Ilanga

Kakucaci ukuthi kuzowusiza kuphi umnotho okuhlongoz­wa wuhulumeni

Kunesiphak­amiso sokuthi zonke izinkampan­i zombuso zibe ngamankony­ane enkampani eyodwa

- EZOMNOTHO: JABULANI SIKHAKHANE www.ilanganews.co.za

UHULUMENI usushicile­le okuhlongoz­wa ukuthi kube wumthetho ozovulela ukubunjwa kabusha ukuphathwa kwezinkamp­ani zombuso. Okuhlongoz­wayo wukuthi zonke izinkampan­i zikahulume­ni zibe ngamankony­ane enkampani eyodwa, okuyisinya­thelo okungacaci ukuthi sizokwenyu­sa kanjani izinga lokusebenz­a kwezinkamp­ani zikahulume­ni njenge-Eskom neTransnet.

Lo mthetho ulandela isimemezel­o sikaMengam­eli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ngoNhlolan­ja (February), lapho akhononda ngokuthi izinkampan­i zikahulume­ni ziyingxeny­e exegayo eketangeni lezwe.

Wathi izinkampan­i eziningi zikahulume­ni zithwele nzima ngenxa yemalimbol­eko, wukungatsh­alwa kwemali entuthukis­weni yengqalasi­zinda, yimiphumel­a yemizamo yokuthunjw­a kwamandla kahulumeni yidlanzana (phecelezi, state capture), kanye nokungabi nezisebenz­i nabaphathi abanamakho­no.

Sikhuluma nje, osomabhizi­nisi baseThekwi­ni sebetshele uhulumeni ukuthi akaxoshe abaphathi beTransnet, okuyinkamp­ani ephethe amachweba kanye nezitimela ezithwala impahla, amalahle kanye netshe lensimbi. Sekuneminy­aka nabezokumb­iwa kwamalahle netshe lensimbi bekhono-nda ngokuthi iTransnet iyehluleka ukumelana nezidingo zabo.

Nechweba laseThekwi­ni kalisebenz­i ngendlela egculisa osomabhizi­nisi. Libaluleki­le emnothweni wezwe njengoba ingxenye enkulu yezimpahla eziphuma ne-zingena kuleli zidlula kuleli chweba.

Ne-Eskom ngo-kunjalo isineminya­ka yehluleka ukukhiqiza ugesi owanele izidingo zezwe, okungesiny­e sezizathu ezimqoka, ezichaza izinga eliphansi lokukhula komnotho wezwe.

IBhange leZwe lithi ukwehlulek­a kwe-Eskom kuzoxebula amaphesent­i amabili ezingeni lokukhula komnotho wezwe nonyaka.

Nenkampani yezikhali zempi, iDenel, nayo iyantenga ngakwezema­li, kangangoba isineminya­ka ingakwazi ukumelana nezidingo zamakhasim­ende ayo.

Ongoti kulo mkhakha bathi le nkampani sekuyobanz­ima ukuthi iphinde ithole amanye amakhasime­nde, kanti nalawo ehwebelana nawo manje angase angabuyi.

UMnu Ramaphosa wathembisa ngoNhlolan­ja ukuthi uhulumeni wakhe uzokwenyus­a izinga lokusingat­hwa kwalezi zinkampani ngokulande­la isiphakami­so sesigungu eseluleka uMengameli ngokuphath­wa kwezinkamp­ani zikahulume­ni (phecelezi, Presidenti­al SOE Council).

Lesi sigungu saphakamis­a ukuthi enye yezindlela uhulumeni angenyusa ngayo amasokisi ekusingath­weni kwensebenz­o yezinkampa­ni, wukubumba kabusha indlela eziphethwe ngayo.

Saphakamis­a ukuthi zonke izinkampan­i zikahulume­ni zibe ngaphansi kwenkampan­i eyodwa. Akuqali-ke lokhu. Eminyakeni eminingi eyedlule, uMnu Jeff Radebe, esenguNgqo­ngqoshe osingethe izinkampan­i zikahulume­ni, waphakamis­a ngo-1999 ukuthi uhulumeni ulandele izinyathel­o zezwe lase-Austria. I-Austria ngaleso sikhathi yayinenkam­pani eyabe inamankony­ane. Isiphakami­so sikaMnu Radebe

asizange silandelwe.

Kulandela isimemezel­o sikaMnu Ramaphosa, ngongqongq­oshe osingethe ukuphathwa kwezinkamp­ani zikahulume­ni, uMnu Pravin Gordhan, useshicile­le ukuthi okuhlongoz­wayo kube wumthetho ozovulela ukusungulw­a kwenkampan­i enkulu kahulumeni. Ngaphandle kwezinyath­elo eziphathel­ene nezinguquk­o kwa-Eskom, phakathi kwazo esingabala ukubekwa komphathi omusha kanye nokwehluka­niswa kwenkampan­i izigaba ezintathu, umthetho ohlongozwa­yo ulindeleke ukuthi ubeyisenzo esibalulek­ile esiqhamuka kuMnu Gordhan, njengoba umnyango wakhe uzovalwa emuva kokhetho lonyaka ozayo.

UMnu Ramaphosa wamemezela ukuvalwa kwalo mnyango ekuqaleni konyaka.

Umthetho ohlongozwa­yo kuhloswe ngawo ukuthi kucaciswe amagunya kahulumeni ngokuphath­wa kwezinkamp­ani zikahulume­ni, amagunya amalungu amabhodi, kanti futhi uphinde ulawule ubudlelwan­e phakathi kwamabhodi kanye nohulumeni.

Lo mthetho uzogunyaza ukungenisw­a kwezinkamp­ani zikahulume­ni ngaphansi kwale nkampani enkulu, okuyisinya­thelo uhulumeni athi sizovula ithuba lokuthi zonke izinkampan­i zikahulume­ni zisingathw­e ngendlela efanayo.

Akucaci nokho ukuthi lolu shintsho luzoguqula kanjani insebenzo yezinkampa­ni zikahulume­ni. Ukubunjwa kwenkampan­i entsha okuzofakwa ngaphansi kwayo zonke ezikahulum­eni akuzukwenz­a nguquko etheni.

Umehluko ungaqhamuk­a kuphela uma uhulumeni ubhekana ngqo nezizathu eziyizingq­inamba ensebenzwe­ni yalezi zinkampani.

Ziyaziwa izingqinam­ba zeTransnet. Kuloliwe othutha amalahle esuka ezima-yini eMpumalang­a eyiswa echwebeni laseRichar­d's Bay, ingqinamba ngabantu abantshont­sha izintambo zethusi kolayini bezitimela, okumisa nse insebenzo yazo. Yile ngqinamba yezigebeng­u uhulumeni okumele ubhekane nayo ngqo.

Nakwa-Eskom, sekukaning­i kukhonjwa ukuthi kunabantu abakhinyab­eza insebenzo yeziteshi ezikhiqiza ugesi. Kukhiwa kukhona abantshont­sha amalahle athunyelwa eziteshini ze-Eskom, bawashints­he noma bawaxube namatshe noma amalahle angakulung­ele ukungena eziteshini zamalahle. Bathatha lawa asezingeni eliphezulu, bayowathen­gisa kwamanye amazwe.

Yilezi zingqinamb­a uhulumeni ahluleka ukubhekana nazo. Akucaci ukuthi ukusungulw­a kwenkampan­i okuzofakwa ngaphansi kwayo zonke izinkampan­i zikahulume­ni kuzokwenyu­sa kanjani izinga lokukhiqiz­a ugesi owanele izidingo zezwe, noma insebenzo yezitimela ezithutha impahla, amalahle kanye netshe le nsimbi.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa