu abebizwe wumndeni kaShenge KwaPhindangene ukuyogezwa, kulandela ukukhothama kwakhe.
“Sithole umbiko wokuthi uMntwana uSimakade ufisa ukuzohlanganisa amehlo nathi njengomndeni wakwaButhelezi, savuma ngoba uvumelekile lapha ekhaya njengoMntwana.
“Ngokuhamba kwesikhathi, sithole ukuthi ufuna ukuza njengeSilo, kwase kudingeka ukuthi sihlangane siludingide lolu daba njengomndeni, ngoba ubaba ubazi uMisuzulu kaZwelithini njengeSilo.
“Yilokho okwenze sangavuma ukuba eze ngoba nathi sazi iSilo sisinye,” kusho uMntwana uZuzifa etshela amakhosi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMsombululo Isilo uMisuzulu besihambele KwaPhindangene, siyokhalisana nomndeni ngemuva kokukhothama kukandunankulu waso.
Isilo siveze ukuthi okunye esikuthande kakhulu kuShenge wukumela kwakhe iqiniso ngobunikazi besihlalo sobukhosi, kwaze kwaba sekugcineni.
Ubonge amakhosi abephume ngobuningi bawo kutshwalwa iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ongumsunguli weqembu i-IFP, ngoMgqibelo.
INkosi uSifiso Shinga, enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, ibonge ukusukumela phezulu kwamakhosi uma ethola isimemo sokuyogezwa KwaPhindangene.
“Siyabonga kakhulu ngokuthi uma umndeni wakwaShenge usibiza njengamakhosi, sisukumele phezulu.
“Siyabonga nangamaguqa akhishwe ngumndeni wakwaButhelezi ukugeza amakhosi.
“Ubudlelwano obebukhona phakathi kwethu noShenge ngeke buphele ngoba uMntwana wakwaPhingandene ubengubaba kithina.
“Lobu budlelwano busazoqhubeka, kwaPhindangene kusazoba yisekhaya kithina singamakhosi.
“Kayikho inkosi ezoza oLundi ingadluli KwaPhindangene ukuzobingelela.
“Siyakholelwa ezimfundisweni zoMntwana waKwaPhindangene, noma engasekho ngiyacela ukuthi singamakhosi singazikhohlwa,” kusho yena.
Amabutho agezwe ngamaguqa amabili kwathi amakhosi agezwa ngamahlanu.
Usihlalo weNdlu yamaKhosi namaKhoi-San kuzwelonke, iNkosi Phathizwe Chiliza nayi ibikhona.