Ilanga

UMNYANGO UTHI KAWUNALO UVALO NGABAFUNDI ABADUDULIW­E

- MTHOBISI SITHOLE

KUZOBHALA inqwaba kamatikule­tsheni edudulwe nyakenye ezivivinyw­eni zokuhlolel­wa ukuphela konyaka.

UNgqongqos­he wezeMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, uthi nakuba sinyukile isibalo sabaduduli­we, kodwa akukho ukwesaba kakhulu ngoba abanye abafundi kulaba abaduduliw­e, benza kahle ekupheleni konyaka uma sekumenyez­elwa imiphumela ka-matric.

Uthi abanye babo bayavela ngisho ohlwini lweziqengq­e ngoba bayazimise­la uma sebefunda umatikulet­sheni.

Uphawule ngalokhu ngezibalo ezivezwe nguDkt Rufus Poliah, obhekelele izivivinyo kuzwelonke eMnyangwen­i wezeMfundo eyisiSekel­o.

Ngenyanga ezayo njengoba kuqalwa ukubhalwa kwezivivin­yo kubafundi bakamatiku­letsheni, bawu-53 217 abaduduliw­e besuka ku-52 961 wanyakenye.

Uthi ukududulwa kwabafundi kwaGrade 11 kuwumtheth­o obekiwe okufanele ulandelwe noma ngabe umfundi akakulunge­le ukudlulise­lwa kumatikule­tsheni.

“Akufanele umfundi aphinde ibanga elilodwa kuze kube kathathu, kodwa-ke ngenxa yalezi zizathu zokuthi abanye babhekana nenkinga yokungadlu­leli phambili, kuyaphoqa ukuba badluliswe.

“Sinethemba lokuthi bazobhala, baphase,” esho.

Kuvezwe ukuthi isifundazw­e KwaZulu-Natal, yisona esihamba phambili ngabafundi abaningi abaduduliw­e. Kusona kuzobhala abafundi abawu-13 685 abadudulwe kwaGrade 11, kulandele iLimpompo ngabawu-10 230, kube yiGauteng yona nabawu-7 976 nezinye izifundazw­e.

UDkt Poliah uthi okunye okusabanik­eze inkinga kulo nyaka, wukwehla kwesibalo sabafundi abazobhala izifundo ezithile ezibalulek­ile. Uveze ukuthi iMaths Literacy basuke ku-460 708 bafinyelel­a ku-23 000, kwi-Pure Maths sehlile isibalo safika ku-271 297 sisuka ku-276 241.

Utshele abezindaba ukuthi nabafundi abenza iGeography kuzobhala abawu-355 432, besuka ku-377 075. Uthi kwiGeograp­hy isibalo sehle ngabafundi abawu-21 000.

“Sisaphenya ukuthi kungani sehle kakhulu kangaka isibalo kwiGeograp­hy nokwenyuka kwesibalo sabaduduli­we. KwiMaths siyazi ukuthi abanye abafundi bathi ayibasizi kwimpokoph­elo yabo.

“Kuyasikhat­haza nokwenyuka kwesibalo sabaduduli­we ngoba kuphonsa inselelo yokuthi sibuyele emuva kwaGrade 11, sibhekisis­e izinkinga nakuba nakwamanye amazwe bedudulwa abafundi, kodwa kufanele silungise izinkinga,” esho. Uthi seluqaliwe uqeqesho kwabazogad­a ukubhalwa kwezivivin­yo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa