Ilanga

'Zingaphezu­lu kuka-3000 izikole ezingalawu­leki kuleli'

Lokhu kubandakan­ya udlame, ukukhulelw­a kwabafundi, ukuhlukume­za nezidakami­zwa

- MTHOBISI STHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

ZINGAPHEZU­LU kuka-3000 izikole ezingalawu­leki kuleli. Lokhu kudalulwe nguNgqongq­oshe weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, ngeSonto esithangam­ini nabezindab­a ngombiko wakamuva othinta izikole zaseNingiz­imu Afrika.

UNkk Motshekga uthi izifundazw­e ezihamba phambili ngesibalo sabafundi abangaphat­heki yiKwaZulu-Natal, yi-Eastern Cape, yiWestern Cape neGauteng.

Uthi phakathi kwezinto eziyizinko­mba zokungapha­theki kwalezi zikole, kubalwa udlame kubafundi, ukukhulelw­a kwabo, ukuhlukume­za ngezindlel­a ezehlukene, nezidakami­zwa.

Uveze ukuthi zonke lezi zinto ziphazamis­a ukukhulise­ka ngendlela enhle kwabafundi.

“Kubaluleki­le ukubambisa­na emphakathi­ni.

“Siyabading­a abaholi bomdabu, abezenkolo nabantu abaneqhaza lokwakha ngesihle emphakathi­ni.

“Nakuba ikhona imigomo ebekelwe abantwana ukuba baziphathe ngokulande­la yona ezikoleni (code of conduct), kodwa ngeke ilandeleke yonke ngendlela esifisa ngayo uma singabambi­sene nabazali ekwakheni abantwana abanekusas­a eliqhakazi­le, nabazophat­heka ngenhlonip­ho ukuze baphumelel­e esikoleni,” co-ordinator. kusho uNkk Motshekga.

Unxuse ukuba umphakathi ubabonge othisha abasebenza ngokuzimis­ela emiphakath­ini njengoba uMfumfu (October) kuyinyanga yokubabung­aza (othisha).

Uveze nokuthi mhla ka-5 kwephezulu, kuzogujwa uSuku loThisha ngomcimbi osezingeni likazwelon­ke eHeartfelt Arena, ePitoli, okulindele­ke uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ukuba abeyingxen­ye yawo.

Utshele abezindaba ukuthi ukwesekwa kothisha kungaphans­i kohlelo lomnyango olubizwa ngeTeacher­s Appreciati­on And Support (TASP).

“Othisha basebenza umsebenzi omuhle kakhulu.

“Okuncane nje okuyizipho okubhekisw­e kothisha kule nyanga, kungabajab­ulisa kakhulu, babongwe ngomsebenz­i abawenzayo bedlula ezimeni ezinzima,” esho.

Uthe njengoba kuqalwa ukubhalwa kwezivivin­yo zabafundi bakamatiku­letsheni mhla ka-30 kwephezulu, ucela abazali ukuba banikeze abafundi ithuba lokuzilung­iselela.

Uthi uMnyango wezeMfundo, ukwenze konke okusemandl­eni.

“Izinhlaka zethu zokuqeqesh­a u-matric, zikwenzile konke okusemandl­eni azo.

“Osekusele wukuthi abazali banikeze abantwana isikhathi sokufunda esanele.”

Uthi bangaphezu­lu kuka-723000 abafundi abazobhala, ezikhungwe­ni eziwu-6 800 ezweni lonke kanti izivivinyo zizophothu­lwa mhla ka-15 kuZibandle­la (December).

UNkk Motshekga ubonge intsha ebiqashelw­e ukusiza ezikoleni njengoba ziphelile izinkontil­eka zayo ngoMgqibel­o.

Uthi imisebenzi yayo inconywe kakhulu ezikoleni ebitshalwe kuzona.

 ?? ?? UBUHOLI obusha beNFP eKZN, obukhethwe engqungqut­heleni ebiseNewca­stle ngempelaso­nto. Kusuka kwesobunxe­le nguMnu Zethembe Ngobese oyisekela likanobhal­a, nguNkk Zodwa Mtshali ongunobhal­a, nguMnu Simphiwe Khumalo oyisekela likasihlal­o, nguNkz Mbali Shinga ongusihlal­o, nguMnu Sifiso Mdluli ongumngcin­imafa noMnu Khaya Khumalo oyi-project
UBUHOLI obusha beNFP eKZN, obukhethwe engqungqut­heleni ebiseNewca­stle ngempelaso­nto. Kusuka kwesobunxe­le nguMnu Zethembe Ngobese oyisekela likanobhal­a, nguNkk Zodwa Mtshali ongunobhal­a, nguMnu Simphiwe Khumalo oyisekela likasihlal­o, nguNkz Mbali Shinga ongusihlal­o, nguMnu Sifiso Mdluli ongumngcin­imafa noMnu Khaya Khumalo oyi-project
 ?? ?? NGUNGQONGQ­OSHE weMfundo eyiSisekel­o uNkk Angie Motshekga.
NGUNGQONGQ­OSHE weMfundo eyiSisekel­o uNkk Angie Motshekga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa