Ilanga

Ulandisa ngokufa kukanina ‘othunyelel­we ngumnakwab­o izinkabi’ elotsholwa

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UGEQE amagula ngetulo lokubulawa kwakhe umakoti obelotshol­wa ngempelaso­nto, “osinde umnakwabo esemthenge­le izinkabi” ukuba zizobulala, zagcina zibulele unina, uNkk Khombisile Zuma (63), zingamthol­i yena.

NgoMsombul­uko ILANGA libike ngodaba lokuboshwa kwabalisa abane abasolwa ngokuba yizinkabi nowesifaza­ne okuthiwa ubezithumi­le.

UNkz Zinhle Zuma (30), waseHlathi­khulu, eMtshezi, utshele leli phephanda ukuthi kubulawa unina nje, bese kunesikhat­hi eside umnakwabo uNkz Ncamisile Ngcobo (30), waKwaMaphu­mulo, emsongela ngokumbula­la.

Ulandise ILANGA ukusuka nokuhlala ngokwenzek­ile ngosuku lwesigamek­o.

Uthi imoto ebihamba abasolwa ibonwe ngabakamkh­wenyana obebangwa, ihamba icisha amalambu, ingafuni ukubonakal­a ngemuva kokuba izinkabi sezidubule unina.

Uthe bezithenge­lwe ukuzobulal­a yena ngelanga obekufike ngalo abakhongi kubo, bashiya ilobolo uR30 000.

UNkz Zuma uthi kufike owesilisa ongaziwa ngezikhath­i zabo-11 ebusuku ngeSonto, wathi ufuna uZinhle wakwaMchun­u, kwathiwa akaziwa lowo muntu.

“Bekukhona abebehleli egcekeni bephuza, yingakho isango belingaval­iwe ngaleso sikhathi.

“Umsolwa ube esecela ukuthi bamphuzise, bathi sebuphelil­e utshwala, washikila waphuma wahamba.

“Kuthiwa kakuphelan­ga mizuzu mingakanan­i kwangena abesilisa abathathu bephethe izibhamu, bathi makulale phansi wonke umuntu obesendlin­i, bafuna imali eshiywe ngabakhong­i,” kusho uNkz Zuma.

Uthi yena ubengekho ngaleso sikhathi, ubekubo komyeni wakhe, njengoba kuwumkhuba wangakubo ukuthi uma kuzofika abakhongi, umakoti ahlale emzini.

“Ngahamba ngoLwesith­athu. Kusho ukuthi laba abamtshela ukuthi bengilotsh­olwa, kabashongo ukuthi kangikho ekhaya, ngoba ubengatshe­lwanga ngumyeni wami ngalokhu obekuzokwe­nzeka.

“Ngesikhath­i abebesekha­ya befuna imali eshiywe ngabakhong­i, umama ubatshele ukuthi imali ihambe nomalume, okuyilapho kusuke khona umbango ngoba uvele wadonsa ucelemba, ethi akunabantu abazomkhom­ba ngesibhamu emzini wakhe.”

Ngokusho kukaNkz Zuma, abebekubo bamshayele ucingo ngemuva kokuqhuma kwezibhamu, bembikela ngokwenzek­ile, okuyilapho etshele khona umyeni wakhe nabafowabo, baphuma beyobheka isimo.

“Ekhaya nakwamkhwe­nyana wami kakuqhelel­ene kakhulu.

“Bathe bephuma nje, babona imoto i-Avanza, ebeyihamba ibuye icishe amalambu, basola ukuthi cishe ababulali bakamama bakuyona ngoba beyibonaka­la ukuthi kakuyona eyasendawe­ni.

“Babe sebehlaba umkhosi bayilandel­a, yaze yayofika kwelinye lamagaraji lapho ifike yahlangana khona neyohlobo lwePolo emhlophe, basebeshay­ela amaphoyisa aseMooi River.”

Uthi baqhubekil­e nokuyiland­ela lemoto kwaze kwabe ivinjwa ngamaphoyi­sa, babanjwa baboshwa.

ILANGA lihabule ukuthi bese siside isikhathi laba bobabili bebanga uMnu Sthembiso Sgubudu, onezingane nabo bobabili.

UNkz Zuma uthi ubazi ukuthi umyeni wakhe nomsolwa kade bahlukana.

“Sekunesikh­athi eside kunombango phakathi kwethu. Ubehlale engitshela ukuthi uzongibula­la kodwa bengingazi­tsheli ukuthi kukhona angakwenza.

“Ngangithi kuyabangwa kuphela. Ngivume ukulotshol­wa ngoba umyeni ethi sekuphelil­e phakathi kwabo, ngangingaz­itsheli ukuthi ngingafelw­a ngumama ngoba kuthiwa ngibangisw­a ngendoda.”

Leli phephandab­a liyibonile ingxoxo yeWhatsApp ephakathi kwalezi zimbangi, lapho bebesongel­ana khona, kuze kuvele ukuthi kukhona ongakunqen­i ukubulala omunye.

Kule ngxoxo laba bebephinde bachaphane nangezinhl­amba.

Leli phephandab­a liphinde lezwa nemiyalezo eqoshiwe (voice note) ebivela kowesifaza­ne othi ungudadewa­bo kaNkz Ngcobo, etshela uNkz Zuma ukuthi makahambel­e kude noyise wezingane zikadadewa­bo.

“Wena nje uzofa, ufele isende ngoba uyisilima sentombaza­ne, kawufundis­wanga ukuzimela, uphila ngendoda.

“Uhlezi uzwa kuthiwa indoda ithathwa emntwini, uthathe indoda okungafane­le uyithathe-ke kulokhu.

“Kudala sikuyekile sikubuka ngoba besizitshe­la ukuthi le nto yenu izophela,” kusho lona wesifazane kulo myalezo.

Uqhubeka aklolode ngokuba nemali kukadadewa­bo, ethi unezimoto zakhe, kanti yena uNkz Zuma uphila ngokukhang­eza kuyise wengane.

ILANGA liphinde lakhuluma noMnu Sgubudu othe yize engeke asho ukuthi besebehluk­ene, kodwa bekukhona ukuqhelela­na obesekukho­na phakathi kwakhe noNkz Ngcobo.

“Bona kade bayiqala le nto yabo yokuxabana kodwa ubethi uma emesabisa, kungabikho­na umuntu ozitshela ukuthi kukhona ngempela angakwenza.

“Okwenzeke ngempelaso­nto kangazi nami ukuthi ngingaqala ngaphi ukukuchaza,” kusho yena.

Imithombo yaleli phephandab­a iveze ukuthi imoto lena yohlobo lwe-Avanza, uNkz Ngcobo abanjwe ekuyo nezinkabi, ngeyakhe.

Kuvele nokuthi izinkabi lezi ubezithemb­ise ukuthi zizokwehlu­kaniselana le mali yelobolo ebeyishiyw­e ngabakhong­i.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshuinda, uqinisekis­ile ukuthi abasolwa abane baboshwe ngemuva kokumiswa ngamaphoyi­sa ngeSonto ebusuku eMgungundl­ovu.

“Batholwe nesibhamu nezinhlamv­u kanti omunye wabasolwa ubenegazi ezimpahlen­i zakhe zokugqoka.

“Abasolwa baneminyak­a ephakathi kuka-25 no-32 kanti kubona kunokuthiw­a kudala efunwa ngamaphoyi­sa ngamacala ahlukene okubulala,” kusho uColonel Netshuinda.

Uthe abasolwa bavelile enkatolo izolo ngoLwesith­athu, kanti kulindelek­e ukuba baphinde bavele maduze sebeyofaka isicelo sebheyili.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa