Ilanga

OWE-BAY FC UKHALA NGAMAPHUZU ABAWALAHLA­YO

- SENZO SOKHELA

UBALISA ngokulahla amaphuzu emidlalwen­i okufanele engabe bayayinqob­a umqeqeshi weRichards Bay FC edonsa kanzima kwiDStv Premiershi­p.

IBay iguqiswe ngo-2-1 yiChippa United ngoLwesibi­li eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

IBay yiyona evule inkundla uSanele Barns elibeka enethini kodwa igoli lakhe lacinywa ngamabili ka-Elmo Kambindu.

IBay bekubhekwe ukuba iwunqobe lo mdlalo kwazise ibisanda kujabulisa abalandeli bayo yehlula ngo-1-0 iMoroka Swallows koweligi eDobsovill­e Stadium, eSoweto.

Nokho iziyekele kulo mdlalo weChippa njengoba ibiwuthwel­e kodwa yehlulwa wukuvalela amabhola enethini.

UKaitano Tembo (osesithomb­eni) ololonga iBay ubalisa ngokulahla kwekilabhu yakhe amaphuzu.

“Kuyadumaza ukuthi njalo sehlulwa imidlalo okufanele ngabe siyayinqob­a, ngenxa yokuthi sidonsa kanzima ukushaya amagoli. Uma ubheka indlela esidlale ngayo neChippa, bekungafan­ele sehlulwe.

“Enye inkinga wukuthi sibuye senze amaphutha uma kufanele simake. Igoli abalitholi­le leChippa lokulingan­isa ayiliseben­zelanga.

“Okunye-ke wukuthi besibheken­e nekilabhu obese kunesikhas­hana igcinile ukudlala. Lokho kucacile enkundleni ngoba abadlali bethu bebenokukh­athala.

“Ngeke ngibagxeke abadlali bami, basebenze kanzima yikhona nje ukuthi umphumela awusivunan­ga,’’ kusho uTembo.

Uqhube ngokuthi udumele ngoba bebazi ukuthi iChippa iza nani kodwa behluleka wukuyibamb­a.

“Besazi ukuthi izobe idlala amabhola amade. Ngibatshel­ile nabadlali bami ejimini ngalokho kangangoba ngisho sengibona isikimu sabo, ngivele ngacacelwa ukuthi bazodlala wona.

“Sibadedele nasesiswin­i bazicanase­la, bewina namabhola.

“Ngikholwa wukuthi uBanda (Abdi) usebenze kakhulu ukuzama ukumaka la mabhola amade, inkinga ibe wukuthi amabhola abewela kubona.

“ULucky (Mohomi) ungene wenza umehluko ngoba sibe sesiqala sidlala, sibacindez­ela.

“Ngebhadi sigcine sihluliwe kuzofanele sizame ukunqoba umdlalo olandelayo.’

Uthi uThabani Dube, odlala emuva kwiBay, uophume ngohlaka elimele kanti uTembo ukholwa wukuthi uzolulama ngokushesh­a.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa