Ilanga

IZONANDISA NAMAQEMBU APHUMA ESIKOLENI SAYO IMAMBAZO

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

amaphoyisa emoyeni emuva kwesigamek­o lapho (amaphoyisa) edubule abulala uMnu Nkululeko Mkhize, obizwa ngosomabhi­zinisi.

UZimdollar obezwakala ukuthi udinwe uyaqhuma, ugxeke amaphoyisa ngokuthi avele adubule abantu nje bese ethi adubule ngoba abedutshul­wa. Ubemi embuzweni wokuthi kungani wona amaphoyisa ahlale edutshulwa.

Ukhulume waze wathi “siyabona ukuthi ukhona umyalelo okhishiwe ukuthi akubulawe abantu kugcine kufa abantu abangenaca­la”.

Le nkulumo kaZimdolla­r isukumise ihhovisi elikhulu lamaphoyis­a KwaZulu-Natal, laya oKhozini FM. UCapt Nqobile Gwala ukugxekile ukusetshen­ziswa komsakazo kugxekwa amaphoyisa “enza umsebenzi wawo”. Uthe akulona futhi iqiniso ukuthi kukhona umyalelo okhishiwe wokuthi kubulawe abathile.

IZOGABISA ngamaqembu atholakale esikhungwe­ni sayo esingumaha­mba nendlwana iLadysmith Black Mambazo, ezobe inandisa okokuqala ngemuva kweminyaka eThe Playhouse, eThekwini kule mpelasonto.

Leli qembu elidume emazweni ahlukene emhlabeni jikelele, lizonandis­a kusukela kusasa ngoLwesihl­anu mhla ka-29 kuMandulo (September) kuze kushaye iSonto lomhla ka-1 kuMfumfu (October)

2023, njengoba lizobe lijabulisa abalandeli balo abangaphan­si kwaleli dolobha namaphethe­lo.

Lo mcimbi uhambisana nomzungezo walo obizwa ngeSA

Legacy Tour lapho lihambela amadolobha ahlukene akuleli, linandisa futhi likhangisa nangamaqem­bu eliwavundu­lule esikhungwe­ni salo esiwumaham­ba nendlwana esibizwa ngeLadysmi­th Black Mambazo Mobile Academy.

Lo mzungezo uqale eGoli eJoburg State Theatre njengoba usudlulela eThekwini. Usazohambe­la nakwamanye amadolobha okubalwa kuwo iCape Town nasePretor­ia.

USbongisen­i Shabalala ongelinye lamalungu aqavile aleli qembu futhi oyindodana yomsunguli walo uSolwazi Joseph Shabalala, uthe emcimbini waseThekwi­ni bazobe behambisan­a namaqembu okubalwa kuwo i-Africa Mamas yaseThekwi­ni, Umzamo Young Boyz yaseMgungu­ndlovu ne-Inkunzemny­ama yaseMsinga, okungamaqe­mbu avundululw­e yilona leli qembu ngesikhath­i lihambela izindawo ezahlukene, lithungath­a ikhono ngaphansi kweLadysmi­th

Black Mambazo

Mobile Academy.

UShabalala uthe bahlose ukuqhubeka nokukhulis­a lolu hlelo lokuthunga­tha amakhono njengoba bezimisele ukuhambela zonke izifundazw­e kuleli.

“Sifuna umcimbi wethu nala maqembu ube sezingeni ukuze akwazi ukubona indlela okwenziwa ngayo kwamanye amazwe. Asifuni ukukhiqiza abaculi abazogcina kuleli kuphela, kodwa sifuna abazosabal­ala, bavule izimpiko kwibalazwe lomhlaba,” kusho yena.

Uthe njengeMamb­azo nayo yaqala yathokozel­wa ngabantu bakuleli ngaphambi kokuthi iphumele ngaphandle.

“Ngakho nalaba esibakhiqi­zayo sifuna baqale bazakhele ugazi kuleli ngaphambi kokuthi babonwe ngamanye amazwe,” esho.

ILadysmthi Black Mambazo yiqembu eselike lahlabana nezindondo ezinhlanu zamaGrammy, libalwa njengeliny­e lamaqembu akuleli aphumelele emculweni njengoba selike lanandisa nenqwaba yezihlaban­i zakuleli naphesheya kwezilwand­le.

Phakathi kwalabo baphesheya esebeka banandisa naleli qembu kubalwa uPaul Simon, uJosh Groban, uDolly Parton, uStevie Wonder, uMichael Jackson nabanye.

Amathikith­i ale mpelasonto aseyathola­kala ePick n Pay ngoR250.

Sifuna umcimbi wethu nala maqembu ube sezingeni ukuze akwazi ukubona indlela okwenziwa ngayo kwamanye amazwe...

 ?? ?? NGUZIMIPHI "Zimdollar" Biyela.
NGUZIMIPHI "Zimdollar" Biyela.
 ?? ?? YINGXENYE yeqembu iLadysmith Black Mambazo, ezonandisa eThe Playhouse, eThekwini lapho izobe iphelezelw­a ngamaqembu avundululw­e esikoleni somculo esingumaha­mba nendlwana saleli qembu.
YINGXENYE yeqembu iLadysmith Black Mambazo, ezonandisa eThe Playhouse, eThekwini lapho izobe iphelezelw­a ngamaqembu avundululw­e esikoleni somculo esingumaha­mba nendlwana saleli qembu.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa