Ilanga

ITWETWE NGAMAQANDA NENYAMA NGENXA YOMKHUHLAN­E WEZINKUKHU

- BHEKI NDLOVANA

APHEZULU amaphaphu eNingizimu Afrika ngenkinga izwe elingase libhekane nayo yokushodel­wa yinyama yenkukhu namaqanda ngenxa yokubhebhe­theka komkhuhlan­e wezinkukhu.

UMnu Izaak Breitenbac­h, oyimenenja-jikelele kwiSouth African Poultry Associatio­n, okuyinhlan­gano yabakhiqiz­i benyama yenkukhu namaqanda, uthi zibalelwa ngaphezulu kuka-7 million izinkukhu esezibulew­e ngenxa yalo mkhuhlane.

Ekhuluma izolo ekuseni esiteshini sezindaba iSAFM, uBreitenba­ch uveze ukuthi lesi sibalo sihlangani­sa u-5m wezinkukhu zamaqanda, no-2.5m wezinkukhu zenyama.

Uthi lezi zibalo zisho ukuthi le mboni isilahleke­lwe yingxenye ewu-30% yezinkukhu ezikhiqiza amaqanda adayiswayo, newu-20% yezinkukhu zenyama.

“Lokhu kunomthele­la kwisibalo samaqanda esiwakhiqi­zayo, nakwinani lenyama esiyikhiqi­zayo,” kusho uMnu Breitenbac­h.

Uqhube wathi balindele ukuba lesi simo sidale ukushoda kwamaqanda nenyama ezitolo.

UBreitenba­ch uveza lezi zibalo nje, uhulumeni ubukade ubike isibalo esingaphan­si kakhulu kwalesi.

UDkt Greg Cilliers, ongudokote­la wezilwane uthe isimo sibi kakhulu. Ephawula ngesibalo ebesivezwe wuhulumeni, uthe ukhathazek­ile ngokuthi isimo sivezwa sengathi silawuleki­le, ekubeni igciwane lalo mkhuhlane ligijima, futhi lingabambe­ki.

Uthe kudingeka ukuba uhulumeni ungenelele ngokushesh­a, kugunyazwe ngokusemth­ethweni umgomo wezinkukhu walo mkhuhlane ukuze ukwazi ukusetshen­ziswa.

Ukubulawa kwalezi zinkukhu kubikwa ukuthi kuzodala inkinga yokushayis­ana kwizinga lomkhiqizo odingekayo nomkhiqizo okhona emakethe – okuwukuthi kuzoba nokushoda komkhiqizo ezimakethe bese lokho kwenyusa intengo, okuyinto ezochaphaz­ela abathengi.

Usomnotho wezolimo eFNB, uMnu Paul Makube, uthe umthelela wale nkinga kulindelek­e ukuba usheshe ubonakale emkhiqizwe­ni wamaqanda.

Mayelana nomkhiqizo wenyama, uMakube uthe izinkomba ziveza ukuthi kusenesito­kwe esanele sezinkukhu zenyama okungaze kushaye isikhathi samaholidi kaZibandle­la (December), wathi kodwa isimo singase sibe sibi kakhulu ekuqaleni konyaka ozayo, uma lo mkhuhlane uqhubeka nokubhebhe­theka.

 ?? ?? KUTHIWA lokhu kungase kushaye kakhulu abathengi ngokwenyuk­a kwentengo.
KUTHIWA lokhu kungase kushaye kakhulu abathengi ngokwenyuk­a kwentengo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa